Izindaba Ezinhle Zithela Izithelo ESão Tomé NasePríncipe
CISHE abantu abaningi abakaze bezwe ngeSão Tomé nePríncipe. Lezi ziqhingi akuvamile ukukhangiswa ngazo ezincwajaneni zokuvakasha. Ebalazweni lomhlaba, zingamachashaza amancane eGulf of Guinea ngasogwini lwe-Afrika olusentshonalanga. ISão Tomé icishe ibe senkabazwe kanti iPríncipe ithi ayibe senyakatho mpumalanga yeSão Tomé. Ngenxa yezimvula nomswakama kunamahlathi emvula anothile, amboze imithambeka yezintaba eziphakeme ngamamitha angaphezu kuka-2 000.
Kulezi ziqhingi ezishisayo, ezizungezwe amanzi aluhlaza okwesibhakabhaka nezingu ezinamasundu, kuhlala abantu abanobungane futhi abanezinhliziyo ezinhle. Ukuba kwabo ingxube yabansundu nabamhlophe kubangele ukuxubana okuhle kwamasiko. Umsebenzi wezakhamuzi zakhona ezingu-170 000 ukukhiqiza ukhokho—umkhiqizo oyinhloko othunyelwa kwamanye amazwe—noma ukulima nokudoba. Eminyakeni yamuva, sekunzima ngisho nokuthola ukudla kosuku.
Nokho, ngawo-1990 kwenzeka into ekuthinta kakhulu ukuphila kwenani elandayo labantu kulezi ziqhingi. Ngo-June 1993, oFakazi BakaJehova babhaliswa ngokomthetho kuhulumeni waseSão Tomé nasePríncipe, kwaba ukuphela kwenkathi ende nenzima yomlando woFakazi BakaJehova kulezi ziqhingi.
Imbewu Eyatshalwa Ebunzimeni
Kubonakala sengathi uFakazi wokuqala wafika kuleli zwe ekuqaleni kwawo-1950 ngesikhathi iziboshwa zakwamanye amakoloni abuswa iPortugal e-Afrika zithunyelwa kulezi ziqhingi ukuba zizosebenza emakamu okusebenza kanzima. Lo Fakazi, iphayona elinsundu, noma isikhonzi sesikhathi esigcwele, wayedingiswe eMozambique ngoba wayeshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kulelo zwe. Lo Fakazi oyedwa waba matasa, futhi kwathi kuphela izinyanga ezingu-6 kwase kukhona abanye abangu-13 ababesakaza izindaba ezinhle. Kamuva, kwafika abanye oFakazi ngaphansi kwezimo ezifanayo bevela e-Angola. Ngesikhathi beboshiwe, basebenzisa wonke amathuba betshela abantu bendawo izindaba ezinhle.
Ngo-1966 bonke abazalwane ababedonsa isigwebo eSão Tomé base bebuyele e-Afrika. Iqembu elincane labamemezeli boMbuso elalisele laqhubeka ngesibindi. Lashushiswa, lashaywa futhi laboshwa ngenxa yokuthi lalihlangana ndawonye ukuze litadishe iBhayibheli, futhi akukho muntu owayelivakashela noma elikhuthaza. Ngo-1975 leli zwe lakhululeka ekubusweni iPortugal, futhi kancane kancane imbewu yeqiniso loMbuso yaqala ukuthela izithelo.
Ukwanda Nokwakha
Ngayo kanye inyanga okwabhaliswa ngayo ngokomthetho ngo-1993, kwakunenani eliphakeme labamemezeli boMbuso abayikhulu. Ngawo lowo nyaka, kwafika amaphayona akhethekile evela ePortugal. Umzamo awenza wokufunda isiCreole sesiPutukezi wawenzela ugazi kubantu bendawo. Ukufuna indawo yokwakha iHholo LoMbuso kwaba yinto esemqoka. Lapho ezwa ngalesi sidingo, omunye udade okuthiwa uMaria wanikela ngengxenye yendawo ayakhe kuyo indlwana yakhe. Leyo ndawo yayinkulu ngokwanele ukuba kwakhiwe iHholo LoMbuso elikhulu. UMaria wayengazi ukuthi ngenxa yokuthi wayengasenazo izihlobo, indawo yakhe yayigaqelwe abakhi abathuthukisa izindawo abangamagovu. Ngelinye ilanga kwafika usomabhizinisi oqavile ezokhuluma noMaria.
“Le nto oyenzayo iwubuwula!” esho emxwayisa. “Ngizwa kuthiwa unikele ngayo le ndawo yakho. Awazi yini ukuthi ungayithengisa ngemali enkulu ngoba ilapha edolobheni?”
“Ukube bengingayithengisela wena le ndawo, ubunganginika malini?” kubuza uMaria. Lapho le ndoda ingaphenduli, uMaria waqhubeka: “Ngisho noma ubunganginika yonke imali ekhona emhlabeni, ibingeke yanele ngoba imali ayikwazi ukuthenga ukuphila.”
“Awunabo abantwana, angithi?” kubuza le ndoda.
Ukuze ayiqede le ngxoxo, uMaria wathi: “Le ndawo ekaJehova. Ubengiboleke yona yonke le minyaka eminingi edlule, manje ngiyibuyisele kuye. Nginethemba lokuphila phakade.” Wabe esebuza le ndoda: “Wena awunakho ukuphila okuphakade onganginika khona, angithi?” Inkukhu inqunywe umlomo, le ndoda yaphenduka yahamba.
Umphumela waba ukwakhiwa kwesakhiwo esihle esinezitezi ezimbili esakhiwa ngosizo lwabazalwane basePortugal abanekhono. Sonke lesi sakhiwo sinamagumbi ngaphansi, ubhazabhaza weHholo LoMbuso, nendawo yokuhlala. Kukhona namakilasi okuqhubela izikole zabadala, izinceku ezikhonzayo namaphayona. Mabili manje amabandla aqhubela imihlangano yawo kulo, okulenza libe isikhungo esihle semfundo yokukhulekela kweqiniso kule nhloko dolobha.
EMé-Zochi, kwakukhona ibandla elinabamemezeli abashisekayo abangu-60. Njengoba imihlangano yayiqhutshelwa eHholo LoMbuso lokuciciyela elalakhiwe esibhananeni, kwaba sobala ukuthi kudingeka iHholo LoMbuso elifanelekayo. Kwaziswa abaphathi bedolobha ngalokhu, iziphathimandla ezinomusa zabanikeza indawo enhle esemgwaqweni omkhulu. Ngezinyanga ezimbili kwakhiwa iHholo LoMbuso elihle ngosizo lwabazalwane abavela ePortugal, besebenzisa indlela yokwakha esheshayo. Abantu bendawo babengawakholwa amehlo abo. Unjiniyela othile waseSweden owayesebenza kwesinye isakhiwo edolobheni wamangala ukubona abazalwane nodade besebenza. “Angiyikholwa le nto!” esho. “OFakazi BakaJehova, la eMé-Zochi, bakha ngendlela esheshayo! Kufanele sisakhe kanje isakhiwo sethu.” Leli Hholo LoMbuso lanikezelwa ngo-June 12, 1999, kukhona abangu-232. Leli hholo lidonsa amehlo ezivakashi ezivakashele idolobha laseMé-Zochi.
Umhlangano Wesigodi Oyingqophamlando
Isenzakalo esaba ingqophamlando koFakazi BakaJehova eSão Tomé nasePríncipe kwakunguMhlangano Wesigodi ‘Wokufundisa Kwaphezulu’ wezinsuku ezintathu ngo-January 1994—okwakungowokuqala kulezi ziqhingi. Waqhutshelwa ehholo elinesimiso somoya opholile elihle kunawo wonke ezweni. Ungayicabanga injabulo yabamemezeli boMbuso abangu-116 lapho bebona isixuku sabantu abangu-405 futhi beqala ngqá ukubukela amadrama eBhayibheli nokuthola izincwadi ezintsha zikhululwa emhlanganweni! Abantu abangu-20 abazinikezele babhapathizelwa ogwini lolwandle.
Into engavamile eyakhanga umphakathi kwakungamabheji ayefakwe izihambeli zomhlangano. Ukuba khona kwezivakashi ezingu-25 ezivela ePortugal nase-Angola kwenza lo mhlangano kwaba sengathi owezizwe. Ngokushesha kwakheka isibopho sothando lobuKristu, futhi esimisweni sokugcina kwakugeleza izinyembezi ebusweni babaningi lapho sekuvaleliswana.—Johane 13:35.
Izintatheli ezivela kuyi-National Radio zafika zaxoxa nombonisi womhlangano. Zasakaza nezingxenye zezinkulumo eziningana emsakazweni. Ngempela kwakuyisenzakalo esiyingqophamlando, futhi sasiza labo Fakazi abathembekile okwase kuyisikhathi eside bebodwa ukuba bayibone iseduze inhlangano kaJehova ebonakalayo.
Ukuthela Izithelo Ezidumisa UJehova
Lapho isigijimi soMbuso sithela izithelo, sibangela ukuziphatha okuhle okudumisa uJehova. (Thithu 2:10) Enye intombazane esanda kweva eminyakeni eyishumi nambili yayikujabulela lokho eyayikufunda esifundweni sayo seBhayibheli samasonto onke. Nokho, uyise wayenqabela ukuba iye emihlanganweni yebandla. Lapho imchazela ngenhlonipho ngokubaluleka kwemihlangano yobuKristu nangesifiso sayo sokuya kuyo, wayixosha emzini wakhe ngaso leso sikhathi. Kubonakala sengathi wayecabanga ukuthi yayizokwenza lokho intsha eningi ekwenzayo—ukuba ngokushesha ikipite nendoda eyayizoyondla. Lapho uyise ezwa ukuthi yayiphila ukuphila kobuKristu okuyisibonelo futhi okuhlanzekile, washukumiseleka ukuba ayibuyise ekhaya futhi ayikhulule ngokuphelele ukuba ikhonze uJehova.
Esinye isibonelo esomholi weqembu elithile lomculo. Wabubona ubuze bokuphila kwakhe kokuziphatha okubi. Kwathi esafuna injongo yokuphila, wahlangana noFakazi. Lapho eqala ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha waba undab’ uzekwayo. Ngokushesha wasibona isidingo sokuhlukana nabo bonke abangane ababi. (1 Korinte 15:33) Wabe esethatha isinyathelo esibalulekile sokubhapathizwa ebonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova.
Intsha eningana yayifuna inkolo yeqiniso. Ukufuna kwayo kwayiholela ezingxoxweni nabefundisi bezinkolo zobuvangeli, kodwa umphumela waba ukudideka nokudumala okwengeziwe. Ngenxa yalokho, yaba osikhotheni abayizidlova abayihleka usulu noma yini ephathelene nenkolo.
Ngelinye ilanga, omunye woFakazi BakaJehova, isithunywa sevangeli, wayeya koqhuba isifundo seBhayibheli wadlula lapho le ntsha yayikhona. Le ntsha yafuna ukuba lesi sithunywa sevangeli siphendule imibuzo ethile, ngakho yasiyisa ngemva kwendlu, lapho eyasicela ukuba sihlale khona esitulweni esincane. Okwalandela lapho kwaba ithala lemibuzo ngezinto ezifana nomphefumulo, isihogo, ukuphila ezulwini nokuphela kwezwe. Lo Fakazi wayiphendula yonke imibuzo yayo esebenzisa iBhayibheli umholi waleli qembu ayemnike lona. Ngemva kwehora, umholi wale ntsha, okuthiwa uLaw, wathi kulesi sithunywa sevangeli: “Ngesikhathi sikucela ukuba uzophendula imibuzo, besihlose ukukuhleka usulu, njengoba senzile kubantu bezinye izinkolo. Besicabanga ukuthi akekho umuntu ongayiphendula le mibuzo. Kodwa wena uyiphendulile, futhi uyiphendule ngeBhayibheli nje kuphela! Ngitshele, ngingakwazi kanjani okwengeziwe ngeBhayibheli?” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli noLaw, ngokushesha waqala ukuza emihlanganweni. Ngokushesha ngemva kwalokho, wahlukana neqembu lakhe wayiyeka nempilo yobudlova. Ungakapheli unyaka, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova wabhapathizwa. Manje useyinceku ekhonzayo.
Elinye isiko lendawo elingene lagxila elokuba imibhanqwana ivele nje ihlale ndawonye ingashadile. Abaningi sekuyiminyaka bekipitile, futhi bazele izingane. Bakuthola kunzima ukwamukela umbono kaNkulunkulu ngale ndaba. Kuyajabulisa ukubona indlela iZwi likaNkulunkulu elamsiza ngayo omunye umuntu ukuba anqobe lesi sithiyo.—2 Korinte 10:4-6; Hebheru 4:12.
U-Antonio wayeqonda ukuthi kufanele awubhalise ngokomthetho umshado wakhe futhi wahlela ukwenza kanjalo ngemva kokuvunwa kommbila lapho ayezobe esenemali yokwenza idili lomshado. Ngobunye ubusuku ngaphambi nje kokuvuna, kwafika amasela aseba isilimo sakhe. Wanquma ukulindela isilimo sonyaka olandelayo, saphinda futhi sebiwa. Kwathi lapho uhluleka nomunye futhi umzamo wokuthola imali yedili lomshado, u-Antonio wabona ukuthi ubani ngempela owayephikisana naye. Wathi: “USathane ngeke esadlala ngami. Ingakapheli inyanga nengxenye, sizobe sishadile, likhona noma lingekho idili!” Ngakho bashada, bamangala lapho abangane babo beletha izinkukhu, amakewu nembuzi kokwenza idili lomshado. Ngemva kokubhalisa umshado wabo, u-Antonio nomkakhe—kanye nezingane zabo eziyisithupha—babhapathizwa bebonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova.
Esiqhingini SasePríncipe
Eminyakeni yamuva, ngezikhathi ezithile, umbonisi wesifunda kanye namaphayona aseSão Tomé baye bavakashela abantu basePríncipe abangu-6 000. Babenomusa kakhulu abantu bakulesi siqhingi futhi bemagange ngokuzwa lokho okwakushiwo oFakazi. Enye indoda, ngemva kokufunda ipheshana eyayishiyelwe lona, yathungatha amaphayona ngakusasa yacela ukuwasiza ekusakazeni amapheshana. Amaphayona achaza ukuthi lo msebenzi kufanele wenziwe yiwo, kodwa le ndoda yaphikelela ithi kufanele ihambe nawo endlini ngendlu ukuze iwethule kubaninikhaya futhi ibatshele ukuba balalelisise. Ekugcineni le ndoda yaphinda emuva, kodwa isiwatusile amaphayona ngomsebenzi obalulekile ayewenza.
Ngo-1998 amaphayona amabili aseSão Tomé athuthela ePríncipe, futhi ngokushesha ayeseqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-17. Umsebenzi waqhubeka wanda, kungakabiphi kwase kuba khona isilinganiso sabangu-16 eSifundweni Sencwadi Sebandla, futhi kuba khona abangaphezu kuka-30 enkulumweni yeningi. Abaphathi dolobha batshelwa ngesidingo sendawo yokuhlangana, futhi ngokujabulisayo yatholakala indawo yokwakha iHholo LoMbuso. Abazalwane baseSão Tomé bazinikela ngokuzithandela ukwakha iHholo LoMbuso elincane elinendawo yokuhlala amaphayona amabili akhethekile.
Akungabazeki ukuthi izindaba ezinhle zithela izithelo eziningi futhi ziyanda kulezi ziqhingi ezikude. (Kolose 1:5, 6) Ngo-January 1990 kwakunabamemezeli abangu-46 eSão Tomé nasePríncipe. Ngonyaka wenkonzo ka-2002 kwafinyelelwa inani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-388! Abamemezeli abangaphezu kwamaphesenti angu-20 basenkonzweni yesikhathi esigcwele, futhi kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-1 400. ESikhumbuzweni sika-2001 kwakukhona inani eliphakeme kunawo wonke labangu-1 907. Yebo, izwi likaJehova liqhubekela phambili ngokushesha futhi liyakhazinyuliswa kulezi ziqhingi ezishisayo.—2 Thesalonika 3:1.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
Izinhlelo Zomsakazo Ezithandwayo
Incwadi ethandwa kakhulu kulezi ziqhingi yile ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.a Njalo ngemva kwamasonto amabili, kusakazwa uhlelo lwemizuzu engu-15 olubizwa ngegama lale ncwadi kuyi-National Radio. Akuve kujabulisa ukuzwa umsakazi ebuza ethi, “Basha, nazi ngani uma kuwuthando lwangempela, kungelona olokuthatheka?” bese efunda ingxenye ethile encwadini! (Bheka isahluko 31.) Kolunye uhlelo oluthi alufane kukhulunywa ngezingxenye ezikhethwe encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.b
[Imibhalo yaphansi]
a Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
b Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 9]
IHholo LoMbuso lokuqala eSão Tomé ngo-1994
[Izithombe ekhasini 10]
1. IHholo LoMbuso elakhiwe ngendlela esheshayo eMé-Zochi
2. Umhlangano wesigodi oyingqophamlando waqhutshelwa kuleli hholo
3. Abazobhapathizwa abajabulayo besemhlanganweni
[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]
Globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.