Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/95 k. 8
  • Funa Abantu Abafundisekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Funa Abantu Abafundisekayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphindela Ngomgomo Wokuqalisa Isifundo Sebhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukwenza Izimpindelo Sinenjongo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Yenza Izimpindelo Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Sebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana Ezimpindelweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 4/95 k. 8

Funa Abantu Abafundisekayo

1 “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.” (Joh. 6:44) UJehova, ohlola inhliziyo, uyobavuza labo abafundisekayo futhi benze ngokuvumelana nalokho abakufundayo. (Jer. 17:10; Joh. 6:45) Sinelungelo lokuba izisebenzi ezikanye naye ekufuneni abathobekile abalangazelela umhlaba omusha.—IHu. 37:11; 1 Kor. 3:9.

2 UJesu wachaza abafundi bakhe ngokuthi “abadobi babantu.” (Math. 4:19) Nakuba lolohlobo lomsebenzi ngezinye izikhathi lungaba nzima, kuba nokwaneliseka okukhulu lapho uthola imiphumela emihle. Esikhundleni sokusebenzela inzuzo yethu siqu, empeleni sisindisa “inhlanzi” embujisweni ezofika nakanjani. Umdobi ophumelelayo kufanele azi ukuthi yini okufanele ayenze ukuze ahehe inhlanzi. Ngokufanayo, kumelwe sinikeze isigijimi soMbuso ngendlela ekhangayo eyovusa isithakazelo sezilaleli zethu. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi lapho senza izimpindelo. Yini esingayisho?

3 Uma kwaboniswa isithakazelo ezihlokweni ezithile ze-“Nqabayokulinda” eziphathelene nenkolo, ungase uthi:

◼ “Esikhathini esidlule sakhuluma ngokuthi kungani abantu abaningi bengathandi ukuxoxa ngenkolo. Awucabangi yini ukuthi lokho kuyamangaza, njengoba abaningi bomakhelwane bethu bethi bangamaKristu? Mhlawumbe uyazibuza ukuthi kungani inkolo iyisihloko esibangela ukwehlukana nokuphikisana kangaka.” Lindela impendulo. Vula ikhasi 99 encwadini ethi Ukubonisana, bese uxoxa ngamaphuzu ambalwa ngaphansi kwesihloko esithi “Kungani Kunezinkolo Eziningi Kangaka?”

4 Ungasebenzisa lendlela efanayo ekuqaleni ingxoxo ngesihloko senkolo:

◼ “Ingabe ikhona indlela esingaqiniseka ngayo ukuthi sinenkolo yeqiniso? [Lindela impendulo.] Ngenxa yokuthi kunezinkolo eziningi kangaka ezingefani, abantu abaningi bazizwa bedidekile futhi bengaqiniseki.” Vula incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 106-7, lapho ikhuluma khona ngombuzo othi “Umuntu angazi kanjani ukuthi iyiphi inkolo eqondile?” Khulumela kafushane umbuzo 5, othi “Ingabe amalungu ayo athandana ngempela?” Chaza ukuthi okuningi kungafundwa kanjani ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu.

5 Uma umninikhaya ayebonakala ekhathazekile ngezimo zezwe, ungase uthande ukuzama lokhu:

◼ “Ngokusobala uzizwa ukhathazekile ngezimo ezimbi okufanele sibhekane nazo ekuphileni nasekukhuliseni imikhaya yethu. IBhayibheli lembula isithembiso esimangalisayo uNkulunkulu azosigcwalisa esikhathini esizayo esiseduze.” Funda izAga 2:21, 22, bese uchaza ukuthi uJehova uthembise umhlaba wokuthula okuhlala njalo.

6 Lapho wenza izimpindelo ngemva kokuba umkhankaso wepheshana i-Kingdom News usuqalile, siza uqikelele ukuba ushiye ikhophi ye-Kingdom News kubaninikhaya abangakayitholi. Lokho ongase ukusho ezimpindelweni uma ulandelela lapho washiya khona i-Kingdom News kuzoxoxwa ngakho ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May.

7 Njengoba iZwi likaNkulunkulu “linamandla,” kufanele sizame ukulisebenzisa ezintshumayelweni zethu. (Heb. 4:12) Qikelela ukuba ukhuthaze umninikhaya azifundele ngokwakhe iBhayibheli. (Qhathanisa nezEnzo 17:11.) Uma senza ingxenye yethu ngenkuthalo, uJehova uyoyibusisa imizamo yethu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela