Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda Apr. 15
“Kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi, abantu banesifiso sokulondeka, njengokuthola umsebenzi okahle futhi ungabalahlekeli. Kodwa wake wacabanga yini ukuthi kukhona umthombo wokulondeka okuhlala njalo, owenza ukwazi ukulondeka phakade? [Funda iHubo 16:8, 9.] Le Nqabayokulinda ihlola lapho kungatholakala khona ukulondeka kwangempela.”
INqabayokulinda May 1
“Ingabe ukhona omaziyo ogula kabi noma okhubazekile? Cishe uyovuma ukuthi abantu abanjalo bayasidinga isikhuthazo. Kodwa yini esingase siyisho ukuze sibakhuthaze? IBhayibheli lisiphathele amazwi ethemba. [Funda u-Isaya 35:5, 6.] Le Nqabayokulinda ichaza ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi lesi siprofetho sizogcwaliseka.”
Phaphama! May 8
“Abaningi namuhla bayazishiya izinkolo ezinkulu ukuze bakhulekele uNkulunkulu ngendlela yabo. Uzizwa kanjani wena ngalo mkhuba? [Mvumele aphendule.] IBhayibheli libonisa ukuthi kunendaba ngempela kuNkulunkulu ukuthi simkhulekela kanjani. [Funda uJohane 4:24.] Le Phaphama! ichaza indlela engcono kakhulu yokwanelisa izidingo zakho ezingokomoya.”
“Kulo nyaka odlule, ukuthula kuye kwasongelwa ngendlela ebingakaze yenzeke ngaphambili. Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni babantu banawo amandla okuletha ukuthula komhlaba? [Ngemva kwempendulo, funda u-Isaya 2:4.] Le Phaphama! ibonisa ukuthi kungani singaqiniseka ukuthi kuseduze ukuba ukuthula komhlaba kube khona.”