Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/00 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 8/00 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-August: Kungase kusetshenziswe noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona kungase kuhanjiswe incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Be a World Without War? Ngo-September: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-October: Umagazini we-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ezimpindelweni ezinesithakazelo kungase kusikiselwe izikhokhelo. Kusukela engxenyeni yokugcina yale nyanga, kuzohanjiswa i-Kingdom News No. 36, ethi “Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?” Ngo-November: Kuzoqhutshekwa kuhanjiswa i-Kingdom News No. 36. Amabandla ayihlanganisayo insimu yawo ngokufinyelela bonke abaninikhaya emzini ngamunye ngekhophi ye-Kingdom News No. 36 angase ahambise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi. Uma abantu sebenazo, kungase kusetshenziswe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki.

◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-September 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisani ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ Kusukela ngo-August, amabheji omhlangano wesigodi ka-2000 azotholakala ngesiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Amabandla kufanele aqale ukuwa-oda e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Sizani ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20. Ama-oda aphuthumayo ngeke amukelwe, ngakho sizani ni-ode kusenesikhathi.

◼ Ukubalwa ngokoqobo kwazo zonke izincwadi nomagazini abakhona kufanele kwenziwe ngo-August 31, 2000 noma ngaphambidlana nje kwalokho. Lokhu kubalwa kuyefana nalokho okwenziwa ngokoqobo umnakekeli wezincwadi nyanga zonke, futhi izingqikithi kufanele zibhalwe efomini loKubalwa Kwezincwadi (S-18). Ingqikithi yomagazini abakhona ingatholakala kubaphathi bakamagazini bebandla ngalinye kwaseqenjini lezincwadi. Ibandla ngalinye elingumxhumanisi liyothola amafomu amathathu oKubalwa Kwezincwadi (S-18). Sizani nithumele elokuqala eNhlanganweni engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi efayelini yenu. Ikhophi yesithathu ingase isetshenziswe njengephepha lokubalela. Unobhala webandla elingumxhumanisi kufanele aqondise ukubalwa kwezincwadi. Leli fomu liyosayinwa unobhala nombonisi owengamele webandla elingumxhumanisi.

◼ Kusukela ngo-August 31, 2000 kuya ku-September 6, 2000, iNhlangano izobe ibala zonke izincwadi ezikhona eBethel. Ngenxa yalokhu kubalwa kwezincwadi, awekho ama-oda amabandla ayokwenziwa ukuze athunyelwe noma alandwe ngalezo zinsuku.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Kunoshintsho lwezinsuku ezilandelayo zomhlangano wesigodi:

November 17-19: St. Helena

December 15-17: Walvis Bay

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela