Ukubukezwa Komhlangano Wesifunda
Lokhu kwaziswa kuyosetshenziswa esimisweni soMhlangano Wenkonzo ngaphambi nangemva kokuba ibandla liye emhlanganweni wesifunda wonyaka wenkonzo ka-2006. Umbonisi owengamele uyohlela ukuba kwenziwe lokhu kubukeza ngaphambi nangemva komhlangano, njengoba kuchazwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 2004, ekhasini 4. Lapho sekubukezwa, kufanele kubuzwe yonke imibuzo, kugxilwe endleleni esingakusebenzisa ngayo ukwaziswa esakuthola kulo mhlangano.
USUKU LOKUQALA
1. Sibugqoka kanjani ubuntu obusha, futhi kungani kumelwe sibulondoloze?
2. Abanye baye bayandisa kanjani ingxenye yabo emsebenzini wokushumayela?
3. Kungani kumelwe sigweme ukuziqhathanisa nabanye?
4. Amalungu omkhaya angabubonakalisa kanjani ubuntu obusha ekhaya?
5. Singalisekela kanjani ibandla ngobuqotho?
6. Kungani kudingeka sibonakalise ubuntu obusha enkonzweni yasensimini?
7. Kuhilelani ukuzindla ngendlela efanele, futhi kusizuzisa kanjani ukuzindla ngaleyo ndlela?
8. Iziphi izimfanelo eziyosenza sibumbeke kalula esandleni sikaJehova?
USUKU LWESIBILI
9. Kubaluleke kangakanani ukusebenzisa ulimi lwethu ngendlela efanele?
10. Iziphi izinzuzo esizithola ngokusebenzisa inkulumo eyakhayo lapho sixoxa nabantu esisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni nalapho sixoxa nabanye?
11. Singasisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu esikweyabase-Efesu 4:25-32 lapho sisebenzelana namakholwa esikanye nawo ebandleni?
12. Iyiphi indlela ehlonipheke kunazo zonke yokusebenzisa ulimi lwethu?
13. Yini okumelwe siyenze ukuze sinqobe omubi?
14. Iziphi izici okufanele silwe kanzima kuzo ukuze sizigcine singenalo ibala elivela ezweni?
15. Kungani kumelwe senze umuntu esinguye ngaphakathi abe musha usuku nosuku, futhi singakwenza kanjani lokho?
16. Isiphi iseluleko osithole esimisweni salo nyaka somhlangano wesifunda ohlela ukusisebenzisa?