Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
Ezinsukwini zokugcina zaleli zwe elidala elonakele, kubalulekile ukuba silondoloze ingubo yethu engokomoya nokuqapha singalokothi sikhohlwe ukuthi singamaKristu. (IsAm. 16:15) Khona-ke, kuyafaneleka ukuba isimiso sonyaka wenkonzo ka-2006 somhlangano wesifunda sithi ‘Gqokani Ubuntu Obusha.’—Kol. 3:10.
Usuku Lokuqala: Uchungechunge lokuqala olunesihloko esithi, “Bonakalisa Izici Zobuntu Obusha,” luyoqokomisa indlela esiyozuza ngayo kuzo zonke izici zokuphila kwethu ngokuhlakulela ubuntu obusha. Sibuhlakulela kanjani ubuntu obusha? Lokho kuyodingidwa enkulumweni ethi “Ziqeqeshe Kanzima Ukuze Uzindle Ngendlela Efanele” nethi “Imfundo Ebumba Ubuntu Obusha,” okuyizinkulumo ezimbili zokugcina zosuku lokuqala.
Usuku Lwesibili: Ukuthi ubuntu obusha buyithonya kanjani indlela esisebenzisa ngayo ulimi lwethu kuyochazwa kabanzi ochungechungeni lwesibili oluthi “Ukuhlakulela Ulimi Lwabahlakaniphileyo.” Inkulumo yeningi enesihloko esithi “Ingabe Uyamnqoba Omubi?” iyoqokomisa isidingo sokuhlala siwaqaphile amaqhinga kaSathane. Inkulumo ethi “Zigcine Ungenalo Ibala Elivela Ezweni” nethi “Ukwenza Umuntu Esinguye Ngaphakathi Abe Musha Usuku Nosuku,” okuyizinkulumo ezimbili zokugcina zalo mhlangano wesifunda, ziyosisiza ukuba sigweme izimo zengqondo kanye nokuziphatha okungqubuzana nezindlela zikaNkulunkulu ezilungile nokuba sihlale siqotho ekukhulekeleni kwethu uJehova.
Yeka ukuthi sikulangazelela kanjani ukuthola lesi sikhuthazo sokuba sigqoke futhi silondoloze ubuntu obusha!