Bakhubazekile—Nokho Bayathela
1 Uma ungomunye woFakazi BakaJehova abaningi abakhubazekile, inkonzo yakho isengaba ethelayo. Eqinisweni, izimo zakho zingakunika amathuba akhethekile okufakaza nokukhuthaza abanye.
2 Amathuba Okufakaza: Abaningi ababhekene nezinselele zokukhubazeka bahlanganyela ngokugcwele enkonzweni. Ngokwesibonelo, omunye udade okuhlinzwa kwakhe kwamenza wangakwazi ukukhuluma nokuhamba kahle wathola ukuthi angakwazi ukuhlanganyela emsebenzini kamagazini uma umyeni wakhe epaka imoto yabo emgwaqweni onabantu abaningi. Ngesinye isikhathi wahambisa omagazini abangu-80 ngamahora amabili nje kuphela! Izimo zakho ezingavamile zingakwenza nokuba ukwazi ukuxhumana nabantu okunzima ukubafinyelela ngezinye izindlela. Uma kunjalo, babheke njengensimu yakho ekhethekile.
3 Ukushumayela kwakho kungaphumelela kakhulu! Njengoba abanye bebona ukuzimisela kwakho nethonya elihle iqiniso leBhayibheli elibe nalo ekuphileni kwakho, bangase bakhangwe isigijimi soMbuso. Ngaphezu kwalokho, lapho uhlangana nabantu ababhekene nobunzima, lokho osuhlangabezane nakho ekuphileni kungakuhlomisela ukuba ubaduduze ngeZwi likaNkulunkulu.—2 Kor. 1:4.
4 Qinisa Abanye: Ayizange yini ikukhuthaze indaba kaLaurel Nisbet, owahlala emshinini wokuphefumula iminyaka engu-37 kodwa wasiza abantu abangu-17 ukuba babe nolwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli? Ngendlela efanayo, isibonelo sakho singabakhuthaza okholwa nabo ukuba nabo bazikhandle enkonzweni kaJehova.—g93-ZU 1/22 kk. 18-21.
5 Ngisho noma izimo zakho zikwenza ungakwazi ukuphuma uye enkonzweni ngezinga ongathanda ngalo, usengabaqinisa abanye. Omunye umzalwane wathi: “Ngiye ngafunda ukuthi ngisho nomuntu okhubazeke kakhulu angaba usizo olukhulu kwabanye. Mina nomkami siye safana nensika kwabahlukahlukene ebandleni. Ngenxa yezimo zethu sihlale sikhona, sitholakala njalo.” Nokho, ngenxa yokukhubazeka kwakho, kuyaqondakala ukuthi ungase ungakwazi ngaso sonke isikhathi ukwenza ngokuvumelana nentshiseko yakho. Noma kunjalo, ngosizo lwabanye ungaba nengxenye enkonzweni. Ngakho, uma udinga usizo, unganqikazi ukwazisa abadala noma abanye ebandleni abangakusiza.
6 UJehova uyakubona konke okwenzayo ukuze umkhonze, futhi uyajabula ngenkonzo yakho yomphefumulo wonke. (IHu. 139:1-4) Ngokuqhubeka uthembela kuye, angakunika amandla okuba ube nenkonzo ethelayo nenenjongo.—2 Kor. 12:7-10.