ISifundo Sencwadi Sebandla Sithuthukisa Imisebenzi Yokufundisa
1 ISifundo Sencwadi Sebandla sifeza indima ebalulekile esimisweni sokufundisa senhlangano kaJehova. Amaqembu esifundo sencwadi asakazeka kuyo yonke insimu, okwenza kube lula ngabo bonke ukuba babe khona. Njengoba isifundo siseduze nabo, abantu abathakazelayo bangase basamukele kalula isimemo sokuba khona.
2 Kuyaye kwenziwe umzamo wokugcina iqembu ngalinye lilincane. Lokhu kwenza umqhubi akwazi ukunikeza usizo lomuntu siqu kumuntu ngamunye. Abantu abafundi bonke ngezinga elifanayo. Uma othile enobunzima bokuqonda iphuzu elithile ngisho nangemva kokutadisha kusengaphambili indaba ezofundwa, umqhubi angalichaza ngokuqhubekayo nangemva kwesifundo. Ngaphezu kwalokho, njengoba iqembu lilincane, kunamathuba amaningi okuphendula nokuhlanganyela ekufundeni imibhalo. Ingabe uba nengxenye engxoxweni ngokuphendula njalo? Uyazama yini ukuphendula ngamazwi akho? Ukuzimisela kwakho ukuhlanganyela kungazuzisa wena nabanye. Lapho ulungiselela, sebenzisa amandla akho okuqonda ukuze ubone ukuthi amaphuzu athile asendabeni efundwayo ungawasebenzisa kanjani wena siqu.—Heb. 5:14.
3 Ngokuqaphelisisa izindlela zokufundisa ezisetshenziswa umqhubi wesifundo sencwadi, ungafunda indlela yokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ngendlela ethakazelisayo nefundisa ngokwengeziwe. Ngemva kokuba izigaba zifundwe umzalwane ofanelekayo, kubuzwa imibuzo. Umqhubi wesifundo ukhuthaza bonke ukuba bakhulume ngokuzwakalayo. Uma isikhathi sivuma, uzama ukuthola ukukhulunyelwa kwemibhalo ekhonjiwe ukuze asisize siqonde indlela esebenza ngayo. (Qhathanisa noNehemiya 8:8.) Ngezinye izikhathi angase anezele ukukhulumela kwakhe okucacisayo noma asebenzise imibuzo eholayo ukuze aqokomise iphuzu eliyisihluthulelo. Isibonelo noma umfanekiso ungasisiza ukuba sibone ukuthi ukwaziswa kuhlobana kanjani nokuphila kwethu.
4 Kwamanye amaqembu eZifundo Zencwadi Zebandla inani lababakhona liba phansi kakhulu. Uba khona njalo yini wena? Uma kungenjalo, ubulokhu uphuthelwa ilungiselelo elibalulekile. Ilungiselelo lesifundo sencwadi lingezinye zezindlela uJehova abonisa ngazo ukusinakekela kwakhe. (1 Pet. 5:7) Ufuna sithuthuke olwazini nasekuhlakanipheni ukuze siqine ngokomoya. Ngakolunye uhlangothi, uSathane angathanda ukubambezela intuthuko yethu engokomoya futhi asenze sibe buthakathaka ukuze singabi yinzuzo kuJehova nasenhlanganweni yaKhe. Ungakuvumeli lokhu kwenzeke! Yenza ukuba umoya ofudumele, wothando okuleliqembu elisondelene uthinte inhliziyo yakho futhi ukushukumisele ukuba uqhubeke udumisa uJehova.—Qhathanisa neHubo 111:1.
5 Ezindaweni eziningi zesifundo sencwadi kulungiselelwa imihlangano yenkonzo eseduze nabamemezeli. Ingase ibe ngeyokufakaza phakathi nesonto, ngempelasonto, noma kusihlwa. Umqhubi wesifundo sencwadi uyaqikelela ukuthi kunensimu eyanele nokuthi kube khona othile ozohola ensimini. Imihlangano yenkonzo yasensimini kufanele ingeqi emizuzwini engu-10-15. Umqhubi angacabangela kafushane itekisi losuku uma lihlobene nomsebenzi wethu wokushumayela bese enikeza ukusikisela okukodwa noma okubili okuqondile kwenkonzo yasensimini noma enze umboniso omfushane wesipho esihanjiswayo.
6 Ngezikhathi ezithile umqhubi wenza umzamo wokusebenza nomuntu ngamunye oseqenjini lakhe, anikeze isikhuthazo esifanelekile nokuqeqesha.—Qhathanisa noMarku 3:14; Luka 8:1.