Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 10/15 k. 3
  • Ukwenza Izinqumo—Inselele Engenakugwenywa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwenza Izinqumo—Inselele Engenakugwenywa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bonisa Ukholo​—⁠Unqume Ngokuhlakanipha!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Isethulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
  • Yenza Izinqumo Zakho Ngokuhlakanipha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 10/15 k. 3

Ukwenza Izinqumo—Inselele Engenakugwenywa

UNAPOLEON BONAPARTE, umbusi waseFrance wangekhulu le-19 wake wathi: “Ayikho into enzima, futhi ngenxa yalokho eyigugu kakhulu, ukwedlula ukukwazi ukwenza izinqumo.” Cishe uzovumelana nakho kokubili lokhu, ngoba ngokuvamile abantu bayakwazisa ukulawula ukuphila kwabo. Ngesikhathi esifanayo, baye bafunda ukuthi ngezinye izikhathi ukwenza izinqumo akulula neze.

Kungakhathaliseki ukuthi kulula noma kunzima, ukwenza izinqumo akunakugwenywa. Sibhekana nakho nsuku zonke. Lapho sivuka ekuseni, kumelwe sinqume ukuthi sizogqokani, sizodlani nokuthi sizozenza kanjani ezinye izinto eziningi phakathi nosuku. Eziningi zalezi zinqumo azibalulekile kangako. Kuyaqabukela sicabangisisa ngazo. Akuvamile ukuba siqwashe sizibuza ukuthi lezi zinqumo ziwukuhlakanipha yini noma ziwubuwula.

Ngakolunye uhlangothi, ezinye izinqumo zibaluleke kakhulu. Intsha eningi ezweni lanamuhla kumelwe inqume ukuthi yimiphi imigomo okufanele iyiphishekele. Kungase kudingeke inqume ukuthi kudingeka ithole hlobo luni lwemfundo nokuthi izothatha isikhathi esingakanani. Ekugcineni iningi layo liyonquma ukuthi lishade yini noma lihlale lingashadile. Leyo ntsha ekhetha ukushada kumelwe izibuze: ‘Ingabe ngimdala futhi ngivuthwe ngokwanele ukuba ngishade? Ngifuna ukushada nomuntu onjani, noma okubaluleke nakakhulu, kudingeka ngishade nomuntu onjani?’ Zimbalwa izinqumo ezithonya ukuphila kwethu kakhulu ukwedlula esokuthi sizoshada nobani.

Ezindabeni ezibaluleke kakhulu, kubalulekile ukwenza izinqumo ezihlakaniphile, njengoba injabulo ixhomeke kakhulu ekwenzeni kanjalo. Abanye abantu bangase bacabange ukuthi bayakwazi ukwenza izinqumo ezinjalo futhi bangase bangalwamukeli usizo lapho belunikezwa. Ingabe lokho kuwukuhlakanipha? Ake sibone.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Napoleon: From the book The Pictorial History of the World

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela