Balungiselele Inkonzo Abantu Ofunda Nabo IBhayibheli
1 Umgomo oyinhloko ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli uwukwenza abafundi abasha, izisebenzi eziyohlanganyela nathi ekufundiseni abanye. (Math. 28:19, 20) Ngakho injongo yesifundo ayikhona nje ukudlulisela ulwazi; kufanele sigxilise ukholo olujulile kubantu esifunda nabo futhi sibalungiselele ukuhlanganyela ithemba labo nabanye. (2 Kor. 4:13) Singabasiza ngaziphi izindlela ezingokoqobo ukuze bakufanelekele ukufundisa abanye?—2 Thim. 2:2.
2 Yenza Inkonzo Ibe Umgomo: Zisuka nje, kwenze kucace ukuthi ukukhulekela kweqiniso kuhilela ‘ukuvuma ngomlomo kube ukusindiswa.’ (Roma 10:10) Lona kanye igama lethu, oFakazi BakaJehova, libonisa ukuthi kumelwe sikhulume nabanye. Basize ukuba babone ukuthi ukufundiswa kwabo akukhona nje okokuba kusindiswe bona kuphela. Lapho nabo ngokwabo beba abafundisi, labo ababalalelayo nabo baba nethuba lokusindiswa.—1 Thim. 4:16.
3 Bukeza Okufundiwe: Ukubukeza njalo ngezikhathi ezithile lokho okufundiwe kuyinsiza kufundisa ebalulekile. Kusiza umuntu ofunda naye ukuba akhule ngokomoya njengoba amaqiniso asanda kufundwa egxiliswa engqondweni nasenhliziyweni. Nathi ngokwethu siye sakubona lokhu lapho siphendula imibuzo yokubukeza ehlanganiswa eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Lungiselela imibuzo elula, eqondile yokuba umuntu ofunda naye ayiphendule ngamazwi akhe.
4 Ukubukeza kwenu kungahlelwa ngokwesimo senkonzo yasensimini. Phakamisa umbuzo noma uchaze isimo okuvame ukuhlangatshezwana naso lapho kufakazwa kwabanye. Yiba umninikhaya, bese umfundi ebonisa ukuthi ubengathini. Mncome ngalokho akwenze kahle, bese unikeza ukusikisela okuwusizo okuzomsiza ukuba aphumelele ngisho nangokwengeziwe esikhathini esizayo. Lokhu kuqeqesha kuyomfundisa indlela yokusebenzisa lokho akufundile futhi kuyothuthukisa ikhono lakhe lokusebenzisa iBhayibheli.
5 Incwadi Ethi Ukubonisana: Qiniseka ukuthi umuntu ofunda naye unayo incwadi ethi Ukubonisana, bese umqeqesha ukuba akwazi ukuyisebenzisa. Mbonise indlela enikeza ngayo ukusikisela okuphathelene nokuqala izingxoxo, ukuphendula imibuzo yeBhayibheli, noma ukubhekana nokuvinjwa kwengxoxo. Sebenzisa lencwadi esifundweni ukuze ubonise izindlela zokukhuluma nabanye ngendlela eyanelisayo. Lencwadi ingakha ukuzethemba kwakhe, ithuthukise ikhono lakhe lokuqala ukumemezela isigijimi soMbuso.
6 Gcizelela Ukubaluleka Kwemihlangano: Imihlangano yebandla, ikakhulukazi uMhlangano Wenkonzo kanye neSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, kuklanyelwe ukuba kusilungiselele inkonzo yasensimini. Zonke izindlela eziyisihluthulelo zokufakaza ngokuphumelelayo ziyabukezwa bese labo abanokuhlangenwe nakho nekhono benza imiboniso. Gcizelela ukubaluleka kwemihlangano, bese wenza konke okusemandleni akho ukuba umsize abe khona kuyo. Ukuba khona njalo kunganikeza ofunda naye ugqozi aludingayo lokuba umfundi weqiniso kaJesu.
7 Okungamelwe kunganakwa isibonelo sakho siqu. Ukuzimisela kwakho kanye nokuwenza njalo umsebenzi wokushumayela kubonisa ukwazisa kwakho okujulile ngeqiniso. Inkambo enjalo ikhuthaza umuntu ofunda naye ukuba enze okwengeziwe ukuze abonise ukholo lwakhe. (Luka 6:40) Konke lokhu kungasiza umuntu osanda kuhlanganyela ukuba abheke inkonzo njengelungelo futhi akujabulele ukuba nengxenye kuyo.—1 Thim. 1:12.