Imikhaya Eqinile Ngokomoya—Singayakha Kanjani?
1 Imikhaya yamaKristu iyatuswa ‘ngokuqhuba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ezindlini zayo.’ (1 Thim. 5:4) Nokho, njengoba sizungezwe amathonya amabi amaningi kangaka angenza ukholo lwethu lube buthaka, kubalulekile ukuba imikhaya izikhandle ukuze ihlale iqinile ngokomoya. Kungafezwa kanjani lokhu?
2 Sebenzisani Ubunhloko ObunjengobukaKristu: Izinhloko zemikhaya kudingeka zilingise uJesu Kristu endleleni ezisingatha ngayo umthwalo wazo wokuqinisa imikhaya yazo. UJesu wenza okungaphezu kokumane alubonakalise kanye uthando lwakhe ngathi ngokufa kwakhe komhlatshelo, uyaqhubeka ‘elondla futhi elinakekela ngesisa’ ibandla. (Efe. 5:25-29) Abazali abanothando balandela lesi sibonelo sesisa ngokunakekela izidingo ezingokomoya zansuku zonke zemikhaya yabo. Lokhu kuhlanganisa ukuqhuba isifundo somkhaya seBhayibheli isonto ngalinye, ukuba nezingxoxo ezingokomoya ezihlabahlosile noma nini lapho kunokwenzeka, nokuxazulula izinkinga lapho ziphakama.—Dut. 6:6, 7.
3 Enkonzweni Yasensimini: Wonke amalungu omkhaya kufanele aqonde ukuthi ukufakaza kwabanye ngoJehova nangezinjongo zakhe kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela. (Isaya 43:10-12) Uma nina bazali nifuna ukuba izingane zenu zibe oFakazi BakaJehova abathembekile, kumelwe niqale zisezincane kakhulu ukulungiselela izinhliziyo zazo ukuba zithande inkonzo. Xoxani ngezizathu zokuthi kungani kunesidingo sokuzidela enkonzweni nokuhlanganyela kuyo masonto onke. (Mat. 22:37-39) Khona-ke yenzani amalungiselelo okuba zihlanganyele nani njalo enkonzweni yasensimini.
4 Yakhani ukwazisa ngomsebenzi wokushumayela ngokubekela eceleni isikhathi phakathi nesifundo somkhaya samasonto onke ukuze nilungiselele futhi niprakthize intshumayelo ephumelelayo. Nikani ngayinye yezingane zenu ukuqeqeshwa okuqondene nayo enkonzweni, nizisize ukuba zithuthuke ngokobudala nekhono lazo. Ngemva kokusebenza ndawonye isikhathi esithile enkonzweni, xoxani ngendlela ezizibonele ngayo ubuhle bukaJehova. Xoxelanani okuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo. Uma imikhaya ‘iye yanambitha kaningi ukuthi iNkosi inomusa,’ isondelana noJehova kakhudlwana, okuyiqinisela ukumelana nabo “bonke ububi.”—1 Pet. 2:1-3.
5 Emihlanganweni: Yeka ukuthi kuhle kanjani lapho amalungu omkhaya esizana ukuba abe khona kuyo yonke imihlangano yebandla, ikakhulukazi lapho omunye kubo ezizwa ekhathele, edangele, noma exakekile! “Lapho ubaba efika ekhaya evela emsebenzini, usuke ekhathele,” kuphawula omunye udade osemusha. “Ngibe sengimxoxela iphuzu elihle okuzoxoxwa ngalo emhlanganweni ngalokho kuhlwa, bese kumkhuthaza ukuba aye. Khona-ke lapho nami ngizizwa ngikhathele, uyangikhuthaza ukuba ngiye.”—Heb. 10:24, 25.
6 Ukwenza Izinto Ndawonye: Imikhaya kufanele yenze izinto ndawonye, njengokusiza emisebenzini yasendlini. Kufanele futhi kubekelwe eceleni isikhathi sokuzilibazisa okukhethwe kahle. Ukuba nepikiniki, ukuqwala intaba, ukudlala imidlalo, nokuhamba kuvakashelwa izihlobo noma abangane kuba yizikhathi ezijabulisayo nezinezinkumbulo ezimnandi.—UmSh. 3:4.
7 Imikhaya yamaKristu eqinile iyazinqoba izinto ezibekela ingokomoya layo inselele imihla ngemihla. Ngokusondela kuJehova nakakhulu, ithola amandla awanikezayo.—Efe. 6:10.