“sondelani KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kini”
Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Indlela IBhayibheli Elayiguqula Ngayo Le Ndoda
UROLF-MICHAEL wayephilela umculo. Wayelawulwa izidakamizwa. Esakhula eJalimane, wayephuza kakhulu futhi eyisebenzisa ngokukhululekile i-LSD, i-cocaine, insangu nezinye izidakamizwa.
Kwathi ezama ukushushumbisa izidakamizwa kwelinye izwe lase-Afrika, uRolf-Michael waboshwa wagqunywa ejele izinyanga ezingu-13. Ukudonsa leso sigwebo kwamnika isikhathi sokucabanga ngenjongo yangempela yokuphila.
Bekhathazekile, uRolf-Michael nomkakhe u-Ursula, bafuna ukwazi ukuthi iyini injongo yokuphila base bethungatha iqiniso. Naphezu kwezinto ezidumazayo abazibona emasontweni okuthiwa awobuKristu, babenesifiso esijulile sokwazi uNkulunkulu. Nokho babenemibuzo kodwa bengazitholi izimpendulo ezanelisayo ezinkolweni ezihlukahlukene. Ngaphezu kwalokho, lezi zinkolo azibanikanga izizathu ezinamandla zokuba baguqule ukuphila kwabo.
Ekugcineni uRolf-Michael no-Ursula bahlangana noFakazi BakaJehova. Ngemva kokuqala ukutadisha iBhayibheli, wamthinta kakhulu uRolf-Michael umyalo othi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Wazimisela ‘ukulahla ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yakhe yokuziphatha yangaphambili futhi agqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.’—Efesu 4:22-24.
Wayengabugqoka kanjani uRolf-Michael ubuntu obusha? Waboniswa eBhayibhelini ukuthi “ngolwazi olunembile” ubuntu bomuntu ‘bungenziwa bube busha ngokomfanekiso waLowo owabudala,’ okungukuthi, uJehova uNkulunkulu.—Kolose 3:9-11.
Njengoba ayengenisa ulwazi olunembile, uRolf-Michael wenza umzamo wokuvumelanisa ukuphila kwakhe nezimiso zeZwi likaNkulunkulu. (Johane 17:3) Kwakunzima ukuyeka izidakamizwa, kodwa uRolf-Michael wakubona ukubaluleka kokusondela kuJehova ngomthandazo nokubona usizo lwakhe. (1 Johane 5:14, 15) Wathola olunye usizo ngokuhlanganyela nalabo abase bengoFakazi BakaJehova kakade, abazikhandlayo ukwenza intando kaNkulunkulu.
Kwamsiza futhi uRolf-Michael ukwazi ukuthi izwe liyadlula nokuthi labo abenza intando kaNkulunkulu bazohlala phakade. Kwamenza wakwazi ukudela uthando lwezwe lwesikhashana, akhethe izibusiso zaphakade zokuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu onothando, uJehova. (1 Johane 2:15-17) Amthinta ngokujulile uRolf-Michael amazwi ezAga 27:11, athi: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” Nakhu akushoyo ebonisa ukwazisa: “Leli vesi libonisa ukujula kothando lukaJehova, ngoba unikeza abantu ithuba lokujabulisa inhliziyo yakhe.”
NjengoRolf-Michael, umkakhe, nabantwana babo abathathu, baningi abantu abazuzile ngokulandela izimiso zeBhayibheli. Labo bantu bangatholakala emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Kuyadabukisa ukuthi kwamanye amazwe oFakazi bamangalelwa ngamanga ngokuthi bayihlelo eliyingozi elihlukanisa imikhaya. Indaba kaRolf-Michael ikubonisa kungamanga lokho.—Hebheru 4:12.
URolf-Michael uthi uMathewu 6:33, osiyala ukuba sifune izinto ezingokomoya kuqala, “uyikhampasi” yomkhaya wakhe, ebabonisa indlela okuyiyona yona. Yena nomkhaya wakhe bambonga kakhulu uJehova ngenxa yokuphila kwabo okujabulisayo njengamaKristu. Bazizwa njengomhubi owahlabelela wathi: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?”—IHubo 116:12.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
UNkulunkulu unikeza abantu ithuba lokujabulisa inhliziyo yakhe
[Ibhokisi ekhasini 9]
Izimiso ZeBhayibheli Ezisebenzayo
Ezinye zezimiso zeBhayibheli eziye zashukumisa abaningi ukuba bayeke imikhuba ebulalayo yilezi ezilandelayo:
“O nina enithanda uJehova, zondani okubi.” (IHubo 97:10) Ngemva kokuba umuntu esekholisekile ukuthi mibi le mikhuba ebulalayo futhi wayizonda ngempela, ukuthola kulula ukwenza lokho okujabulisa uNkulunkulu.
“Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Ukuze umuntu akwazi ukuyeka izidakamizwa nezinye izinto ezenza umuntu abe umlutha, kudingeka akhethe abangane ngokucophelela. Kuyazuzisa ngempela ukwakha ubungane namaKristu azosisekela isinqumo sakhe.
“Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ukuthula okunjalo kwenhliziyo nengqondo akutholakali ngezinye izinto. Futhi ukuthembela kuNkulunkulu kusiza umuntu abhekane nezinkinga zokuphila ngaphandle kokuthembela ezidakamizweni.