Ungazenza Kanjani—Izinqumo Ezihlakaniphile?
USOLOMONI, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, wathi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe.” Ngezinye izikhathi iningi lethu liye lenza izinqumo ezingahlakaniphile ngenxa nje yokuthi lasishaya indiva iseluleko sabanye.—IzAga 1:5.
Kamuva lawo mazwi kaSolomoni alotshwa eBhayibhelini kanye namanye amazwi ‘ezaga eziyizinkulungwane ezintathu’ aziqamba. (1 AmaKhosi 4:32) Singazuza yini ngokwazi nangokulalela la mazwi akhe ahlakaniphile? Yebo. Asisiza ukuba ‘sazi ukuhlakanipha nesiyalo, siqonde amazwi okuqonda, samukele isiyalo esinika ukuqondisisa, ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho.’ (IzAga 1:2, 3) Ake sixoxe ngeziqondiso ezinhlanu ezisekelwe eBhayibhelini ezingasisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile.
Cabanga Ngemiphumela Ehlala Isikhathi Eside
Ezinye izinqumo ziyoba nemiphumela emikhulu. Ngakho, zama ukuthola kusengaphambili ukuthi iyoba yini. Qaphela ukuba ungavumeli ukukhanga kwezinzuzo zesikhashana kukwenze ungayiboni imiphumela engathandeki ehlala isikhathi eside engaba khona. IzAga 22:3 ziyaxwayisa: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.”
Kungasiza ukubhala ephepheni ukuthi iyoba yini imiphumela ehlala isikhashana nehlala isikhathi eside. Imiphumela ehlala isikhashana yokukhetha umsebenzi othile ingase ibe iholo elihle nomsebenzi ojabulisayo. Kodwa kungenzeka yini ukuthi imiphumela ehlala isikhathi eside ihlanganisa nokuba nomsebenzi ongenayo ngempela imiphumela emihle obuyilindele? Ingabe kungadingeka ukuthi ekugcineni uthuthele kwenye indawo, mhlawumbe kude nabangane noma umkhaya? Ingabe ungakwenza ube sesimweni esingesihle noma ungakujabulisi kangangokuthi uze ukhungatheke kakhulu? Cabanga ngokucophelela ngobuhle nangobubi bawo bese unquma ukuthi yikuphi okufanele kuze kuqala.
Zinike Isikhathi Esanele
Kalula nje, izinqumo ezenziwe ngokuxhamazela zingaphenduka ezingahlakaniphile. IzAga 21:5 ziyaxwayisa: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” Ngokwesibonelo, intsha enothando lokuthatheka ngothile kufanele izinike isikhathi ngaphambi kokuba inqume ukushada ngokushesha. Ngale kwalokho, ingase ibhekane nalokho uWilliam Congreve, umlobi wemidlalo oyiNgisi wangeminyaka yawo-1700, akusho: “Uma umuntu eshada ngokubhuduzela, uyoba nesikhathi esiningi sokuzisola.”
Nokho, ukuzinika isikhathi esanele akusho ukuzindela. Ezinye izinqumo zibaluleke kakhulu kangangokuthi kuwukuhlakanipha ukuzenza ngokushesha kangangokunokwenzeka. Ukulibala ngokungadingekile kungasilahlekisela kakhulu, thina noma abanye. Ukuhlehlisa ukwenza isinqumo kungase kube isinqumo kona ngokwako—mhlawumbe esingahlakaniphile.
Yamukela Iseluleko
Njengoba zingekho izimo ezifana ncamashí, abantu ababili bangase bangenzi njalo isinqumo esifanayo lapho bebhekene nenkinga efanayo. Noma kunjalo, kuyasiza ukuzwa ukuthi abanye básenza kanjani isinqumo ezindabeni ezifana nalezo esibhekene nazo. Babuze ukuthi basibheka kanjani manje isinqumo sabo. Ngokwesibonelo, lapho ukhetha umsebenzi, buza labo abawenzayo kakade ukuthi ziyini izici ezinhle nezimbi zalowo msebenzi. Babuze ukuthi ziyini izinzuzo zalo msebenzi abaye bawukhetha nokuthi ziyini izithiyo noma izingozi ezingase zivele?
Nakhu esixwayiswa ngakho: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.” (IzAga 15:22) Yiqiniso, lapho sifuna iseluleko futhi sifunda kokwenzeka kwabanye, kufanele senze kanjalo sibe sazi ngokugcwele ukuthi ekugcineni yithina ngokwethu okumelwe senze isinqumo futhi siwuthwale nomthwalo wokwenza kanjalo.—Galathiya 6:4, 5.
Lalela Unembeza Oqeqeshwe Kahle
Unembeza ungasisiza ukuba senze izinqumo ngokuvumelana nezimiso eziyisisekelo esikhetha ukuphila ngokuvumelana nazo. KumKristu, lokhu kusho ukuqeqesha unembeza ukuba uvumelane nemicabango kaNkulunkulu. (Roma 2:14, 15) IZwi likaNkulunkulu liyasitshela: “Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:6) Yiqiniso, kwezinye izimo abantu ababili—ngamunye ononembeza oqeqeshwe kahle—bangase bafinyelele iziphetho ezingafani futhi benze nezinqumo ezingafani.
Nokho lapho kuziwa ezintweni iZwi likaNkulunkulu elizilahla ngokuqondile, unembeza oqeqeshwe kahle ngeke ukunike inkululeko enjalo. Ngokwesibonelo, unembeza ongaqeqeshiwe yizimiso zeBhayibheli ungase uvumele indoda nowesifazane ukuba bafune ukubona ukuthi bayafanelana yini ngokuthi bavele bahlale nje ndawonye bengakashadi. Bangase bacabange ukuthi benze isinqumo esihlakaniphile, bethi lokho kuzobavimbela ukuba bajahe ukungena emshadweni ongahlakaniphile. Unembeza wabo ungase ungabalahli. Nokho, noma ubani ohambisana nombono kaNkulunkulu mayelana nobulili nomshado ngeke anqume ukwenza into enjalo ewukuziphatha okubi.—1 Korinte 6:18; 7:1, 2; Hebheru 13:4.
Indlela Izinqumo Zakho Ezibathinta Ngayo Abanye
Kaningi, izinqumo zakho zingase zibathinte abanye. Ngakho ungalokothi wenze ngamabomu isinqumo esingahlakaniphile—ngisho nesiwubuwula—esingakulahlekisela abangane nezihlobo ozazisayo, noma ngaphezu kwakho konke, ubuhlobo obuyigugu onabo noNkulunkulu. IzAga 10:1 zithi: “Indodana ehlakaniphile yileyo eyenza uyise ajabule, kanti indodana eyisiphukuphuku iwusizi lukanina.”
Ngakolunye uhlangothi, qaphela ukuthi ngezinye izikhathi kudingekile ukukhetha ukuthi ulondoloza buphi ubungane. Ngokwesibonelo, ungase unqume ukulahla imibono yenkolo owawunayo ngaphambili osuyazi manje ukuthi iyaphikisana nemiBhalo. Noma ungase unqume ukwenza izinguquko ezinkulu ebuntwini bakho ngenxa yesifiso sakho sokuvumelanisa ukuphila kwakho neziqondiso zikaNkulunkulu osuzamukele. Isinqumo sakho singase singabajabulisi abanye abangane noma izihlobo, kodwa noma isiphi isinqumo esijabulisa uNkulunkulu siyisinqumo esihlakaniphile.
Hlakanipha Wenze Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke
Nakuba iningi labantu lingakuqapheli, wonke umuntu namuhla kumelwe akhethe phakathi kokuphila nokufa. Ngesikhathi ama-Israyeli asendulo ekanise emngceleni weZwe Lesithembiso ngo-1473 B.C.E. ayebhekene nesimo esifanayo. Ekhonza njengomkhulumeli kaNkulunkulu, uMose wawatshela: “Ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, isibusiso nesiqalekiso; kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila, wena nenzalo yakho, ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye; ngoba ungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova afunga kokhokho bakho o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukubanika lona.”—Duteronomi 30:19, 20.
Isiprofetho seBhayibheli nokubala kwalo izikhathi kubonisa ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’ nokuthi “isimo saleli zwe siyashintsha.” (2 Thimothewu 3:1; 1 Korinte 7:31) Lolu shintsho olwabikezelwa luyofinyelela umvuthwandaba lapho kubhujiswa lesi simiso sabantu esonakele, okuyokuthi esikhundleni saso kube khona umhlaba omusha kaNkulunkulu onokulunga.
Lo mhlaba omusha ususemnyango. Ingabe uyokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu? Noma uyosuswa emhlabeni lapho isimiso sikaSathane siqedwa? (IHubo 37:9-11; IzAga 2:21, 22) Uwena okufanele unqume ukuthi ufuna ukuphila kanjani manje, futhi empeleni lokhu kuyisinqumo esisho ukuphila noma ukufa. Ungalujabulela yini usizo ukuze wenze isinqumo esifanele, esihlakaniphile?
Ukukhetha ukuphila kuhilela ukufunda kuqala ngezimfuneko zikaNkulunkulu. Ngokuvamile amasonto aye ahluleka ukufundisa lezi zimfuneko ngokunembile. Kaningi abaholi bawo baye badukisa abantu babenza ukuba bakholelwe emangeni nokuba benze izinto ezingamjabulisi uNkulunkulu. Baye bakushaya indiva ukuchaza isidingo sokuba umuntu azenzele isinqumo sokukhonza uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Yingakho abantu abaningi bengakwenzi lokhu. Kodwa phawula lokho uJesu akusho: “Ongekho ngasohlangothini lwami umelene nami, nongabuthi kanye nami uyahlakaza.”—Mathewu 12:30.
Ngenjabulo oFakazi BakaJehova basiza abantu ukuba bathole ulwazi olungcono lweZwi likaNkulunkulu. Njalo baba nezingxoxo zeBhayibheli nabantu ngabanye noma namaqembu endaweni ekahle kubona nangesikhathi abasinqumile. Labo abafuna ukusizakala kuleli lungiselelo kufanele bathinte oFakazi bangakubo noma babhalele abanyathelisi be-Nqabayokulinda.
Yiqiniso, kungenzeka ukuthi abanye sebenalo kakade ulwazi oluyisisekelo lalokho uNkulunkulu akufunayo. Kungenzeka ngisho nokuthi bayavuma ukuthi iBhayibheli liyiqiniso futhi lithembekile. Noma kunjalo, abaningi babo bayazindela ukwenza isinqumo sokuzinikezela kuNkulunkulu. Kungani kunjalo? Kungase kube ngenxa yezizathu eziningana.
Kungenzeka yini ukuthi abazi ukuthi kubaluleke ngani ukwenza lesi sinqumo? UJesu washo ngokucacile wathi: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” (Mathewu 7:21) Ulwazi lweBhayibheli lulodwa alwanele; kudingeka isenzo. Ibandla lokuqala lobuKristu labeka isibonelo. Nakhu esikufundayo ngabanye bangekhulu lokuqala leminyaka: “Lapho bekholwa nguFiliphu, owayememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu nezegama likaJesu Kristu, babhapathizwa, kokubili amadoda nabesifazane.” (IzEnzo 2:41; 8:12) Ngakho, uma umuntu eye wamukela iZwi likaNkulunkulu ngenhliziyo yonke, ekukholelwa lokho elikushoyo, futhi esevumelanise ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu, yini emvimbela ukuba abhapathizwe ukuze abonakalise ukuzinikezela kwakhe? (IzEnzo 8:34-38) Yiqiniso, ukuze amukeleke kuNkulunkulu, kufanele athathe lesi sinyathelo ngokuzithandela nangenhliziyo ejabulayo.—2 Korinte 9:7.
Abanye bangase bacabange ukuthi abanalo ulwazi olwanele ukuba banganikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu. Kodwa wonke umuntu oqala umsebenzi omusha ekuphileni kwakhe usuke enolwazi oluncane ngawo. Yimuphi uchwepheshe ongathi lokho akwaziyo namuhla wayevele ekwazi lapho eqala umsebenzi wakhe? Ukunquma ukukhonza uNkulunkulu kufuna nje ulwazi oluyisisekelo lwezimfundiso nezimiso zeBhayibheli, oluhambisana nesifiso esiqotho sokuphila ngokuvumelana nalo.
Ingabe abanye bayalibala ukwenza isinqumo ngoba besaba ukuthi bangase bahluleke ukuphila ngokuvumelana naso? Ukukhathazeka okufanele mayelana nokwehluleka kuba khona ezibophweni eziningi abantu abazenzayo. Indoda enquma ukushada futhi ibe nomkhaya ingase ngandlela-thile izizwe ingakufanelekele, kodwa ukwenza isibopho kuyishukumisela ukuba yenze konke okusemandleni ayo. Ngokufanayo, umuntu osemncane osanda kuthola izincwadi zokushayela angase asabe ukuthi uzobanga ingozi—ikakhulukazi uma ezazi izibalo ezibonisa ukuthi abashayeli abasebancane bathambekele kakhudlwana ekwenzeni izingozi kunasebekhulile. Nokho, lolu lwazi lungaba usizo, lumenze acophelele kakhudlwana lapho eshayela. Ukuyeka ukuthatha izincwadi zokushayela akulona neze ikhambi!
Khetha Ukuphila!
IBhayibheli libonisa ukuthi isimiso samanje sezombusazwe, esezomnotho nesezenkolo esikhona embulungeni yonke kanye nalabo abasisekelayo kuzodlula ngokushesha emhlabeni. Nokho, abantu abaye benza ngokuhlakanipha, bakhetha ukuphila futhi abenza ngokuvumelana nakho bayosala. Njengengxenye eyinhloko yomphakathi womhlaba omusha, bayohlanganyela ekwenzeni umhlaba ube ipharadesi, njengoba uNkulunkulu ayehlosile kwasekuqaleni. Ungathanda yini ukuhlanganyela kulo msebenzi ojabulisayo ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu?
Uma kunjalo, nquma ukufunda iZwi likaNkulunkulu. Nquma ukufunda izimfuneko zikaNkulunkulu ukuze umjabulise. Nquma ukuphila ngokuvumelana nazo nazo. Ngaphezu kwakho konke, nquma ukubambelela esinqumweni sakho kuze kube sekupheleni. Ngamafuphi, khetha ukuphila!
[Izithombe ekhasini 4]
Zinike isikhathi esanele lapho wenza izinqumo ezibalulekile
[Isithombe ekhasini 5]
Yamukela iseluleko lapho ukhetha umsebenzi
[Izithombe ekhasini 7]
Labo abanquma ukukhonza uNkulunkulu manje bayohlanganyela ekwenzeni umhlaba ube ipharadesi