ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-July 11
INgoma 49
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Sebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 (uma kufaneleka ensimini yenu) wenze imiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-July 15 ne-Phaphama! ka-August 8. Kungasetshenziswa nezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu. Embonisweni ngamunye, bonisa indlela ehlukile yokuphendula ofuna ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Ngimatasatasa.”—Bheka incwadi ethi Ukubonisana, kk. 19-20.
15 imiz: Khuluma ngamalungiselelo ensimu engabelwe. Le ngxenye kufanele isingathwe umbonisi wenkonzo. Bukeza incwadi ephathelene nensimu engabelwe yango-May 31, 2005, usho nezincwadi ezizohanjiswa, izinsuku, indawo ezosetshenzwa, indawo yokulala namalungiselelo ezinto zokuhamba. Bakhona yini abangaba amaphayona asizayo? Amabandla angayi ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okusebenza insimu engasetshenzwa njalo.
20 imiz: “Ukufinyelela Abantu Abaningi Ngangokunokwenzeka.”a Lapho nixoxa ngesigaba 5, bukezani ukusikisela okusebenzayo ensimini yenu yebandla okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2005, ikhasi 8.
INgoma 88 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 18
INgoma 173
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani kafushane nge-Nqabayokulinda ka-August 15, 2000, ikhasi 32. Qokomisa izinzuzo zokunamathela esimisweni sokufunda iBhayibheli njalo, ngisho nalapho sisemaholidini nangezikhathi lapho izinhlelo zethu zansuku zonke ziphazamisekile.
15 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo—INgxenye 11.”b Makube nomboniso lapho umqhubi wesifundo seBhayibheli nommemezeli omusha belungiselela ukwenza impindelo. Babukeza okwenzeka ekuhambeleni kokuqala abese bekhetha iphuzu elifanelekayo abazoxoxa ngalo lapho bebuyela. Balungiselela nesingeniso esilula nombuzo abangawulengisa ukuze uphendulwe ngokulandelayo. Umboniso uphela sebelungele ukuprakthiza intshumayelo yabo abayilungiselele.
20 imiz: Siza Abanye Balazise IBhayibheli. Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo esekelwe encwadini ethi, Khulekela UNkulunkulu, emakhasini 24-5, izigaba 3-6. Sebenzisa imibuzo ehlelwe encwadini. Hlanganisa namaphuzu asencwajaneni ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, ikhasi 32.
INgoma 10 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 25
INgoma 138
15 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Yazisa ibandla ngamalungiselelo okugcina ensimu engabelwe ezoqala ngo-August 1. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 (uma kufaneleka ensimini yenu), makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-August 1 ne-Phaphama! ka-August 8. Kungasetshenziswa nezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu. Komunye umboniso, makuhanjiswe omagazini ngokufakaza ngokwethukela emakethe noma kwenye indawo yomphakathi efanelekayo.
10 imiz: Gxilisa Iqiniso Enhliziyweni Yengane Yakho. (Dut. 6:7) Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2002, amakhasi 30-1. Qokomisa izimiso eziseBhayibhelini ezinikeza iziqondiso zendlela umzali ongumKristu onomngane womshado ongeyena uFakazi angayiqeqesha ngayo ingane.
20 imiz: “Siyabakweleta Abantu.”c Hlanganisa namaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2000, ikhasi 11, isigaba 13.
INgoma 82 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 1
INgoma 187
15 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-July. Cela izilaleli zivule ikhasi 70 lencwadi ethi ISikole Senkonzo. Yibe usuxoxa nezilaleli ngezigaba 1-2 nangebhokisi elithi, “Indlela Yokuphendula Emihlanganweni.”
15 imiz: “Siza Izingane Zakho Zithuthuke Enkonzweni.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Makube nomboniso lapho umzali nengane besebenzisa intshumayelo elula. Umzali makaphethe le ntshumayelo ngokuchaza kafushane ilungiselelo lomnikelo.
15 imiz: Usuke Wayizama Yini Indlela Evumelana Nezimo? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2005, ikhasi 6. Bukeza ukusikisela okulapho, futhi ubonise indlela engasetshenziswa ngayo indlela evumelana nezimo lapho kuhanjiswa isipho sango-August. Makube nomboniso wentshumayelo eyodwa noma ezimbili.
INgoma 218 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.