Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/1 k. 10
  • Ukuchazwa KweBhayibheli—Ngethonya Likabani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuchazwa KweBhayibheli—Ngethonya Likabani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 1—Ingabe UJesu Nabafundi Bakhe Bayifundisa Imfundiso KaZiqu-zintathu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Uyimfundiso YeBhayibheli Ngokucacile?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Ingabe uNkulunkulu unguZiqu-zintathu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe IBhayibheli Lingachazwa Nje Nganoma Iyiphi Indlela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/1 k. 10

Ukuchazwa KweBhayibheli—Ngethonya Likabani?

ENYE incazelo yegama elithi “chaza” ithi “ukuqonda ngokwenkolelo, ukwahlulela noma izimo zomuntu.” (Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary) Ngakho, indlela umuntu achaza ngayo noma yini, ngokuvamile ithonywa isizinda sakhe, imfundo nendlela akhuliswe ngayo.

Kuthiwani-ke ngokuchazwa kweBhayibheli? Ingabe sikhululekile ukuchaza izindinyana zeBhayibheli “ngokwenkolelo, ukwahlulela noma izimo” zethu? Ngokulindelekile, izazi nabahumushi abaningi beBhayibheli bathi abenzi kanjalo, kodwa baqondiswa uNkulunkulu.

Isibonelo salokhu yilokho okushiwo embhalweni waphansi kaJohane 1:1 kuyi-New Version of the Four Gospels, eyakhishwa uJohn Lingard ngo-1836 ngaphansi kwegama-mbumbulu elithi “UmKatolika.” Uthi: “Abantu bazo zonke izinkolelo bathola ukuqinisekiswa kwemibono yabo siqu emiqulwini engcwele: ngoba, eqinisweni akuwona umBhalo obatshelayo, kodwa yibo abafaka eyabo incazelo olimini lomBhalo.”

Nakuba leli phuzu lizwakala kahle, yayiyini injongo yomlobi? Ukuphawula kwakhe kwakusekela incazelo yakhe yalelo vesi, alihumusha ngokuthi: “Ekuqaleni wayekhona ‘ulizwi;’ futhi ‘ulizwi’ wayenoNkulunkulu; futhi ‘ulizwi’ wayenguNkulunkulu,” indlela yokuhumusha evamile kwabasekela uZiqu-zintathu.

Yini eyaphoqa umlobi ukuba ahumushe uJohane 1:1 ngendlela esekela imfundiso kaZiqu-zintathu? Ingabe ‘utshelwa umBhalo’ ukuba enze kanjalo? Akunakwenzeka, ngoba akukho ndawo eBhayibhelini lapho kutholakala khona imfundiso kaZiqu-zintathu. Phawula okushiwo i-New Encyclopædia Britannica ngalokhu: “Igama elithi Ziqu-zintathu noma imfundiso ngokwayo, akukho eTestamenteni Elisha.” Ngaphezu kwalokho, uprofesa wase-Yale University u-E. Washburn Hopkins waphawula: “Kusobala ukuthi uJesu noPawulu babengayazi imfundiso kaziqu-zintathu; . . . abasho lutho ngayo.”

Khona-ke, yini esingaphetha ngayo ngokuphathelene nalabo abasekela ukuchazwa kukaJohane 1:1 nanoma yiliphi elinye ivesi leBhayibheli njengokusekela uZiqu-zintathu? NgokukaMnu. Lingard, “akuwona umBhalo obatshelayo, kodwa yibo abafaka eyabo incazelo olimini lomBhalo.”

Ngokujabulisayo, sineZwi likaNkulunkulu uqobo elisiqondisayo kulokhu. Umphostoli uPetru wathi: “Okokuqala niyakwazi lokhu, ukuthi asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngoba isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Petru 1:20, 21.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela