Ingabe Kudingeka Ngishintshashintshe Njalo?
Wonke amakhophi e-Nkonzo Yethu YoMbuso anikeza izintshumayelo ezingokomBhalo ezihlukahlukene esingazisebenzisa lapho sifakaza. Abamemezeli abaningi abakhuthele kakhulu bayakushisekela ukuthola imiqondo emisha nokusebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokuqala izingxoxo. INkonzo Yethu YoMbuso iyabalungiselela lokho abakudingayo ngokubanikeza ukusikisela okuningana inyanga ngayinye.
Nokho, kungenzeka ukuthi awusiboni isidingo sokukushintshashintsha njalo lokho okusebenzisayo. Kungenzeka unamahora ambalwa inyanga ngayinye ongahlanganyela ngawo emsebenzini wendlu ngendlu. Esikhathini esithile esidlule, kungenzeka ukuthi uye wajwayela izintshumayelo ezithile ozizwa wanelisekile ngazo, futhi othola imiphumela emihle ngokuzisebenzisa. Kungenzeka uthembele emibhalweni evame ukusetshenziswa, ehlanganisa iHubo 37:9-11, 2 Petru 3:13, IsAmbulo 21:4, neminye. Uma kunjalo, asikho isidingo sokuba uzizwe ubophekile ukuba ushintshele njalo kokuthile okuhlukile. Umgomo wethu oyinhloko uwukuhlanganyela ithemba loMbuso nabanye nokubasiza ukuba bafunde lokho okufanele bakwenze ukuze bafanelekele isibusiso sikaJehova. Uma uthola izintshumayelo ezihambisana nesikhathi nezikhangayo ezisencwadini ethi Ukubonisana okhetha ukuzisebenzisa futhi othola ukusabela okuhle lapho uzisebenzisa, unganqikazi ukuzisebenzisa.