Indlela Yokuthuthukisa Ikhono Lokubonisana Nabanye
1 Enye incazelo yegama elithi “ukubonisana” ithi “ukukhuluma nomuntu ngendlela yokuba uthonye izenzo noma imibono yakhe.” Ukuze uthuthukise ukuphumelela kwakho enkonzweni, kufanele uhlakulele ikhono lokubonisana nalabo ohlangana nabo. (IzE. 17:2-4) Kodwa ungaba kanjani naleli khono?
2 Kuqala Ngokuzindla: Lapho utadisha amaqiniso eBhayibheli, uyokuthola kuwusizo ukuzindla ngendaba. Uma amaphuzu edle ngokuqina, yiba nesikhathi sokucwaninga bese uzindla ngezimpendulo. Funa ukuqonda ngokucacile hhayi nje kuphela izincazelo ezinikezwayo kodwa nezizathu ezingokomBhalo zalezo zincazelo.
3 Kuhilela Ukulungiselela Inkonzo: Cabanga ngokuthi ungalichaza kanjani iqiniso ezinhlotsheni ezihlukahlukene zabantu. Yakha umbuzo oshukumisa ingqondo ukuze uvuse isithakazelo. Thola ukuthi ungalifaka kanjani iphuzu elingokomBhalo bese ubonisana ngalo nomuntu. Cabangela kusengaphambili ukuphikisa okungase kuphakame, bese ucabanga ukuthi ungakusingatha kanjani. Encwadini ehanjiswayo, khetha iphuzu elingasebenza kahle kakhulu.
4 Lingisa Isibonelo SikaJesu: UJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu sokubonisana nabantu ngemiBhalo ngokuphumelelayo. Ukuze uhlaziye indlela ayefundisa ngayo, cabangela indaba etholakala kuLuka 10:25-37. Phawula le nqubo: (1) Donsela ukunakekela emiBhalweni lapho uphendula imibuzo yabantu. (2) Bacele ukuba baveze imibono yabo, ubancome lapho benikeza impendulo enengqondo. (3) Qiniseka ukuthi nigxila ekuhlobaneni okukhona phakathi kombuzo nemiBhalo. (4) Sebenzisa umfanekiso othinta inhliziyo ukuze uqiniseke ukuthi uyakuqonda ukubaluleka kwempendulo.—Bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1986, amakhasi 27-8, izigaba 8-10.
5 Sebenzisa Ithuluzi Esalinikezwa: Incwadi Ukubonisana NgemiBhalo yashicilelwa njengencwadi ewusizo enkonzweni yasensimini. Izethulo zayo, izindlela zokuphendula abafuna ukuvimba ingxoxo kanye namaphuzu okubonisana asisiza ukuba sibe nekhono lokubonisana nabantu. Incwadi Ukubonisana iyithuluzi eliwusizo okufanele sihlale siliphethe enkonzweni futhi singanqikazi ukulisebenzisa lapho sinezingxoxo zeBhayibheli. Bukeza amakhasi 7-8 ale ncwadi ukuze ubone ukuthi ungayisebenzisa kanjani ngokunenzuzo kakhudlwana.
6 Ukuba nekhono lokubonisana nabantu kuyothuthukisa ikhono lakho emsebenzini wokushumayela nokufundisa. Lokhu kuyophumela ekubeni wena nalabo obathola enkonzweni nithole izibusiso ezicebile.