Ubani Okufanele Sixhumane Naye?
UNKULUNKULU UMNINIMANDLA ONKE unike izidalwa zomoya imithwalo yemfanelo ethile. Ngokwesibonelo, unike uJesu Kristu ilungelo lokubusa umhlaba futhi uye wamisa izingelosi ezithembekile ukuba zisize ekuqondiseni ukumenyezelwa kwezindaba ezinhle. (IsAmbulo 14:6) Nokho, kuhlukile ngemithandazo. Akalinikanga muntu ilungelo lokulalela imithandazo. Kufanele siyise imithandazo yethu kuye kuphela.
UJehova ‘unguMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Uyayilalela imithandazo yethu futhi uyayiphendula. Ngokuphathelene nomthandazo, umphostoli uJohane wabhalela izinceku zikaJehova ezikanye naye: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando [kaNkulunkulu], uyasizwa. Futhi, uma sazi ukuthi uyasizwa nganoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi siyozithola izinto esizicelile ngoba sizicele kuye.”—1 Johane 5:14, 15.
Izingelosi ezithembekile azifuni sikhulume nazo noma sithandaze kuzo. Ziyaliqonda ilungiselelo likaNkulunkulu lomthandazo futhi ziyalisekela. Ngezinye izikhathi zithinteka ngokuqondile kulo. Kanjani? Ngesikhathi umprofethi uDaniyeli ethandaza kuJehova mayelana nokuba yincithakalo kweJerusalema, uNkulunkulu waphendula umthandazo wakhe ngokuthumela ingelosi uGabriyeli ukuba imlethele umyalezo okhuthazayo.—Daniyeli 9:3, 20-22.
Imiyalezo Okuthiwa Ivela Kwabafileyo
Ingabe kufanele sizame ukuxhumana nabafileyo? Abantu abaningi bathi baye bakhuluma nabantu abafile. Ngokwesibonelo, owesifazane othile wase-Ireland wavakashelwa owesifazane osebenzelana nemimoya owamtshela ukuthi ngobusuku bangayizolo wayekhulume noFred, umyeni walona wesifazane. Kodwa uFred wayesenamasonto ambalwa eshonile. Lesi sangoma satshela le nkosikazi ukuthi yini “uFred” ayeyishilo, izinto le nkosikazi eyayicabanga ukuthi zaziwa yiyo kuphela. Yeka indlela okwakungaba lula ngayo ukuphetha ngokuthi uFred wayephila ndawana-thile ezweni lemimoya nokuthi wayezama ukuxhumana naye esebenzisa lesi sangoma. Nokho, leso siphetho sasiyobe singqubuzana nalokho okushiwo yiBhayibheli ngesimo sabafileyo.—Bheka ibhokisi ngezansi.
Pho izindaba ezifana nalezi zivelaphi? Elinye ithuluzi lokukhohlisa elisetshenziswa amademoni ukuzenza abafileyo, futhi kule ndaba azenza uFred. Siyini isisusa sawo? Ukuze enze abantu bangakukholelwa okufundiswa iBhayibheli futhi enze buthaka ukholo lwabo, kanjalo bangamethembi uJehova. Akungatshazwa ukuthi uSathane namademoni badukisa abantu “ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso nangayo yonke inkohliso engalungile kulabo ababhubhayo.”—2 Thesalonika 2:9, 10.
Yiqiniso, abasebenzelana nemimoya abakholelwa ngempela ukuthi bakhuluma nabafileyo. Uma bexhumana naleyo mimoya, empeleni basuke bexhumana nemimoya emelene noJehova. Ngokufanayo, bakhona nalabo abakholelwa ukuthi bakhulekela uNkulunkulu, kube kungenjalo. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale lesi sixwayiso esinamandla: “Izinto izizwe ezizenza umhlatshelo zizihlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu.”—1 Korinte 10:20, 21.
Njengoba sazi ukuthi singathandaza kuMninimandla osithandayo nosikhathalelayo, besiyofunelani ukuthandaza komunye umuntu? Ingani neBhayibheli lisiqinisekisa ngalokhu: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Njengoba sazi ukuthi singathandaza kuMninimandla onke osithandayo nosikhathalelayo, besiyofunelani ukuthandaza komunye umuntu?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8, 9]
Iqiniso Noma Inkolelo-ze
IQINISO: USATHANE UNGOKOQOBO
“USathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya.”—2 Korinte 11:14.
“Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.”—1 Petru 5:8.
“Lowo oqhubeka enza isono uvela kuDeveli, ngoba uDeveli ubelokhu ona kusukela ekuqaleni.”—1 Johane 3:8.
“Ngakho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jakobe 4:7.
“UDeveli . . . wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni, akazange ame aqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.”—Johane 8:44.
INKOLELO-ZE: LAPHO ABANTU BEFA BAYA ENDAWENI YOMOYA
“Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.”—Genesise 3:19.
“Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5.
“Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho, ngoba akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eShiyoli [ethuneni], indawo oya kuyo.”—UmShumayeli 9:10.
“Umoya wayo uyaphuma, iphindela emhlabathini wayo; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala.”—IHubo 146:4.
IQINISO: IZINGELOSI EZITHEMBEKILE ZIYASIKHATHALELA
“Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.”—IHubo 34:7; 91:11.
“[Izingelosi] aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo yomphakathi, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa?”—Hebheru 1:14.
“Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo.’”—IsAmbulo 14:6, 7.
INKOLELO-ZE: UJESU ULINGANA NONKULUNKULU
“Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.”—1 Korinte 11:3.
“Lapho zonke izinto sezibekwe ngaphansi kwakhe, khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.”—1 Korinte 15:28.
“Ngiqinisile impela ngithi kini, INdodana ayikwazi ukwenza nento eyodwa ngokwayo, kodwa yenza kuphela lokho ebona uYise ekwenza.”—Johane 5:19.