Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/95 k. 7
  • Ingabe Uyasibona Isidingo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyasibona Isidingo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yibani Nothando Olukhulu Ngomunye Nomunye”
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Usizo Olutholakala Ngokushesha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Uthando Lwakho Maluqhubeke Lukhula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Qhubeka Ukhula Othandweni Lobuzalwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 4/95 k. 7

Ingabe Uyasibona Isidingo?

1 UJehova uchazwa ngokuthi unguMsizi neNqaba. Siyazi ukuthi singaya kuyena ngesikhathi sokuswela futhi uyosisiza. (IHu. 18:2; 46:1) Singayilingisa lemfanelo yozwela ngokuzinikela ukuba sisize abanye lapho sibona isidingo.

2 Yini eshukumisa umuntu ukuba enze umzamo okhethekile wokusiza othile? Abantu abaningi lokhu bakuqaphela njengento ewuthando, nokuwubuntu ukuyenza. Ngokuqinisekile iZwi likaNkulunkulu liyakukhuthaza ukuba kwenziwe. (Roma. 15:1) UPawulu wasikhuthaza ukuba siqhubeke ‘sinakekele, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zethu kuphela, kodwa futhi sinakekele ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’—Fil. 2:4.

3 Lokhu okuthile sonke esingathola injabulo ekukwenzeni. (IzE. 20:35) UPawulu wakhetha uThimothewu njengesibonelo somuntu “oyozinakekela ngobuqotho izinto eziphathelene” nabafowabo. (Fil. 2:20) Kuyajabulisa ukuthi sinentsha eningi emabandleni namuhla enesimo esifanayo. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, kunezinto esingazenza uma sibona isidingo.

4 Wake waba nomuzwa wokuthi abathile banezidingo ezinganakekelwa kangcono? Mhlawumbe umzalwane noma udade wayesesibhedlela, wavakashelwa abambalwa kuphela; noma othile wakhubazeka, kodwa akekho ayengamthuma noma amsize ngemisebenzi yasekhaya. UJesu ubheka labo abakhonza uJehova njengamalungu omkhaya onakekelana ngobuqotho. (Marku 3:33-35) Emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, wabonisa ukuthi labo abajabulela umusa weNkosi wokuba sesandleni sokunene kungenxa yokuba wusizo kwabo kubafowabo beNkosi.—Math. 25:40.

5 Ngingasiza Kanjani? Yini engenziwa ukuze kunikezwe usizo lapho kunesidingo esisobala? Ingabe singathatha isinyathelo kuqala sokusiza ngandlela-thile? Mhlawumbe kunasebekhulile abadinga isikhuthazo, kodwa abanabo abangane abaseduze abangabasiza. Kungenzeka kube nentsha edinga usizo. Umkhaya osanda kuhlanganyela onezingane eziningi ungase uze eHholo LoMbuso lapho ummemezeli ofunda nawo engekho. Ungakwazisa ukuba othile awusize ngokuzithandela ngezingane.

6 Njengoba sikhula ekuthandeni iqiniso nenhlangano kaJehova, siyakhula nasekwaziseni nasekukhathaleleni abanye ebandleni. UPawulu wasikhuthaza ukuba sanuleke kulokhu. (2 Kor. 6:11-13) UJesu wagcizelela ukuthi ukubonisa kwethu uthando komunye nomunye kuyindlela eyinhloko esibonisa ngayo ukuthi singabalandeli bakhe ngempela.—Joh. 13:35.

7 Ngakho lapho sibona isidingo, uthando oluqotho ngabafowethu nangebandla kufanele lusishukumisele ukuba sithathe isinyathelo kuqala futhi sisize nganoma iyiphi indlela esingakwazi ngayo. (Gal. 6:9, 10) Lokhu kukhathalela abanye kusenza sisondelane eduze ezibophweni zothando nobunye. (1 Kor. 10:24) Ngalendlela, senza ingxenye yethu yokusiza ekugcwaliseni isidingo ebandleni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela