Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 1 kk. 4-5
  • Ukwaneliseka Nokupha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwaneliseka Nokupha
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZINTO EZINGAKUSIZA UTHOLE INJABULO
  • Ingabe Ingcebo Ingakwenza Ujabule?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?
    I-Phaphama!—2007
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 1 kk. 4-5
Ubaba nendodana badlala ibhola

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

Ukwaneliseka Nokupha

ABANYE ABANTU BACABANGA UKUTHI INJABULO NEMPUMELELO UKUTHOLA UMA UNENGCEBO NEZINTO EZININGI. Abantu abaningi abacabanga kanjalo, basebenza amahora amaningi bezikhandla ukuze benze imali eyengeziwe. Ingabe imali nezinto eziningi umuntu anazo kuletha injabulo? Bubonisani ubufakazi?

Incwadi ethi Journal of Happiness Studies ibonisa ukuthi, uma izidingo zethu ezibalulekile sezanelisekile, ukuba nemali eningi akuyinezeli injabulo ekuphileni kwethu. Umagazini i-Monitor on Psychology uthi imali ngokwayo ayiyimbi, kodwa “okwenza abantu bangajabuli, ukulwela ukwenza imali eyengeziwe.” La mazwi avumelana neseluleko esalotshwa eBhayibhelini eminyakeni engaba ngu-2 000 eyedlule esithi: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Ingaba yini leyo minjunju?

UKUNGALALI KAHLE NGENXA YOKUKHATHAZEKA NGEZINTO ONAZO. “Bumnandi ubuthongo balowo okhonzayo, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kuningi akudlayo; kodwa inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.”—UmShumayeli 5:12.

UKUDUMAZEKA LAPHO IMALI INGAKULETHELI INJABULO OBUYILINDELE. Isizathu salokho ukuthi imali ayisoze yakwanelisa, noma ngabe iningi kangakanani. “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.” (UmShumayeli 5:10) Ukufisa ukuceba kungenza umuntu adele izinto ezibalulekile ezingamlethela injabulo, njengokuchitha isikhathi nomndeni nabangane, noma ukwenza izinto ezimsondeza kuNkulunkulu.

UKUHLALELA OVALWENI LAPHO AMANDLA EMALI EWOHLOKA. “Ungakukhandlekeli ukuzuza ingcebo. Kuyeke okwakho ukuqonda. Ingabe uye wabangela ukuba amehlo akho ayithi klabe, ibe ingelutho? Ngoba nakanjani izenzela amaphiko anjengawokhozi indizele emazulwini imuke.”—IzAga 23:4, 5.

IZINTO EZINGAKUSIZA UTHOLE INJABULO

UKWANELISEKA. “Ngoba asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:7, 8) Ngokuvamile abantu abanelisekile ekuphileni ngeke ubathole bekhononda, kanti nendlela ababheka ngayo izinto nabacabanga ngayo, iyabavikela ukuba bangabi nomona. Ngenxa yokuthi abafisi izinto abangenamali yokuzithola, abakhathazeki noma bacindezeleke ngokungenasidingo.

UKUPHA. “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Abantu abakuthandayo ukupha, noma ngabe kuncane kangakanani abaphana ngakho, kuyabajabulisa ukubona abanye bejabula. Ngokuvamile bazuza okungaphezu kwalokho abasuke bekuphe abanye, bazuza izinto ongeke ukwazi ukuzithenga—uthando, inhlonipho, abangane beqiniso nabo abakuthandayo ukupha ngokusuka enhliziyweni!—Luka 6:38.

UKUBHEKA ABANTU NJENGABABALULEKILE KUNEZINTO ONAZO. “Singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando kunenkunzi ekhuluphalisiweyo ehambisana nenzondo.” (IzAga 15:17) Liyini iphuzu? Ukuba nobungane nokuthanda abanye kungcono kakhulu kunanoma iyiphi ingcebo. Njengoba siqhubeka nalesi sihloko, sizobona ukuthi siyaludinga uthando ukuze sijabule.

USabina waseNingizimu Melika, wafunda ukuthi kubaluleke kangakanani ukuphila ngokuvumelana nalokho okushiwo yiBhayibheli. Ngemva kokushiywa umyeni wakhe, kwakunzima ukuthola izinto azidingayo nokunakekela amadodakazi akhe amabili. Wayenemisebenzi emibili, evuka njalo ngo-4 ekuseni. Nakuba kwakumkhandla kakhulu lokhu, uSabina wanquma ukutadisha iBhayibheli. Waba yini umphumela?

Nakuba isimo sakhe sezimali saqhubeka sifana, indlela ayebheka ngayo izinto yashintsha ngokuphelele! Ngokwesibonelo, ukusondelana noNkulunkulu kwamnika injabulo. (Mathewu 5:3) Wathola nabangane beqiniso ebandleni lobuKristu. Wathola nenjabulo ngokuxoxela abanye lokho ayekufunda eBhayibhelini.

IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Uma sicabanga ngakho; ukwaneliseka, ukupha kanye nokubheka abantu njengababalulekile kunezinto esinazo, kuwubufakazi bokuthi singakwazi ukujabula.

AMAPHUZU AYINHLOKO

“Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—​1 Thimothewu 6:10.

“Uthando lwemali” lungenza ukuba . . .

  • Ungalali kahle ngenxa yokukhathazeka

  • Udumazeke

  • Uhlalele ovalweni

Injabulo itholwa abantu . . . 

  • Abaneliswa yilokho abanakho

  • Abaphayo

  • Ababheka abantu njengababalulekile kunezinto abanazo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela