Umkhankaso Okhethekile We-Nguqulo Yezwe Elisha Yemibhalo Yamakristu Yesigreki
1 Kule nyanga sinomkhankaso okhethekile wokusakaza INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye nencwadi Ulwazi. Sicela ukuba bonke abamemezeli bagxile ikakhulukazi ekuhambiseni INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiBhunu, isiSuthu, isiTsonga, isiXhosa nesiZulu. Uma ummemezeli ngamunye engahambisa nje elilodwa lala maBhayibheli ngo-December, siyohambisa amaningi kakhulu. Sinesithakazelo esikhulu sokwenza lokhu ngaphambi kokuba kukhishwe iBhayibheli eliphelele ngezinye zalezi zilimi.
2 Ingabe kunzima ukuhambisa lezi zinguqulo zemiBhalo YesiGreki ngezilimi ezihlukahlukene zabomdabu? Akunzima neze! Abamemezeli abavame ukuwaphatha la maBhayibheli ezikhwameni zabo bathola ukuthi isonto ngalinye bahambisa athile. Omunye umzalwane wathatha ibhokisi lonke lamaBhayibheli esiBhunu futhi wawahambisa wonke emgwaqweni ngalolo suku ekuseni! Uma ibandla lenu lingenawo esitokweni, kungani ningawa-odi ngokushesha? Ningase nithole engeziwe emihlanganweni yesigodi ekupheleni konyaka.
3 Yisiphi isethulo ozosisebenzisa? Ngemva kokubingelela ngendlela evamile, ungase uthi: “Sihambisa inguqulo entsha yeTestamente Elisha ngesi- [yisho ulimi]. Siyinikeza abantu ngomnikelo omncane kakhulu ka-R4,00.” Lokhu kuyovele kumkhulule umuntu ngoba alibizi. Ungabe usunezela: “Ake ngikubonise izici ezimbalwa zale nguqulo.” Mbonise amanye amavesi INguqulo Yezwe Elisha ewahumushe kahle kakhulu, anjengoMathewu 5:3, noma umbonise Izikhombo Zamagama AseBhayibhelini noma Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo nokuthi zingase zisetshenziswe kanjani. Ngokwesibonelo, ungase ubuze umninikhaya: “Uma ufuna ukwazi okwengeziwe ngokuthi yini eyenzekayo kumuntu lapho efa, ubungawatholaphi amavesi eBhayibheli achaza lokhu?” Phenya Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo ezingemuva kuleli Bhayibheli bese umbonisa yonke imibhalo angase ayithole ngaphansi kwesithi “Ukufa,” bese ulihambisa. Abantu abaningi bayokujabulela ukuthatha INguqulo YemiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye nencwadi Ulwazi ngo-R9,00 lapho uhambisa enoqwembe oluqinile nango-R7,75 lapho uhambisa enoqwembe oluthambile. Uma bengenakukwazi ukuzithatha zombili, hambisa INguqulo YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngo-R4,00. Uma uxoxa nomuntu okhuluma isiTswana, futhi ningasenawo amaBhayibheli esiTswana esitokweni sebandla lenu, noma uma uxoxa nomuntu okhuluma iSipedi noma isiVenda, hambisa incwadi Ulwazi kuphela. Isipho sesiNgisi i-New World Translation of the Holy Scriptures nencwadi Ulwazi.
4 Kungakhathaliseki ukuthi uhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu, emsebenzini wasemgwaqweni, ezimpindelweni noma ekufakazeni ngokwethukela, njalo phatha INguqulo YemiBhalo YamaKristu YesiGreki futhi ungakwenqeni ukuyihambisa. Yisiphi isipho esingcono ongasipha abantu kuneBhayibheli elihunyushwe ngokucace njenge-Nguqulo YemiBhalo YamaKristu YesiGreki? Futhi ake ucabange, ikhophi yakho ibukeka kanjani? Mhlawumbe isigugile ngenxa yokusetshenziswa, ngakho ungase uthande ukuzitholela entsha. Futhi kuthiwani ngezingane zakho? Ingabe zinawo amakhophi e-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngolimi lwazo? Masisebenzise wonke amathuba kule nyanga ka-December ukuba sihambise leli Bhayibheli elihle ensimini yethu.