Ukwenza Izinqumo—Inselele Engenakugwenywa
UNAPOLEON BONAPARTE, umbusi waseFrance wangekhulu le-19 wake wathi: “Ayikho into enzima, futhi ngenxa yalokho eyigugu kakhulu, ukwedlula ukukwazi ukwenza izinqumo.” Cishe uzovumelana nakho kokubili lokhu, ngoba ngokuvamile abantu bayakwazisa ukulawula ukuphila kwabo. Ngesikhathi esifanayo, baye bafunda ukuthi ngezinye izikhathi ukwenza izinqumo akulula neze.
Kungakhathaliseki ukuthi kulula noma kunzima, ukwenza izinqumo akunakugwenywa. Sibhekana nakho nsuku zonke. Lapho sivuka ekuseni, kumelwe sinqume ukuthi sizogqokani, sizodlani nokuthi sizozenza kanjani ezinye izinto eziningi phakathi nosuku. Eziningi zalezi zinqumo azibalulekile kangako. Kuyaqabukela sicabangisisa ngazo. Akuvamile ukuba siqwashe sizibuza ukuthi lezi zinqumo ziwukuhlakanipha yini noma ziwubuwula.
Ngakolunye uhlangothi, ezinye izinqumo zibaluleke kakhulu. Intsha eningi ezweni lanamuhla kumelwe inqume ukuthi yimiphi imigomo okufanele iyiphishekele. Kungase kudingeke inqume ukuthi kudingeka ithole hlobo luni lwemfundo nokuthi izothatha isikhathi esingakanani. Ekugcineni iningi layo liyonquma ukuthi lishade yini noma lihlale lingashadile. Leyo ntsha ekhetha ukushada kumelwe izibuze: ‘Ingabe ngimdala futhi ngivuthwe ngokwanele ukuba ngishade? Ngifuna ukushada nomuntu onjani, noma okubaluleke nakakhulu, kudingeka ngishade nomuntu onjani?’ Zimbalwa izinqumo ezithonya ukuphila kwethu kakhulu ukwedlula esokuthi sizoshada nobani.
Ezindabeni ezibaluleke kakhulu, kubalulekile ukwenza izinqumo ezihlakaniphile, njengoba injabulo ixhomeke kakhulu ekwenzeni kanjalo. Abanye abantu bangase bacabange ukuthi bayakwazi ukwenza izinqumo ezinjalo futhi bangase bangalwamukeli usizo lapho belunikezwa. Ingabe lokho kuwukuhlakanipha? Ake sibone.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Napoleon: From the book The Pictorial History of the World