Zuza Esimisweni SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1999
1 UJesu wayeyiNgcweti Yokufundisa. Abantu “bakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Marku 1:22) Nakuba engekho kithi ongakhuluma futhi afundise ngendlela uJesu enza ngayo, singazama ukumlingisa. (IzE. 4:13) Ukuze sikwenze lokho, ukuhlanganyela kwethu esimisweni seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kuyosisiza ukuba siqhubeke sithuthukisa amakhono ethu okukhuluma nokufundisa.
2 Ngo-1999, iSabelo No. 1 siyosekelwa ngokuyinhloko ezihlokweni ezikomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, baka-1997. Ukuqonda kwethu izinto ezingokomoya kuyothuthuka kakhulu uma sikufunda kusengaphambili lokhu kwaziswa bese sikuzwa esimisweni sesikole. Labo ababelwe ukunikeza lezi zinkulumo zokuyala kufanele babonise indlela lokhu kwaziswa okusebenza ngayo ngokoqobo, bakunikeze ngendlela ethakazelisayo nenomdlandla. ISabelo No. 3 siyosekelwa encwadini ethi Injabulo Yomkhaya, kanti iSabelo No. 4 kwesithi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki, nakuba umthombo wokwaziswa walezi zinkulumo ungase ushintshashintshe. Umbonisi wesikole kufanele acabangele ukwaziswa ngokucophelela ngaphambi kokuba abe izinkulumo. Bonke abafundi ababelwa ukunikeza izinkulumo ezisencwadini ethi Injabulo Yomkhaya kufanele babe isibonelo ekuphileni kwemikhaya yabo siqu.
3 Sebenzisa Iseluleko Futhi Ulungiselele Kahle: Wonke umuntu angathuthuka ngokwengeziwe ekhonweni lokukhuluma nokufundisa. (1 Thim. 4:13) Ngakho kufanele sifune iseluleko futhi singasibheki njengokuthile okufanele sikugweme. (IzAga 12:15; 19:20) Ukukhuluma ngeqiniso ngendlela ephumelelayo emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini kudinga okungaphezu kokusho nje amaphuzu noma ukufunda imibhalo ngendlela engenamzwelo. Kufanele sifinyelele izinhliziyo futhi sishukumise labo abasilalele. Lokhu singakwenza ngokukhuluma iqiniso ngokusuka enhliziyweni ngendlela egculisayo. (Qhathanisa nezEnzo 2:37.) Iseluleko esisithola esikoleni siyosisiza ukuba sikwazi ukufeza lokhu.
4 Ngemva nje kokuthola isabelo, cabanga ngezimfanelo zenkulumo ozosebenzela kuzo njengoba zichazwe e-Ncwadini Yokuchasisa Isikole. Cabanga ukuthi yini okufanele uyenze ukuze usebenzise iseluleko owasithola esikhathini esidlule. Zindla ngesihloko sakho, ukuthi uzoyihlela kanjani inkulumo uma lokho kudingeka, nokuthi uzoyisebenzisa kanjani imibhalo esendabeni oyabelwe. Zindla ngokuthi ungakusebenzisa kanjani kangcono lokho kwaziswa ukuze ufundise futhi ushukumise izilaleli.—1 Thim. 4:15, 16.
5 Uma umanqikanqika ukubhalisa esikoleni, thandaza ngakho bese uxoxa nombonisi wesikole ngendlela ozizwa ngayo. Wonke umuntu angazuza ngokusisebenzisa ngokugcwele isimiso esizonikezwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngo-1999.