Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/94 k. 1
  • Ingabe Uhlwanyela Kakhulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uhlwanyela Kakhulu?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Hlwanyela Kakhulu, Uvune Kakhulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukuhlwanyela Kakhulu Kunezibusiso Eziningi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Hlwanyela Ukulunga, Uvune Umusa KaNkulunkulu Wothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Hlwanyela Kakhulu Ukuze Uvune Kakhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 6/94 k. 1

Ingabe Uhlwanyela Kakhulu?

1 Kunesaga esithi: “Isikhuthali sidla ukukhuthala.” Lokhu kusebenza kakhulu ekukhulekeleni kwethu. Lapho sichitha isikhathi esiningi futhi sizikhandla ekulungiseleleni imihlangano, ekushumayeleni isigijimi soMbuso, nasekuboniseni uthando kubazalwane bethu, sikhula ngokwengeziwe ngokomoya. Ukwenza okuhlukile akuyilethi lemiphumela. Uma sizigodla noma sigcina icala nje kulokho esikwenzayo, ingabe ngempela singalindela imiphumela eyanelisayo?

2 Umphostoli uPawulu wasisho kahle lesisimiso kweyesi-2 Korinte 9:6: “Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana‚ nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.” Ingabe uhlwanyela kakhulu?

3 Isifundo SeBhayibheli Somuntu Siqu: Ukuze sibe izikhonzi ezikhiqizayo, kufanele siqale sihlwanyele kakhulu esifundweni sethu somuntu siqu. Kufanele sibe nesifiso esijulile sokudla okungokomoya. (IHu. 119:97, 105; Math. 5:3) Njengoba kuneminako eminingi yokuphila esicindezelayo, kudingeka umzamo wokuzimisela ukuze sikwazi ukusiqaphela ngempela isidingo sethu esingokomoya. Abaningi bethu, kudingeka ‘bathengisise isikhathi.’ (Efe. 5:16) Abanye bahlela ukusheshe bavuke ngezinsuku ezithile ukuze babe nesifundo somuntu siqu. Abanye baye babekela eceleni izikhathi ezithile zakusihlwa ngenxa yalenjongo. Sivuna kakhulu ngayiphi indlela? Sizuza ukholo oluqinile, ithemba elikhanya bhá, kanye nesimo sengqondo sokujabula ngokwengeziwe nesiqondile.—Roma 10:17; 15:4; 1 Pet. 1:13.

4 Imihlangano Yebandla: KumaHubo 122:1, uDavide wathi: “Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova.” Ingabe uzizwa ngendlela efanayo? Ukuhlwanyela kakhulu kusho ukuba khona njalo emihlanganweni yethu emihlanu yamasonto onke. Nquma engqondweni yakho ukuthi ngeke uvumele isimo sezulu esingesihle siphazamise. Ngokuvamile, lapho sinqoba izithiyo eziningi, sizuza izibusiso ezengeziwe.

5 Sheshe ufike bese uthi ukuzindazindela ngemva kwemihlangano ukuze uhlanganyele engxoxweni eyakhayo nabafowenu. Yandisa abantu oba nobungane kubo bahlanganise abantu abahlukahlukene ngangokusemandleni akho. Silungiselele kahle iSifundo Se-Nqabayokulinda kanye neminye imihlangano ukuze uhlwanyele kakhulu ngokuphendula lapho uthola ithuba. ‘Ngokuphuzisa’ abanye emihlanganweni, nawe “uyakuphuziswa.”—IzAga 11:25.

6 Inkonzo Yasensimini: Mhlawumbe lesisimiso sokuhlwanyela kakhulu akukho ndawo lapho sisebenza kakhulu khona kunasenkonzweni yasensimini. Lapho sinikela isikhathi esiningi kuyo, cishe siyovuna okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo okuningi, izimpindelo ezikhiqizayo, kanye nezifundo zeBhayibheli ezinezithelo.

7 Ukuhlwanyela kakhulu enkonzweni yasensimini kuhilela izinga lokuhlwanyela kanye nesilinganiso sako. Into engasisiza kakhulu ukuba sithuthukise izinga lenkonzo yethu incwadi ethi Ukubonisana. Amakhasi 9-15 anezingeniso ezingaphezu kuka-40 ezihlanganisa izihloko ezingu-18 ezingasisiza ukuba senze abantu babe nesithakazelo ezindlini. Uma uthola umuntu onesithakazelo, qiniseka ukuthi ubhala phansi ukuze ukwazi ukubuyela futhi uvune izithelo zokuhlwanyela kwakho. Mhlawumbe imizamo yakho iyoholela esifundweni seBhayibheli, futhi ufundise othile indlela yokuhlwanyela kakhulu.

8 Uma sihlwanyela kakhulu, singalindela izibusiso ezinkulu ezivela kuJehova.—Mal. 3:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela