Izingxoxo Ezingokomoya Ziyakha
“Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”—EFESU 4:29.
1, 2. (a) Libaluleke kangakanani ikhono lomuntu lokukhuluma? (b) Izinceku zikaJehova zifuna ukulusebenzisa kanjani ulimi lwazo?
“IKHONO lomuntu lokukhuluma liyimpica-badala; liyisipho sikaNkulunkulu, isimangaliso.” Wabhala kanjalo umlobi wezichazamazwi uLudwig Koehler. Mhlawumbe sisithatha kalula lesi sipho sikaNkulunkulu esiyigugu. (Jakobe 1:17) Kodwa cabanga ukuthi kulahleka igugu elikhulu kangakanani lapho umuntu esimthandayo engasakwazi ukukhuluma kuzwakale ngenxa kanhlangothi (stroke). UJoan, onomyeni osanda kushaywa unhlangothi, uyachaza: “Sasixoxa kamnandi njalo, okwasenza sasondelana kakhulu. Angive ngikukhumbula ukuxoxa naye!”
2 Ukuxoxa kungaqinisa ubungane, kulungise ukungaqondani kahle, kuvuselele abadangele, kuqinise ukholo, futhi kucebise ukuphila—kodwa hhayi ngokuzenzakalelayo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” (IzAga 12:18) Njengezinceku zikaJehova, sifuna ukuba izingxoxo zethu ziphulukise futhi zakhe kunokuba zilimaze futhi zicekele phansi. Ulimi lwethu sifuna futhi ukulusebenzisela ukudumisa uJehova, kokubili enkonzweni yethu yasobala nasezingxoxweni zethu zangasese. Umhubi wahlabelela: “Sizonikela indumiso kuNkulunkulu usuku lonke, futhi igama lakho sizolidumisa kuze kube nini nanini.”—IHubo 44:8.
3, 4. (a) Iyiphi inkinga sonke esinayo ngokuqondene nenkulumo yethu? (b) Kungani kunendaba ukuthi sithini ngemilomo yethu?
3 Umfundi uJakobe uyaxwayisa: “Ulimi, akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa.” Uyasikhumbuza: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.” (Jakobe 3:2, 8) Akekho ophelele phakathi kwethu. Ngakho noma sesizimisele kanjani, inkulumo yethu ayibakhi njalo abanye noma idumise uMdali wethu. Ngakho, kumelwe sifunde ukuqaphela esikushoyo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi: “Wonke amazwi angakhi abantu abawakhulumayo, bayolandisa ngawo ngoSuku Lokwahlulela; ngoba ngamazwi akho kuyothiwa ulungile, futhi ngamazwi akho uyolahlwa.” (Mathewu 12:36, 37) Yebo, siyolandisa kuNkulunkulu weqiniso ngezinto esizishoyo.
4 Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokugwema inkulumo elimazayo ukuhlakulela umkhuba wokuxoxa ngezinto ezingokomoya. Lesi sihloko sizohlola indlela esingakwenza ngayo lokho, uhlobo lwezindaba esingaxoxa ngazo, nezinzuzo esingazithola enkulumweni eyakhayo.
Naka Inhliziyo
5. Inhliziyo iyifeza kanjani indima esemqoka ekukhuthazeni izingxoxo ezakhayo?
5 Lapho sihlakulela umkhuba wokuxoxa ngezinto ezakhayo, kumelwe kuqala siqaphele ukuthi inkulumo yethu ibonisa okusenhliziyweni yethu. UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Ngamafuphi, sithanda ukukhuluma ngezinto ezibalulekile kithi. Ngakho-ke, kudingeka sizibuze: ‘Izinto engixoxa ngazo zivezani ngesimo senhliziyo yami? Uma nginabasekhaya noma engikholwa nabo, ingabe izingxoxo zami zigxila ezintweni ezingokomoya noma ingabe njalo zikekelela kwezemidlalo, izingubo, amabhayisikobho, ukudla, izinto engisanda kuzithenga, noma ezinye izinto eziyize?’ Mhlawumbe ukuphila kwethu nemicabango yethu sekugxile ezintweni ezingabalulekile kangako, singaqaphele. Ukulungisa izinto eziza kuqala kithi kuyothuthukisa izingxoxo zethu nokuphila kwethu.—Filipi 1:10.
6. Ukuzindla kufeza yiphi ingxenye ezingxoxweni zethu?
6 Ukuzindla okunenjongo kungenye futhi indlela yokuthuthukisa izingxoxo zethu. Uma sizama ngokuzimisela ukucabanga ngezinto ezingokomoya, siyothola ukuthi kuba lula ukuxoxa ngazo. INkosi uDavide yakubona lokhu kuhlobana. Yahlabelela: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova.” (IHubo 19:14) Futhi umhubi u-Asafa wathi: “Ngokuqinisekile ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho [Nkulunkulu], futhi ngizozikhathaza ngezenzo zakho.” (IHubo 77:12) Ngokuzenzakalelayo, inhliziyo nengqondo ewakhathalela ngokujulile amaqiniso eZwi likaNkulunkulu iyochichima inkulumo enikeza udumo. UJeremiya akakwazanga ukuzibamba angakhulumi ngezinto uJehova ayemfundise zona. (Jeremiya 20:9) Kungaba njalo nakithi uma sizindla njalo ngezinto ezingokomoya.—1 Thimothewu 4:15.
7, 8. Iziphi izindaba ezikahle esingaxoxa ngazo engxoxweni eyakhayo?
7 Ukuba nesimiso esihle sezinto ezingokomoya kusenza sibe nezindaba eziningi ezakhayo esingaxoxa ngazo. (Filipi 3:16) Imihlangano yesifunda, yesigodi, yebandla, izincwadi nomagazini bamuva, umBhalo wosuku nokukhulunyelwa kwawo okulotshiwe, konke lokhu kusinika amagugu angokomoya esingabelana ngawo nabanye. (Mathewu 13:52) Futhi yeka indlela okuqabula ngayo ngokomoya okuhlangenwe nakho kwasensimini!
8 INkosi uSolomoni kwakuyihlaba umxhwele ukuhlukahluka kwezihlahla, izilwane, izinyoni, nezinhlanzi eyayizibona kwa-Israyeli. (1 AmaKhosi 4:33) Yayikujabulela ukuxoxa ngemisebenzi kaNkulunkulu yendalo. Nathi singenza kanjalo. Izinceku zikaJehova ziyakujabulela ukuxoxa ngezindaba ezihlukahlukene, kodwa izindaba ezingokomoya ziyazinandisa njalo izingxoxo zabantu abathambekele ezintweni ezingokomoya.—1 Korinte 2:13.
“Qhubekani Nicabanga Ngalezi Zinto”
9. Isiphi isiyalo uPawulu asinika abaseFilipi?
9 Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma ngaziphi izindaba, izingxoxo zethu ziyobakha abanye uma zihambisana nesiyalo uPawulu asinika ibandla laseFilipi. Wabhala: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.” (Filipi 4:8) Izici uPawulu azibalayo zibaluleke kangangokuthi uthi “qhubekani nicabanga ngalezi zinto.” Kufanele izingqondo nezinhliziyo zethu sizigcwalise zona. Ake sibone ukuthi ukunaka ngayinye yalezi zinto ezingu-8 ezishiwo uPawulu kungasisiza kanjani ezingxoxweni zethu.
10. Izingxoxo zethu zingazihilela kanjani izinto eziyiqiniso?
10 Into eyiqiniso ayigcini nje ngokuba enembile nengewona amanga. Iyinto elungile nenokwethenjelwa, njengeqiniso leZwi likaNkulunkulu. Ngakho, lapho sikhuluma nabanye ngamaqiniso eBhayibheli asihlabe umxhwele, izinkulumo ezisikhuthazile, noma iseluleko semiBhalo esisisizile, sisuke sicabanga ngezinto eziyiqiniso. Ngakolunye uhlangothi, siyakulahla “lokho okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi,’” okuzishaya okuyiqiniso. (1 Thimothewu 6:20) Siyakugwema nokudlulisela phambili inhlebo noma ukuxoxa okuhlangenwe nakho okungabazekayo okungenakuqinisekiswa.
11. Iziphi izinto ezibaluleke ngempela esingaxoxa nangazo?
11 Izinto ezibaluleke ngempela yizindaba ezinesizotha nezisho okuthile, hhayi eziwubala noma eziyize. Zihlanganisa izinto eziphathelene nenkonzo yethu yobuKristu, izikhathi ezibucayi esiphila kuzo, nesidingo sokuba silondoloze ukuziphatha okuhle. Lapho sixoxa ngezinto ezibalulekile ezinjengalezi, siqinisa ukuzimisela kwethu ukuhlala siphapheme ngokomoya, sigcine ubuqotho bethu, futhi siqhubeke sishumayela izindaba ezinhle. Ngempela, okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo kwasensimini nezenzakalo zamuva ezisikhumbuza ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina kuyizinto ezihlukahlukene esingaba nezingxoxo ezithakazelisayo ngazo.—IzEnzo 14:27; 2 Thimothewu 3:1-5.
12. Njengoba sicabanga ngeseluleko sikaPawulu sokucabanga ngezinto ezilungileyo nezihlanzekile, yini okufanele siyigweme?
12 Igama elithi okulungileyo lisho okulungile emehlweni kaNkulunkulu—okuhlangabezana nezindinganiso zakhe. Elithi okuhlanzekile linikeza umqondo wokuba msulwa ekucabangeni nasekuziphatheni. Ukunyundela, amahlaya ahlazisayo, noma izinkulumo ezigudlisela ubulili, akufaneleki ezingxoxweni zethu. (Efesu 5:3; Kolose 3:8) Emsebenzini noma esikoleni, amaKristu enza ngokuhlakanipha ngokumonyuka lapho ingxoxo iba nalezi zinkulumo.
13. Nikeza izibonelo zezingxoxo ezigxile ezintweni ezithandekayo nokukhulunywa kahle ngazo.
13 Lapho uPawulu etusa ukucabanga ngezinto ezithandekayo, wayebhekisele ezintweni ezijabulisayo nezakha uthando, kunalezo ezidala inzondo, intukuthelo, noma ukubanga. Izinto okukhulunywa kahle ngazo yizinto ezinedumela elihle noma umbiko omuhle. Imibiko emihle enjalo ingahlanganisa izindaba zokuphila zabafowethu nodadewethu abathembekile, ezivela njalo komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Kungani ungaxoxeli abanye okutholile ngemva kokuba ufunde lezi zihloko eziqinisa ukholo? Futhi yeka indlela okukhuthaza ngayo ukuzwa ngezinto ezingokomoya abanye abazifezile! Izingxoxo ezinjalo ziyokwakha uthando nobunye ebandleni.
14. (a) Ukubonisa ubuhle kufuna senzeni? (b) Inkulumo yethu ingaba kanjani nezinto ezikufanelekelayo ukudunyiswa?
14 UPawulu ukhuluma ‘nganoma yibuphi ubuhle obukhona.’ Elithi ubuhle libhekisela ekuziphatheni okusezingeni eliphezulu. Kumelwe siqaphele ukuthi izindebe zethu ziqondiswa izimiso zemiBhalo nokuthi azichezuki kokulungileyo, okuhlanzekile nokuhle. Izinto ezikufanelekelayo ukudunyiswa yizinto “ezitusekayo.” Uma uzwa inkulumo emnandi noma uphawula isibonelo sokwethembeka ebandleni, khuluma ngaso—utshele lowo muntu ohilelekile nabanye. Umphostoli uPawulu wayevamile ukutusa izimfanelo ezinhle zabakhulekeli ayekanye nabo. (Roma 16:12; Filipi 2:19-22; Filemoni 4-7) Yebo, nomsebenzi wezandla zoMdali wethu uyakufanelekela ngempela ukudunyiswa. Unezici eziningi esingaba nezingxoxo ezakhayo ngazo.—IzAga 6:6-8; 20:12; 26:2.
Xoxa Ngezinto Ezakhayo
15. Imuphi umyalo osemiBhalweni obopha abazali ukuba baxoxe nezingane zabo ngezinto ezinenjongo?
15 UDuteronomi 6:6, 7 uthi: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” Kusobala ukuthi lo myalo ufuna ukuba abazali baxoxe nezingane zabo ngezinto ezinenjongo ezingokomoya.
16, 17. Yini abazali abangamaKristu abangayifunda esibonelweni sikaJehova nesika-Abrahama?
16 Singacabanga ngezingxoxo ezinde okumelwe ukuba uJesu wayeba nazo noYise wasezulwini bekhuluma ngesabelo sakhe sasemhlabeni. UJesu watshela abafundi bakhe: “UBaba ngokwakhe owangithuma unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumelwe ngiyisho nokuthi yini okumelwe ngiyikhulume.” (Johane 12:49; Duteronomi 18:18) Inzalamizi u-Abrahama kumelwe ukuba yayichitha amahora amaningi ikhuluma nendodana yayo u-Isaka ngokuthi uJehova wayebabusise kanjani bona nokhokho babo. Izingxoxo ezinjalo ngokuqinisekile zabasiza bobabili uJesu no-Isaka ukuba bazithobe entandweni kaNkulunkulu.—Genesise 22:7-9; Mathewu 26:39.
17 Nezethu izingane ziyazidinga izingxoxo ezakhayo. Abazali kumelwe bathole isikhathi sokuxoxa nezingane zabo yize bematasa. Uma kungenzeka, kungani ningahleli ukudla ndawonye njengomkhaya okungenani kanye ngosuku? Lapho kudliwa nalapho sekuqediwe, kuyoba namathuba ezingxoxo ezakhayo ezingaba usizo olukhulu empilweni engokomoya yomkhaya.
18. Xoxa indaba ebonisa izinzuzo zokukhulumisana okuhle kubazali nezingane.
18 U-Alejandro, iphayona elineminyaka engaphezudlwana kuka-20 ubudala, ukhumbula ukungabaza ayenakho eseneminyaka engu-14. Uthi: “Ngenxa yethonya lezingane zasesikoleni nothisha, ngangingaqiniseki ukuthi uNkulunkulu ukhona yini nokuthi iBhayibheli liyiqiniso yini. Abazali bami bachitha amahora amaningi bezama ukungibonisa ngesineke. Lezo zingxoxo azigcinanga ngokungisiza ukuba nginqobe ukungabaza kwami kuleyo nkathi enzima, kodwa futhi zangisiza ekwenzeni izinqumo ezinhle ekuphileni kwami.” Kwenzekani manje? U-Alejandro uyaqhubeka: “Namanje ngisahlala ekhaya. Kodwa ngenxa yokuthi simatasa mina nobaba kuba nzima ukuba sixoxe ngasese. Ngakho sidla ndawonye emsebenzini wakhe kanye ngesonto. Angive ngizazisa lezi zingxoxo.”
19. Kungani sonke sizidinga izingxoxo ezingokomoya?
19 Asiwazisi yini namathuba okujabulela izingxoxo ezingokomoya ezinemivuzo nesikholwa nabo? La mathuba avela emihlanganweni, enkonzweni yasensimini, emibuthanweni yokuzijabulisa nalapho sisohambweni. UPawulu wayekulangazelela ukuxoxa namaKristu aseRoma. Wawabhalela: “Ngilangazelela ukunibona, . . . ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) UJohannes, umdala ongumKristu, uthi: “Ukuxoxa namanye amaKristu ngezinto ezingokomoya kwanelisa isidingo esibalulekile. Kwenamisa inhliziyo, kwenze nomthwalo wansuku zonke ube lula. Ngivame ukucela asebekhulile ukuba bangixoxele ngokuphila kwabo nokuthi yini eye yabenza bakwazi ukuhlala bethembekile. Phakathi neminyaka edlule, ngiye ngakhuluma nabaningi, futhi ngamunye uye wanginika ukuhlakanipha noma ukuqonda okuthile okucebise ukuphila kwami.”
20. Yini esingayenza uma umuntu esizama ukuxoxa naye enamahloni?
20 Kuthiwani uma umuntu ebonakala engasabeli lapho uqala ingxoxo engokomoya? Ungadeli. Mhlawumbe ungathola ithuba elikahle ngesinye isikhathi. USolomoni wathi: “Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Bonisa ukuqonda kulabo abanamahloni. “Inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyoyikhipha.”a (IzAga 20:5) Ngaphezu kwakho konke, ungalokothi uvumele isimo sengqondo sabanye sikwenze ungakhulumi ngezinto ezikuthinta inhliziyo.
Izingxoxo Ezingokomoya Zinemivuzo
21, 22. Iziphi izinzuzo esizitholayo ngokuxoxa ngezinto ezingokomoya?
21 UPawulu weluleka: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” (Efesu 4:29; Roma 10:10) Kungase kudinge umzamo ukuqondisa izingxoxo endleleni efanele, kodwa miningi imivuzo. Izingxoxo ezingokomoya zisenza sikwazi ukukhuluma nabanye ngokholo lwethu futhi sakhe abafowethu.
22 Ngakho-ke, masisebenzise isipho sokukhuluma ukuze sivuselele abanye futhi sidumise uNkulunkulu. Izingxoxo ezinjalo ziyosinika ukwaneliseka, zikhuthaze abanye. Ngaphezu kwakho konke, ziyojabulisa inhliziyo kaJehova ngoba uyazinaka izingxoxo zethu futhi uyajabula lapho silusebenzisa kahle ulimi lwethu. (IHubo 139:4; IzAga 27:11) Lapho izingxoxo zethu kungezezinto ezingokomoya, singaqiniseka ukuthi uJehova ngeke asikhohlwe. Likhuluma ngalabo abakhonza uJehova osukwini lwethu, iBhayibheli lithi: “Ngaleso sikhathi abamesabayo uJehova bakhuluma omunye komunye, yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe yalabo abamesabayo uJehova nalabo abacabanga ngegama lakhe.” (Malaki 3:16; 4:5) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba izingxoxo zethu zibe ezakhayo ngokomoya!
[Umbhalo waphansi]
a Eminye imithombo yakwa-Israyeli yayijule kakhulu. EGibheyoni, abavubukuli baye bathola umthombo ojule ngamamitha angaba ngu-25. Unezitebhisi, okwakwenza abantu bakwazi ukwehla bashone phansi bayokukha amanzi.
Ungaphendula Kanjani?
• Izingxoxo zethu zivezani ngathi?
• Iziphi izinto ezakhayo esingaxoxa ngazo?
• Iyiphi indima ebalulekile efezwa izingxoxo ekhaya nasebandleni lobuKristu?
• Iziphi izinzuzo ezilethwa izingxoxo ezakhayo?
[Izithombe ekhasini 12]
Izingxoxo ezakhayo zigxila . . .
‘kunoma yiziphi izinto eziyiqiniso’
‘kunoma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela’
‘kunoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa’
‘kunoma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo’
[Imithombo]
Video cover, Stalin: U.S. Army photo; Creator book cover, Eagle Nebula: J. Hester and P. Scowen (AZ State Univ.), NASA
[Isithombe ekhasini 13]
Izikhathi zokudla zinikeza amathuba amahle kakhulu okuxoxa ngezinto ezingokomoya