Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/94 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Yango-June

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Yango-June
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-June 6
  • Isonto Eliqala Ngo-June 13
  • Isonto Eliqala Ngo-June 20
  • Isonto Eliqala Ngo-June 27
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 6/94 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Yango-June

Isonto Eliqala Ngo-June 6

INgoma 9

10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni. Bonisa kafushane ukuthi omagazini bamuva bangahanjiswa kanjani endlini ngendlu kulempelasonto. Khumbuza izilaleli ukuba zizitholele incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ukuze ziyisebenzise enkonzweni ngalempelasonto.

20 imiz: “Ingabe Uhlwanyela Kakhulu?” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, mema izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho komuntu siqu okubonisa indlela eziye zenza ngayo umzamo owengeziwe kwezinye izici zenkonzo yazo futhi zabusiswa ngakho.

15 imiz: “Ukusiza Abanye Badumise UMenzi Wethu.” Xoxa nezilaleli. Yiba nemiboniso emibili ebonisa indlela izintshumayelo ezisikiselwe ezingasetshenziswa ngayo.

INgoma 30 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 13

INgoma 28

10 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Funda umbiko wezimali nencwadi yeNhlangano ebonga iminikelo. Hlanganisa nokukhulumela okufushane okubonisa indlela abusiswa ngayo umuntu onomoya wokupha.—IzAga 11:24a.

15 imiz: “Ukwakha Ukholo KuMdali Wesintu.” Xoxa nezilaleli. Uma isikhathi sivuma, yenza umboniso ngendlela eyodwa kwezisikiselwe zokwenza izimpindelo.

20 imiz: “ISifundo Sencwadi Sebandla Sithuthukisa Imisebenzi Yokufundisa.” Umqhubi wesifundo uxoxa nezilaleli. Gcizelela indlela lesihloko esikhuthaza ngayo (1) ukuba khona njalo esifundweni sencwadi, (2) ukuphendula kaningana esifundweni, (3) nokusekela kangcono imihlangano yenkonzo.

INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 20

INgoma 31

10 imiz: Izaziso zebandla. Intsha esemaholidini esikole kufanele ibhekisise amathuba enawo okwandisa ukuhlanganyela kwayo enkonzweni; enye ingase ikwazi ukuba amaphayona asizayo. Leyo ezophothula esikoleni ekupheleni kwalonyaka kufanele ikucabangele ngokungathi sína lokho ekuhlelela isikhathi esizayo inomgomo wokugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala.

10 imiz: Izidingo zebandla, noma uxoxe nabamemezeli abathathu noma abane ngalokho okwabenza bamukela iqiniso. Bangahlanganisa nanoma iziphi izithiyo okwadingeka bazinqobe.

10 imiz: “Ingabe Ngingakhonza EBethel?” Umdala onekhono kufanele axoxe ngalesisihloko, ekhuthaza abazalwane abasebasha ukuba bayicabangele ngokungathi sína inkonzo yaseBethel.

15 imiz: “Ingabe Wenza Intando KaNkulunkulu?” Inkulumo enikezwa umdala esekelwe ku-Nqabayokulinda, ka-March 1, 1994 amakhasi 28-30.

INgoma 223 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 27

INgoma 174

15 imiz: Izaziso zebandla. Kufanele isingathwe umdala. Bukeza amalungiselelo ebandla omkhankaso wensimu engabelwe. Xoxani ngesidingo sokufaka imibiko ebhokisini leMibiko Yenkonzo Yasensimini ngokushesha ekupheleni kwenyanga. Sinomgomo wokufinyelela elinye inani elisha eliphakeme labamemezeli ngaphambi kokuba kuphele unyaka wenkonzo. Njengoba ukungabiki njalo kuseyinkinga ensimini yethu, umoya wokubambisana wommemezeli ngamunye kulokhu uyokwaziswa kakhulu. Unobhala kanye nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqhubeke bebakhumbuza labo abangakabiki, ukuba benze kanjalo ngokushesha. Yazisa ibandla ngenani lezingane ezisafunda esikoleni nelabasanda kuhlanganyela nebandla labangakabi abamemezeli. Xoxa ngalokho okungenziwa abazali nabanye abamemezeli abanokuhlangenwe nakho ukuba basize laba bathathe ukuma kwabo kokumelela iqiniso, nokufanelekela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele babe nesithakazelo esiqotho kulaba, ikakhulukazi eqenjini lesifundo sencwadi, futhi babasize ngokuqhubekayo ukuba bathuthuke eqinisweni.

15 imiz: “Imihlangano Yenkonzo Yasensimini Ezuzisayo.” Isingathwa umbonisi wenkonzo ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nixoxa ngesigaba 3, khulumela isingeniso esisodwa noma ezimbili ezisencwadini ethi Ukubonisana ezingase zisetshenziswe kulempelasonto. Esigabeni 5 yisho noma yiziphi izinkinga eziphathelene nokuziphatha enkonzweni yasensimini eziye zaqashelwa ebandleni; nikeza ukusikisela okunomusa okungasiza.

15 imiz: Bukeza isipho sango-July. Bonisa izincwajana ibandla elinazo esitokweni, ezinjengethi Ikusasa Elilondekile​—⁠Indlela Ongalithola Ngayo, Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?, Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni!, noma ethi “Lezi Zindaba Ezinhle ZoMbuso.” Lezizincwajana ziwusizo ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Bukeza ezinye zezici kanye nemifanekiso okuthakazelisayo okungase kusetshenziswe ekuqaleni izingxoxo. Yiba nemiboniso emibili ebonisa indlela yokuqala ingxoxo ngesihloko seBhayibheli. (Sebenzisa ukusikisela okusencwadini ethi Ukubonisana kwesithi “Ikusasa/Ukulondeka,” ikhasi 10, nesithi “UMbuso,” ikhasi 13.) Imiboniso kufanele iphethe ngamalungiselelo okuqala isifundo seBhayibheli.

INgoma 118 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela