Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/94 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 5/94 k. 3

IZaziso

◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-19,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R9,50. Ngo-June: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00. Ngo-July: Noma yiziphi izincwajana ezintathu ezinamakhasi angu-32 ibandla elinazo esitokweni ngomnikelo wamasenti angu-90. Uma ibandla lingenazo izincwajana esitokweni, esikhundleni sazo kungasetshenziswa incwajana engangomagazini efanelekayo njengesipho. Izincwajana ezinamakhasi angu-⁠32 akufanele zi-odwe eNhlanganweni ngoba azikho, kodwa amabandla kufanele asebenzise izincwajana anazo njengamanje.

◼ Ngaphambi kokuqala umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso, abadala kufanele bathintane neKomiti Yokwakha Yesifunda yendawo yabo. Amakomiti esifunda aye anikezwa ukwaziswa okungasiza amabandla ukuba enze izinqumo ezihlakaniphile. Kuwukuhlakanipha ukucabangela ukusikisela okunikezwa amakomiti ezifunda ngaphambi kokuthenga izinto ezinjengezihlalo, okokwemboza udonga, ukhaphethi, noma umshini wokushisisa noma wokupholisa umoya. Nakuba iNhlangano kungekho mdayisi emtusayo, amaKomiti Okwakha Esifunda anikezwa ukwaziswa okuphathelene nabadayisi esikhathini esidlule okwatholakala kubo izinto zeqophelo eliphezulu ngendlela enokwethenjelwa.

◼Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:

NgesiZulu: Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.

◼Ikhasethi Elisha Elitholakalayo:

NgesiNgisi: Doing What Is Right in Jehovah’s Eyes (Idrama; ikhasethi elilodwa; ibandla neningi: R7,50; amaphayona: R6,50).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela