INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Bezikhathi Zethu Eziphuthumayo!
1 Kwenzeka izenzakalo ezizamazamisa umhlaba, zigcwalisa isiprofetho seBhayibheli! Njengoba sicabanga ngalokho okwenzekayo emhlabeni nasenhlanganweni engokwasezulwini, singaqonda ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuba sishumayele “izindaba ezinhle” zoMbuso. (Marku 13:10) Lokhu kusinikeza isizathu sokwenza inkonzo yethu ngentshiseko ngenyanga ka-April.
2 Ukubaluleka kwesigijimi sethu kugcizelelwa umsebenzi okhethekile esizowenza kulenyanga. Ngokukhulu ukulangazela silinde ukukhululwa kwe-Kingdom News esizoyisakaza ngo-April nango-May. Ukuze bakhe ukuwushisekela kwethu lomsebenzi futhi bavuse isithakazelo ensimini yethu, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bazoba nezihloko ezifike ngesikhathi ezigcizelela ukubaluleka okungokwesiprofetho kwezenzakalo zezwe eziphazamisayo. Isipho sango-April isikhokhelo se-Nqabayokulinda. Abanye bangase bathande ukuhambisa isikhokhelo sakho kokubili INqabayokulinda ne-Phaphama! Singayilungiselela kanjani intshumayelo ezovusa isithakazelo komagazini?
3 Cishe uyokwazi ukwakha intshumayelo ephumelelayo ngokulandela lezizinyathelo eziyisisekelo: (1) Khetha isihloko komunye womagazini onomuzwa wokuthi sizokhanga abantu abasensimini yenu. (2) Khetha amazwi noma umbhalo ocashuniwe okulesisihloko okholelwa ukuthi uzovusa isithakazelo somninikhaya. (3) Lungiselela intshumayelo emfushane ehlanganisa ukubingelela kobungane, umbuzo noma amazwi aqokomisa umqondo othakazelisayo ongokomBhalo, kanye nesicelo esiqotho sokuba amukele isikhokhelo. Njengoba ubona, lokhu kulula kakhulu futhi akunayo imicikilisho. Mhlawumbe ningahlangana nomunye ummemezeli osebenza naye enkonzweni bese nilungiselela intshumayelo.
4 Njengoba i-“Phaphama!” ka-April 22 iphakamisa umbuzo othi, “Ingabe Lezi Izinsuku Zokugcina?” ungabukeza ukwaziswa okungaphansi kwesihloko esithi “Izinsuku Zokugcina” esisekhasini 11 encwadini ethi “Ukubonisana.” Ungaqala ngokuthi:
◼ “Sikuvakashele ukuze sixoxe ngalokho okushiwo iziyaluyalu ezikhona kuyo yonke indawo. Phawula lokho okushiwo yilesisihloko . . .”
5 “INqabayokulinda” ka-April 1 iphakamisa lombuzo othi: “Inkolo—Ingabe Iyindaba Okungenakuxoxwa Ngayo?” Lapho uhambisa lomagazini, ungase uthi:
◼ “Ngokuvamile kuyaye kuthiwe inkolo iyisihloko okungafanele kuxoxwe ngaso ngoba sidala impikiswano. Ucabangani ngalokho?” Yibe usubhekisela emazwini asesihlokweni.
6 Kungenzeka usebenzise “INqabayokulinda” ka-April 15 enesihloko esithi “Ingabe Iqiniso Elingokwenkolo Lingafinyeleleka?” Ungase uthole ukusabela okuhle ngalesisingeniso:
◼ “Ngenxa yokuthi kunezinkolo eziningi kangaka namuhla, abanye abantu bayazibuza ukuthi iqiniso elingokwenkolo lingafinyeleleka yini. Lesisihloko sembula indlela mina nawe esingathola ngayo impendulo eyanelisayo kulombuzo. . . .”
7 Ngaphambi kokuba uphume uye emsebenzini wokushumayela, kungani ungaprakthizi intshumayelo yakho nomunye ummemezeli ukuze uyijwayele? Ngokunokwenzeka niyokwazi ukunikezana ukusikisela okuwusizo okuthuthukisa ukuphumelela kwenu futhi kuninikeze isibindi esikhudlwana.
8 Njengoba isiphelo salesisimiso sisondela, kwangathi singabhukula sisize abanhliziyo ziqotho babaleke eBabiloni Elikhulu. (IsAm. 18:4) Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bafeza indima ebalulekile kulomsebenzi ongasayikuphindwa. Siyabonga ngokuthi uJehova uye walungiselela lamathuluzi amahle ukuba siwasebenzise!