IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ La mabandla alandelayo anikezela amaHholo OMbuso awo amasha phakathi kuka-March no-May: ElaseJan Kempdorp, elaseThawane (eDelareyville), elaseBodibe (eLichtenburg), elaseBatlharo (eKuruman), nelaseWelbedacht (eZeerust). Lokhu kwenza ingqikithi yamaHholo OMbuso anikezelwe kuze kube yimanje kulo nyaka wenkonzo ibe ngu-24. Siyanibonga ngokusekela kwenu okuhle amaKomiti Okwakha Esifunda futhi sinikhuthaza ukuba niqhubeke niwasekela.