IZaziso
● Isipho sencwadi sikaNovember: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo nethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? noma ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-kusha!” ngomnikelo ka-R4,50. NgoDecember: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50. NgoJanuary nangoFebruary: Ukusindela Emhlabeni Omusha ngomnikelo ka-R2,50. (Amabandla angazi-oda eNhlanganweni izincwadi zesipho esikhethekile.) NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R7,50.
● Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1991: Bamemezeli namaphayona, sizani ni-ode izincwajana zenu ezithi Ukuhlola ImiBhalo ngebandla. Amabandla kumelwe aqale manje ukuqoqa ama-oda alezincwajana. Khona-ke ngoNovember 1, 1990, noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho, thumelani leli-oda eNhlanganweni, nisebenzisa ifomu elivamile i“Literature Order” (S-14). Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ezingezinye izilimi kumelwe zibhalwe ngaphansi kohlu oluthi “Other Language Publications,” kuboniswa inani lolimi ngalunye ngokwehlukile kanye nonyaka ka-1991. Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyotholakala ngesiBhunu, isiDashi, isiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiGreki, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTshwana, isiXhosa, nesiZulu. Lezincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyobhalwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Kusazothunyelwa” kuze kube yilapho sezitholakele futhi zathunyelwa. Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-80c iyinye, okuyinani labamemezeli. Amaphayona avamile nakhethekile aba sohlwini ngaphambi kukaJuly 1, 1990, angathola eyodwa mahhala futhi athole ezinye ngo-50c iyinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweletu ku-akhawunti yawo yezincwadi, kufanele athumele i-oda lawo kanye nemali. Amakhophi amahhala anikezwe amaphayona kumelwe abhalwe ngokwehlukile efomini lokuthumela imali lazinyanga zonke (S-AB-20).
● Amabandla kumelwe asize akhumbule ukugcwalisa umbiko wawo womsebenzi wensimu engabelwe ekupheleni kukaOctober futhi awuthumele ukuba ufike kithina kungakedluli uNovember 15. Sizani nihlanganise nanoma yikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Futhi qinisekani ukuthi kusetshenziswa isitembu esifanele uma kuyimvilophu enkulu
● Amabandla manje asengali-oda itekisi lonyaka ka-1991, elizotholakala ngomnikelo ka-R12,00 lilinye ngezilimi ezilandelayo: IsiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Imali yalo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweletu ku-akhawunti yawo yezincwadi kumelwe athumele i-oda lawo nokheshe.
● Sizani niphawule: Isimiso sezilimi ezimbili siyoqhutshwa ngesiBhunu nangesiNgisi emhlanganweni wesigodi wasePort Elizabeth kulonyaka.
● Njengoba umhlangano kulonyaka uyoba izinsuku ezine, indikimba yabadala inganquma ukuba kuqhutshwe iSifundo Sencwadi Sebandla esivamile phakathi nesonto lomhlangano noma kuhlelwe ukuba ingxenye yesifundo esabelwe ihlanganiswe ngesonto elingaphambi komhlangano futhi ingxenye ihlanganiswe ngesonto elilandelayo ngaphezu kwezifundo zangalawomasonto.
● Izinombolo zocingo namakheli ababonisi bamabandla asemabhukwini eNhlangano kugcinwa kuyimfihlo. Ukwaziswa okunjalo kuyokwenziwa kutholakale kuphela kubabonisi abashayela iNhlangano ucingo ngokuphathelene nezindaba eziphuthumayo noma ezimweni ezibucayi. Nokho, amakheli amaHholo oMbuso ayonikezwa lapho ecelwa. Siyokujabulela ukudlulisela iposi elifakwe isitembu esifanele kunoma yimuphi ummeleli weNhlangano uma ungenalo ikheli lakhe. Ngaphandle kokuba kuyizimo ezibucayi noma kungezinye izindaba eziphuthumayo, sizani nishaye izingcingo zomuntu siqu emkhayeni waseBethel ngemva kwezikhathi zomsebenzi njengoba olayini bezingcingo beNhlangano besebenza kakhulu phakathi nosuku.
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Ukulalela UMfundisi Omkhulu (isethi yamakhasethi amane kanye nencwadi eku-albhamu; ibandla neningi: R30,00; amaphayona: R23,00) —ngesiBhunu
● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:
Ialbhamu yePhaphama! esekhasethini (engenalutho) (ialbhamu ebubende efaka amakhasethi angu-24; ibandla neningi: R23,50; amaphayona: R19,50)