Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 9/1 kk. 10-11
  • Owesifazane Ojabulayo Nonethemba Naphezu Kobumpofu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Owesifazane Ojabulayo Nonethemba Naphezu Kobumpofu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngingaphinda Nini Ngibe Iphayona Elisizayo?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Ukwaneliseka Nokupha
    I-Phaphama!—2018
  • Kungani Kunzima Kangaka Ukuhlala Ningabangane?
    I-Phaphama!—1989
  • “Angikaze Ngilubone Uthando Olunje”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 9/1 kk. 10-11

Incwadi Evela EBolivia

Owesifazane Ojabulayo Nonethemba Naphezu Kobumpofu

NJENGOBA ngikhonza njengesithunywa sevangeli ezweni elisathuthuka, angikujwayeli ukubona abantu abampofu nabaphelelwe ithemba. Ngifisa sengathi ngingabona bonke abantu bengasahlupheki. Kodwa ngiyazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoxazulula lezi zinkinga. Noma kunjalo, izikhathi eziningi ngiye ngabona ukuthi abantu abalalela iZwi likaNkulunkulu bathola injabulo naphezu kwezimo ezinzima. USabina ungomunye wabo.

Ngolunye usuku, uSabina wavalelisa umyeni wakhe lapho egibela umkhehlekhehle webhasi eyofuna umsebenzi oholela kangcono kwelinye izwe. Uhamba nje ushiya amadodakazi akhe amabili. Izinyanga zaphenduka iminyaka kodwa lutho ukubuya. Selokhu umyeni wakhe ahamba, uSabina usebenza kanzima ukuze akwazi ukondla amadodakazi akhe amabili uMilena noGhelian.

Mhla ngiqala ukubona uSabina wayesesitolo sikadadewabo ngenye intambama, edayisela ngesineke abantu ababejahile. Wawuzibonela nje ukuthi wayekhathele eyingcuba ngoba wayesebenze kanzima usuku lonke. Ngacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli yena namadodakazi akhe. Wathi: “Ngingakujabulela ukufunda kodwa ngihlale ngimatasa. Nokho, ngingathanda ukuthi ufundele amadodakazi ami.” Ngavuma. Njengoba isifundo sasiqhubeka, ngamazi kangconywana uSabina futhi ngaya ngokuya ngiluqonda usizi lwakhe.

Nsuku zonke uSabina uvuka ngehora lesine ekuseni. Ngenkathi amadodakazi akhe esalele endlini yakhe eyikamelo elilodwa, yena ubeka ibhodwe eziko. Upheka inyama azoyisebenzisa lapho enza ophaya azobathengisa ukuze athole imali yokondla izingane zakhe. Ngayizolo ulale exove inhlama yokwenza ophaya.

Ngokucophelela, uSabina ufaka izinto azozidinga phakathi nosuku enqoleni ayibolekile—isambulela, isitofu esinepuleti elilodwa, ibhodlela le-gas, itafula, izihlalo, amabhodwe, amafutha, inyama, inhlama kanye namalitha amaningi esiphuzo esenziwe ngezithelo.

Ngehora lesithupha, uSabina namadodakazi akhe basuke sebelungele ukuhamba. Bahluthulela umnyango. Ubuso babo abukutsheli okutheni ngoba abakhulumi futhi abahleki. Izingqondo zabo zigxile kulokho abayokwenza. Njalo ekuseni, ngihlale ngibuka ngefasitela lendlu yethu yezithunywa zevangeli abantu beshiya izindlu zabo beyokwenza umsebenzi ofanayo. Yebo, uSabina ungomunye wabesifazane abaningi abashiya izindlu zabo kusesentathakusa bayodayisa ukudla neziphuzo emigwaqweni yaseBolivia.

Seligamenxe ihora lesithupha futhi sekuyasa, uSabina namadodakazi akhe bafika endaweni abathengisela kuyo. Kungekho okhulumisa omunye, bakhipha izinto ezisenqoleni ukuze balungele ukupheka. USabina ufaka uphaya wokuqala ebhodweni elinamafutha abilayo futhi uyahlihliza njengoba ewupheka. Kuzwakala iphunga elimnandi emoyeni opholile wasekuseni elibiza abantu abalambile ukuba bazothenga.

USabina ubuza umthengi wokuqala: “Ufuna abangaki?” Ngaphandle kokumbheka, indoda esagcwele ubuthongo iphakamisa iminwe emibili, bese uSabina eyinikeza ophaya. Ibe isimkhokhela ngobadlana nje lwemali. Lokhu uzokwenza izikhathi eziningi phakathi nosuku. Lapho sebethengise bonke ophaya, bayaqoqa babuyele ekhaya. Nakuba ekhathele eyingcuba, uyahamba ayosebenza esitolo sikadadewabo.

Lapho ngifika esitolo ukuze ngifunde namadodakazi akhe, ngathola sekubekwe amabhentshi amabili amancane. Kusukela siqala ukufunda, uMilena owayeneminyaka engu-9 noGhelian owayenengu-7, babebheka phambili esifundweni ngasinye futhi besilungiselela kahle. Ngokuhamba kwesikhathi, la mantombazane anamahloni angivulela isifuba futhi ngasondelana nawo. Lokhu kwamthinta ngokujulile uSabina. Nakuba ayehlala ematasa wacela ukuba naye ngimfundele iBhayibheli.

Njengoba ulwazi lukaSabina lwalukhula, nothando lwakhe ngoJehova uNkulunkulu lwakhula. Wezwa into ayeqala ukuyizwa—injabulo! USabina owayehlala ekhathele futhi enosizi manje useshintshile. Usenempilo futhi amehlo akhe agcwele injabulo. Udadewabo wakuqaphela lokhu futhi wathi: “USabina usehlale emomotheka okuyinto obuqabukela ukuyibona.” Nabanye abantu balubona lolu shintsho olukhulu kuSabina namadodakazi akhe. Isidingo sakhe sokwazi iqiniso ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe sase sigcwalisiwe.

USabina wayesijabulela isifundo sakhe yize ukuphila kwakhe okumatasa kwakungamvumeli ukuba aye emihlanganweni yobuKristu. Ekugcineni, wavuma lapho ngimcela ukuba eze eHholo LoMbuso. Ngemva kwalokho akazange ayeke ukuba khona. USabina wazitholela abangane beqiniso ebandleni. Wazibonela ngokwakhe ukuthi ngempela uJehova uyabanakekela labo abamthandayo nabazidelayo ukuze bamkhonze.—Luka 12:22-24; 1 Thimothewu 6:8.

USabina wayekuthanda lokho ayekufunda futhi waba nesifiso sokukufundisa abanye. Kodwa wathi, “Ngiye ngishaywe uvalo lapho ngicabanga ngokushumayeza abantu.” Wacabanga, ‘Umuntu onovalo futhi ongafundile kuyaphi njengami angamfundisa kanjani omunye umuntu?’ Nakuba ayezizwa ngale ndlela, umusa ayewubonisiwe nentuthuko ayeseyenze ekuphileni kwakhe kwamshukumisela ukuba athathe lesi sinyathelo esibalulekile. Wabona nokuthi uyisibonelo emadodakazini akhe. Ngakho, waqala ukutshela abanye izindaba ezinhle. Amadodakazi akhe nawo aqala ukushumayela ngentshiseko.

Nakuba isimo sikaSabina esingokomnotho singakashintshi kangako, akasafani nabesifazane abaningi abahluphekayo nabangajabule ekuphileni. Indlela asebheka ngayo ukuphila isishintshile. Njengoba manje esengumKristu obhapathiziwe usehlanganyela nabanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu—okuyilona khambi lokuhlupheka nosizi olusemhlabeni.—Mathewu 6:10.

Manje yihora lesihlanu ekuseni, futhi uSabina usekulungele ukuphuma endlini yakhe eyikamelo elilodwa. Kodwa namuhla akayi ukuyothengisa ophaya. Uyohlangana neqembu lamanye amaKristu ukuze bayoshumayela emgwaqweni. Ukunikela ngesikhathi sakhe isonto ngalinye ukuze asize abanye kuye kwanezela injabulo ekuphileni kwakhe. Uhluthulela umnyango wakhe enobuso obumomothekayo, angene indlela. Namuhla akaqhubi inqola kodwa uphethe isikhwama esineBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini azozisebenzisa ukuze asakaze isigijimi sethemba kwabanye. Emomotheka ngelikhulu ithemba, uthi, “Angikaze ngiphuphe ukuthi ngiyoke ngikwazi ukukhuluma nabanye abantu ngeBhayibheli.” Uyanezela, “Angive ngikuthanda!”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela