Yiba Owakhayo
1 Njengoba siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ sonke sidinga isikhuthazo. (2 Thim. 3:1) Esiqaphelisisa lesi sidingo ngisho nasosukwini lwakhe, uPawulu wayekushisekela ukusebenzisa ithuba lokuba nabafowabo njengesikhathi ‘sokukhuthazana.’ Wakhuthaza abafowabo ukuba ‘baphishekele izinto . . . ezakhayo komunye nomunye.’ (Roma 1:11, 12; 14:19) Lemizamo yaphumelela ‘ekuqiniseni imiphefumulo yabafundi, nasekubakhuthazeni ukuba bahlale okholweni.’ (IzE. 14:22) Nathi siludinga kakhulu lolo hlobo lwesikhuthazo namuhla.
2 Singabakha abanye ngalokho esikushoyo. Lapho esetshenziswa kahle, amazwi ethu angaba “njengama-apula asezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Ngokuhlanganyela emihlanganweni, ‘siyakhuthazana.’ (Heb. 10:25) Ulimi lwethu lungase lusetshenziswe kahle lapho sihlanganyela nabanye okuhlangenwe nakho, situsa, noma sikhuluma ngezindaba ezingokomoya. Ukulusebenzisa kahle ngaleyo ndlela ulimi ‘kuyakha, kudlulisele okuhle kwabezwayo.’—Efe. 4:29.
3 Khuluma Ngezinto Ezakhayo: KweyabaseFilipi 4:8, uPawulu wanikeza iziqondiso eziwusizo ekukhulumeni kwethu. Wathi kufanele sicabange nganoma iziphi izinto eziyiqiniso, ezinokubaluleka okungathi sína, ezilungileyo, ezimsulwa, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle, nezidunyiswayo. Singaqiniseka njalo ukuthi lokho esikushoyo kuyoba iqiniso futhi kuzuzise abanye uma kusekelwe eZwini likaNkulunkulu. (Joh. 17:17) Ukuzinikezela kwethu kobuKristu, lokho esikufundayo emihlanganweni yebandla, indlela esiyifeza ngayo ngokugcwele inkonzo yethu, nezinye izindaba ezinjalo ziyizinto ezinokubaluleka okungathi sína. Izingxoxo ezakhayo ezimayelana nezindinganiso kanye nezimiso zeZwi likaNkulunkulu ngokuqinisekile ziyosisiza ‘zisihlakaniphisele insindiso.’ (2 Thim. 3:15) Singakhuluma ngokwazisa kwethu inkambo emsulwa yalabo abasenhlanganweni kaJehova ehlanzekile. Singatusa izenzo ezithandekayo zomusa zabafowethu. (Joh. 13:34, 35) Izinto okukhulunywa kahle ngazo zihlanganisa izimfanelo ezinhle zobuKristu eziwukholo, injabulo, ukuthula, nokubekezela esizibona kubafowethu. Ukukhuluma ngezinto ezinjalo ezinhle nezidumisekayo ‘kuhle ekwakheni’ abanye.—Roma 15:2.
4 Usuku ngalunye sibhekana nezinkathazo zezwe ezisidumazayo. Yeka indlela okuqabula ngayo ukuzibekela eceleni lezi zinto bese sihlanganyela ebudlelwaneni bothando nabafowethu! Isikhathi esiyigugu esikwazi ukusihlanganyela ndawonye kumelwe sisazise. Uma njalo sikhuthaza futhi sakha abanye, bayosho beqinisile ngathi ukuthi: “Bawenze waqabuleka umoya wami.”—1 Kor. 16:18.