Usizo Olutholakala Ngokushesha
1. Yiziphi izinto ezingenza ingokomoya lomuntu libe buthaka?
1 U-Anna, udade onomyeni ongakholwa futhi onomsebenzi wokuziphilisa onzima, wayekuthola kuyinkinga ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, ukuhlanganyela enkonzweni nokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Nakuba ayesamthanda uJehova, waphola ngokomoya. Ngokujabulisayo, wathola usizo olungokomoya kubadala abakhathalelayo.
2. Wonke amaKristu angabonisa kanjani ukuthi awusizo olutholakala ngokushesha?
2 Ukwamukela usizo olungokomoya olutholakala ebandleni lobuKristu kubonisa ukuthi sithembele kuJehova uqobo. Njengoba amadoda amadala ebandleni elingisa ukukhathalela kothando kukaJesu Kristu, afuna amathuba okubakhuthaza nokubasiza ngokoqobo labo abanezinkinga ngokomoya. (1 Thes. 5:14) Ngokuvamile, okudingekayo nje yisikhuthazo esisekelwe emavesini angokomBhalo akhuthazayo. Wonke amaKristu, hhayi abadala kuphela, afuna ukusekela labo ababuthakathaka okwesikhashana. Akungabazeki ukuthi sonke siye sathola amandla lapho sizwa “izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele,” elibonisa ukucabangela.—IzAga 25:11; Isaya 35:3, 4.
3, 4. Yini ehilelekile ekusizeni abanye, futhi singakwenza kanjani lokhu?
3 Thatha Isinyathelo Kuqala: Ukubonisa isithakazelo sothando kulabo abadinga usizo kudinga ukuba sithathe isinyathelo kuqala, sibonise uzwela, futhi sibe qotho. Lapho uJonathani eqaphela ukuthi uDavide wayesesimweni esicindezelayo, “wasuka waya kuDavide eHoreshi, ukuze aqinise isandla sakhe.” (1 Sam. 23:15, 16) Yiba mnene lapho usiza abanye. Amazwi ashiwo ngokukhathalela okuqotho aba nemiphumela emihle. Ngaphezu kwalokho, uJesu wabonisa ngokucacile ukuthi kudingeka umzamo wenkuthalo, owenziwa ngenjongo yokuzuza umfowethu noma udadewethu ongokomoya. (Luka 15:4) Ukuba nesifiso esiqotho sokusiza omunye umuntu kuyosishukumisela ukuba siphikelele ekumsizeni ngisho nalapho intuthuko ingabonakali ngokushesha.
4 Yeka indlela okukhuthaza ngayo lapho simema abanye, njengalabo esinabo esifundweni sethu sencwadi, ukuba bahambe nathi enkonzweni! Njengoba sisiza enye inceku kaJehova ukuba ihlanganyele enkonzweni, singase sisebenzise lelo thuba ukuba siqinise isandla salowo muntu. Izikhathi ezinjalo ezijabulisayo esizichitha ndawonye enkonzweni kaJehova ziyisikhuthazo kakhulu kulabo abazama ukusimama ngokomoya.
5. Kwezinye izimo, yiluphi usizo abadala abangase balunikeze?
5 Ilungiselelo Lothando: Labo osekuyisikhathi esithile bengawenzi umsebenzi wokushumayela noma bengahlanganyeli nebandla bangase badinge usizo olwengeziwe ukuze baqine okholweni. Kungase kudingeke baqhutshelwe isifundo seBhayibheli ngencwadi enjengethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso noma ethi Sondela KuJehova. Njengoba lowo muntu esebhapathiziwe kakade, ngokuvamile akudingeki ukuba isifundo siqhutshwe isikhathi eside. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele iqaphe ukuze ibone labo abangase bazuze kuleli lungiselelo.—Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1998 neka-November 2000.
6. Udade othile wawathola kanjani amandla amasha ngokomoya?
6 U-Anna, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wakwamukela ngenjabulo ukusikisela kwabadala kokuba udade othile ovuthiwe ngokomoya amqhubele isifundo seBhayibheli. Kwathatha izifundo ezine kuphela ukumsiza ukuba asondele kuJehova futhi. Waqala ukuya emihlanganweni yebandla futhi wavuselela isifiso sakhe sokudumisa uJehova uNkulunkulu obala. Lo dade ovuthiwe wamsiza nasenkonzweni ngokuhamba naye kwezinye izifundo zeBhayibheli kwaze kwaba yilapho eseqine ngokwanele ukuba ashumayele endlini ngendlu. Wayedinga nje usizo ukuze avuk’ ayibambe futhi!
7. Yiziphi izinzuzo ezilethwa ukuqinisa abanye ngokomoya?
7 Ukuqinisa labo abadinga usizo kusilethela izibusiso sonke. Umuntu osizwayo uthola injabulo yokusondela kuJehova nokuba nengxenye emisebenzini yenhlangano yaKhe. Abadala bayajabula lapho bebona le ntuthuko engokomoya. (Luka 15:5, 6) Ibandla liba nobunye njengoba bonke bebonisa ukukhathalela kothando. (Kol. 3:12-14) Yeka izizathu ezinhle esinazo zokulingisa uJehova, owusizo olutholakala ngokushesha!—Efe. 5:1.