Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 12/1 kk. 4-6
  • Imibono Yendawo Yomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibono Yendawo Yomoya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibono Ephathelene NoNkulunkulu Weqiniso
  • Izitha ZikaNkulunkulu Nabantu
  • Ingabe Abantu Baya Ezulwini Ngemva Kokufa?
  • Imibono Ngalabo Abasemazulwini Angabonakali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Ukuhlubuka Endaweni Yemimoya
    Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Umngane Wethu Omkhulu Usendaweni Yomoya
    I-Phaphama!—1996
  • Obani Abahlala Endaweni Yomoya?
    Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 12/1 kk. 4-6

Imibono Yendawo Yomoya

UNGAGQOLOZELA isibhakabhaka isikhathi eside kodwa ngeke umbone umuntu womoya. Ungazama ukulalelisisa kodwa ngeke uzwe lutho. Nokho, ungaqiniseka ukuthi zikhona izidalwa zomoya. Zihlakaniphe kakhulu futhi zinamandla amakhulu; zinamagama nobuntu obungefani. Ezinye zisenzela okuhle kanti ezinye zifuna ukusilimaza. Zonke zinesithakazelo kithi.

UNkulunkulu weqiniso naye unguMoya. (Johane 4:24) Unegama elikhethekile elimhlukanisa konkulunkulu bamanga abaningi. Igama lakhe nguJehova. (IHubo 83:18) Umhubi wabhala: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu. Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. Ngoba bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho; kepha uJehova, wenzé wona kanye amazulu. Isithunzi nobukhazikhazi kuphambi kwakhe; izikhwepha nobuhle kusendlini yakhe engcwele.”—IHubo 96:4-6.

Imibono Ephathelene NoNkulunkulu Weqiniso

IBhayibheli lisitshela ukuthi “akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.” (Johane 1:18) Ngeke nanini siyiqonde indlela abukeka ngayo nobukhazikhazi bakhe, njengoba nje umuntu ozalwe eyimpumputhe engenakuyiqonda imibala. Nokho, ngeZwi lakhe, iBhayibheli, uNkulunkulu usichazela izinto esingenakuzibona esebenzisa izinto esingazibona, njengoba nje nothisha onekhono echazela abafundi bakhe izinto ezinzima ngokusebenzisa izinto abazaziyo. Ngemibono ephefumulelwe eyanikezwa amadoda athembekile asendulo, uJehova usisiza ukuba silibone ngamehlo engqondo izulu futhi siqonde ubuhlobo esinabo nalabo abahlala kulo.

Ngokwesibonelo, umbono owanikwa umprofethi uHezekeli uhlobanisa inkazimulo kaJehova nomlilo, ukukhanya okukhulu, itshe lesafire nothingo. Komunye umbono, umphostoli uJohane ubona uJehova esesihlalweni sakhe sobukhosi futhi uthi “ubonakala, njengetshe lejaspi netshe eliyigugu elinombala obomvu,” abese ethi “isihlalo sobukhosi sizungezwe uthingo olubonakala lunjengesimaragidu.” Lezi zincazelo zisitshela ukuthi uJehova nendawo emzungezile yinhle kakhulu ngendlela engavamile futhi kukhona ukuthula okukhulu kuyo.—IsAmbulo 4:2, 3; Hezekeli 1:26-28.

Umprofethi uDaniyeli naye waba nombono kaJehova; kuwo wabona ‘izingelosi eziyizinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kukaJehova.’ (Daniyeli 7:10) Yeka indlela okumelwe ukuba wawumangalisa ngayo lowo mbono! Ukubona embonweni ingelosi eyodwa nje kungakhexisa umlomo, kodwa zama ukubona ngamehlo engqondo amashumi ezinkulungwane zezingelosi eziphelele!

IBhayibheli likhuluma ngezingelosi izikhathi ezingaba ngu-400, futhi zihlanganisa amaserafi namakherubi. EBhayibhelini, igama lesiGreki nelesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “ingelosi” womabili asho ukuthi “isithunywa.” Ngakho-ke, izingelosi ziyakwazi ukukhuluma zizodwa, futhi endulo zazikhuluma nabantu. Azikaze ziphile emhlabeni. UJehova wadala lezi zidalwa zomoya ngaphambi kokudala umuntu.—Jobe 38:4-7.

Embonweni kaDaniyeli, izingelosi eziningi zabuthana ukuze zibone isenzakalo esibalulekile. UDaniyeli wabe esebona “onjengendodana yomuntu” esondela esihlalweni sobukhosi sikaJehova futhi enikezwa “ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.” (Daniyeli 7:13, 14) Le ‘ndodana yomuntu’ iyisidalwa esinendima ebalulekile ezulwini. InguJesu Kristu ovusiwe futhi inikwa ilungelo lokubusa wonke umhlaba. Maduze, ukubusa kwayo kuzosusa bonke ohulumeni babantu, kuqede ukugula, ukudabuka, ukucindezelwa, ubumpofu, ngisho nokufa.—Daniyeli 2:44.

Ngokuqinisekile, ukubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi kwaletha injabulo enkulu ezingelosini eziningi ezithembekile ezifisela abantu okuhle kodwa. Nokho, okudabukisayo ukuthi akuzona zonke izidalwa zomoya ezazizwa ngaleyo ndlela.

Izitha ZikaNkulunkulu Nabantu

Ngemva nje kokudalwa kwabantu bokuqala, enye ingelosi yafisa ukukhulekelwa, ngakho yahlubuka kuJehova futhi yazenza uSathane, igama elisho ukuthi “uMphikisi.” USathane, isidalwa esibi kunazo zonke, umelene ngokuphelele noJehova, uNkulunkulu onothando olukhulu. Ezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuhlubukeni. IBhayibheli lizibiza ngokuthi amademoni. NjengoSathane, ziyizitha zabantu ezinonya. Ithonya lazo libangela ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, kuhlanganise nokuntuleka kobulungisa, ukugula, ubumpofu nezimpi.

Nakuba emasontweni amaningi eLobukholwa kungasakhulunywa ngoSathane, incwadi yeBhayibheli kaJobe isichazela ngobuntu nangezisusa zale ngelosi eyahlubuka. Ithi: “Kwathi ngosuku lapho amadodana kaNkulunkulu weqiniso engena ukuze ame phambi kukaJehova, noSathane wangena kanye nawo.” Engxoxweni eyalandela, uSathane wamangalela uJobe ngokwedelela, ethi ukhonza uNkulunkulu ngenxa yezinto ayemuphe zona. Ezama ukufakazela lokho, uSathane wamzwisa ubuhlungu obukhulu uJobe, wabulala imfuyo yakhe nezingane zakhe eziyishumi. Ngemva kwalokho, wamshaya ngamathumba amabi emzimbeni wonke. Kodwa wonke amagalelo kaSathane ehluleka.—Jobe 1:6-19; 2:7.

Ziningi izizathu eziye zenza uJehova wabekezelela uSathane isikhathi eside kangaka, kodwa ngeke ambekezelele phakade. UDeveli uzobhujiswa maduze. UJehova usezithathile kakade izinyathelo zokuqala futhi zichazwe kuyisAmbulo lapho sitshelwa khona ngesinye isenzakalo esibalulekile esenzeka ezulwini. Ukulotshwa kwazo phansi kuyasisiza ngoba sasingeke sikwazi ukuzibona ngamehlo. Siyafunda: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli [uJesu Kristu ovusiwe] nezingelosi zakhe balwa nodrako [uSathane], nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Ngakho waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.”—IsAmbulo 12:7-9.

Phawula ukuthi kuthiwa uSathane ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ Udukisa abantu ngokubhebhethekisa amanga angokwenkolo ukuze bahlubuke kuJehova futhi bangalilaleli iZwi lakhe. Amanye amanga awafundisayo ukuthi lapho abantu befa baya endaweni yomoya. Abantu bakholelwa izinto ezihlukahlukene ngokuqondene nale ndaba. Ngokwesibonelo, e-Afrika nase-Asia, abantu abaningi bakholelwa ukuthi lapho umuntu efa uya endaweni yomoya ayohlangana nabantu bakubo abafa kudala. Imfundiso yesihlanzo nesihogo nayo isekelwe enkolelweni yokuthi umuntu uyaqhubeka ephila nangemva kokufa.

Ingabe Abantu Baya Ezulwini Ngemva Kokufa?

Nokho, kuthiwani ngenkolelo yezigidi zabantu emhlabeni wonke yokuthi bonke abantu abalungile baya ezulwini? Kuyiqiniso ukuthi bakhona abantu abalungile abaya ezulwini, kodwa inani labo lincane uma liqhathaniswa nelezigidigidi ezafa. IBhayibheli lembula ukuthi abantu abangu-144 000 ‘bayothengwa emhlabeni’ futhi bayokhonza ‘njengabapristi namakhosi phezu komhlaba.’ (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3) Bekanye neNdodana yomuntu, uJesu Kristu, bayokwakha uhulumeni wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu. Lowo hulumeni uyobhubhisa uSathane namademoni akhe futhi uyokwenza umhlaba ube ipharadesi. Iningi lalabo abafa liyovuswa linethemba lokuphila phakade kulelo Pharadesi emhlabeni.—Luka 23:43.

Ngakho-ke, ngamafuphi nje, kunezidalwa eziningi ezihlala endaweni yomoya. UJehova uNkulunkulu, uMdali wakho konke okuphilayo, nguye ophakeme. Izingelosi ezingamashumi ezinkulungwane zimkhonza ngokwethembeka. Ezinye izingelosi eziholwa uSathane zahlubuka kuJehova futhi zimatasa zidukisa abantu. Ngaphezu kwalokho, inani labantu elilinganiselwe liye ‘lathengwa,’ noma lakhethwa, emhlabeni ukuze liyofeza imisebenzi ekhethekile ezulwini. Sisenala maphuzu engqondweni, masixoxe ngokuthi ubani okufanele sixhumane naye endaweni yomoya futhi kanjani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela