Ingabe Zikhona Izidalwa Zomoya Ezihlala Ndawana-thile?
EYurophu, owesifazane okhulile ungena esontweni ephethe irosari, abese eguqa ngenhlonipho phambi kwesithombe sikaMariya. E-Afrika, umndeni uthela ugavini eduze kwethuna lesihlobo osihloniphayo. Ezweni elithile laseMelika, insizwa izila ukudla futhi iyazindla inethemba lokuxhumana nalokho ekholelwa ukuthi yingelosi yakhe. E-Asia, umpristi ushisa izinto ezenziwe ngamaphepha amibalabala; lokhu ukwenzela abaphansi.
YINI laba bantu abafana ngayo? Bonke bakholelwa ukuthi kukhona izidalwa ezihlakaniphile ezweni lomoya okungaxhunyanwa nazo nezikwazi ukuthonya ukuphila kwabantu ngokujulile. Yiqiniso, le nkolelo ayiyintsha futhi ayisimangazi. Okumangazayo ukuthi kunemibono eminingi ephikisanayo ngokuthi obani abaphila ezweni lomoya.
AmaSulumane akhulekela unkulunkulu oyedwa—u-Allah.a AbeLobukholwa bathi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu, okungukuthi, uNkulunkulu uBaba, uNkulunkulu iNdodana noNkulunkulu uMoya Ongcwele. AmaHindu akholelwa ukuthi kunonkulunkulu nonkulunkulukazi abangaphezu kwenkulungwane. Abanye bathi imimoya ihlala ezilwaneni, ezihlahleni, emadwaleni nasemifuleni ethile. Kanti abanye bathonywa izincwadi, amabhayisikobho nezinhlelo zethelevishini ezikhuluma ngezingelosi namademoni, izipoki nemikhovu, onkulunkulu nonkulunkulukazi.
Njengoba nje kunezinkolelo eziningi ezingqubuzanayo mayelana nonkulunkulu abakhulekelwayo, miningi nemibono engqubuzanayo mayelana nendlela yokuxhumana nabo. Kunengqondo ukukholelwa ukuthi akunakwenzeka ukuthi zonke izindlela zinembile. Nasi isibonelo salokhu: Ngaphambi kokushaya ucingo, kudingeka sazi umuntu esifuna ukumshayela ucingo futhi kudingeka siqiniseke ukuthi uyawadla anhlamvana nokuthi uzosiphendula. Ngeke kwasisiza ukuzama ukuxhumana nomuntu ongaphili. Okungaba yingozi nakakhulu ukuxhumana nomkhohlisi.
Ngakho-ke, obani ngempela abahlala endaweni yomoya? IBhayibheli aligcini ngokuphendula lo mbuzo, kodwa lisitshela nokuthi ubani okumelwe sixhumane naye nokuthi singalindelani kuye. Funda izihloko ezilandelayo ukuze uthole ukuthi lembulani.
[Umbhalo waphansi]
a Igama elithi “Allah” limane nje lisho ukuthi “uNkulunkulu.”