Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 12/15 kk. 3-5
  • Ingabe IBhayibheli Lingachazwa Nje Nganoma Iyiphi Indlela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Lingachazwa Nje Nganoma Iyiphi Indlela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umlobi Walo Makazikhulumele
  • Siyini Isijeziso Sesono?
  • Umhlaba Unqunyelweni?
  • Kungani Lingenakuchazwa Nje Nganoma Iyiphi Indlela?
  • Ingabe Izindaba Ezinhle Zivela KuNkulunkulu Ngempela?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Usuku Lokwahlulela—Isikhathi Sethemba!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuchazwa KweBhayibheli—Ngethonya Likabani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Umhlaba
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 12/15 kk. 3-5

Ingabe IBhayibheli Lingachazwa Nje Nganoma Iyiphi Indlela?

“NIYAWEQA amanye amavesi eBhayibhelini, nitomula imibhalo evumelana nencazelo yenu,” kukhononda enye inkosikazi komunye woFakazi BakaJehova owayehambele endlini yayo.

Kodwa ingabe ukubhekisela ezingcaphunweni zemibhalo ezisezingxenyeni ezihlukahlukene zeBhayibheli ngempela kuwubufakazi bokuthi umuntu uzama ukulichaza ukuba lifanelane nemiqondo yakhe siqu? Futhi uma kunjalo, ingabe lokhu kusho ukuthi iBhayibheli lingachazwa nje nganoma iyiphi indlela—enye ibe ngelungile njenganoma iyiphi enye?

Umlobi Walo Makazikhulumele

Nakuba iBhayibheli linoMlobi oyedwa kuphela, uJehova uNkulunkulu, linabo ababhali abaningi. Lababhali abangaba ama-40 beBhayibheli abalokothi baphikisane—lokho, ngokubabazekayo okuwubufakazi bokuthi lalotshwa uNkulunkulu—nokho akekho umbhali weBhayibheli ohlanganisa yonke imininingwane nganoma iyiphi indaba ekhethekile. Ngakho ukuze siqonde lokho uMlobi weBhayibheli akushoyo ngendaba ethile, kubalulekile ukuhlanganisa yonke imibhalo ehlangene nendaba okuxoxwa ngayo. Yilokhu uFakazi okukhulunywe ngaye ngenhla ayezama ukukwenza.

Wayenesisekelo esihle. Ngokwesibonelo, vula iBhayibheli lakho kumaRoma isahluko 9. Lapha uyothola isibonelo esivelele ngendlela umKristu othembekile uPawulu enza ngayo into efanayo. Kulesahluko esisodwa kuphela, uPawulu ucaphuna izikhathi eziyi-11 kwezinye izingxenye zeBhayibheli. Abanye abagxeki bangase ngisho babeke uPawulu icala lokuthi “weqa amavesi” kaningi ngokuphawulekayo. Eqala ngencwadi yokuqala yeBhayibheli, weqela encwadini yama-39, ngaphambi kokuba aqhubeke neyesi-2, weqela kweyama-28, futhi ekugcineni, aye encwadini yama-23 yeBhayibheli.a

Yebo, bekuyoba okungalungile ngoPawulu ukuba akhiphe imibhalo emongweni wayo abese eyisonta ukuba ifanelane nemiqondo yakhe siqu. Kodwa uPawulu wayengenalo icala lalokhu. Nokho, ngokusobala amanye amaKristu okuqala ayenalo icala ngoba umphostoli uPetru ukhuluma ‘ngokunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi kube-ngukubhujiswa kwabo.’—2 Petru 3:16.

“Okulukhuni ukuzwisiswa” kungaqondwa kalula ngokungeyikho. Ngisho nemisebenzi yabalobi abadumile abanjengoShakespeare ichazwa ngezindlela ezihlukahlukene—ngokusobala akuzona zonke eziqondile. Kanjalo, akumangalisi ukuthi lokhu kunjalo nangeBhayibheli. Ukuba uShakespeare ubesaphila besingambuza: “Yikuphi ngempela owawukusho?” Nokho, lokho akunakwenzeka; futhi kungenakwenzeka ngathi ukuba sibuze ababhali beBhayibheli ukuba basichazele ngokwengeziwe. Ngokujabulisayo, sisengambuza uMlobi walo, ngoba uyaphila! (IHubo 90:1, 2) Futhi uye wathembisa ukunikeza abantu abanokholo ukuqondisa okunjalo okungokomoya abakucela kuye.—Luka 11:9-13; Jakobe 1:5, 6.

Lapho iseGibithe, inceku ethembekile kaNkulunkulu uJosefa yaqaphela ukubaluleka kokucela ukuqondisa kwaphezulu lapho ibizelwa ukuba izochaza iphupho uNkulunkulu ayelinikeze umbusi waseGibithe. Wayebuzile ngaphambili: “Ukuchaza akusikho okukaNkulunkulu, na?” Ngemva kokuba uJosefa enikeze incazelo eqondile, uFaro washukunyiselwa ukuba athi: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?” Futhi wathi kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.”—Genesise 40:8; 41:38, 39.

Ukuhlukahluka kwezincazelo ezishayisanayo esikutholayo namuhla phakathi kwabathi bangamaKristu akulona iphutha IoMlobi weBhayibheli, futhi akulona iphutha lababhali beBhayibheli. Njengabaprofethi bakaNkulunkulu, laba “beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.” (2 Petru 1:20, 21) Yiphutha labafundi beBhayibheli abaye bahluleka ukulandela ukuhola komoya kaNkulunkulu ngokuba bavumele uNkulunkulu achaze iZwi lakhe siqu. Baye bavumela imiqondo yomuntu siqu ukuba ifiphaze umbono wabo ngalokho uMlobi weBhayibheli akushoyo ngokwakhe. Ake sithathe izibonelo ezimbili.

Siyini Isijeziso Sesono?

Abanye abantu baye bafundiswa ukuba bakholelwe ukuthi isijeziso sesono siwukuhlushwa phakade bephila esihogweni somlilo. Abantu abanjalo bangase bafunde isAmbulo 20:10, esikhuluma ‘ngokuphonswa kukaDeveli echibini lomlilo nesibabule,’ futhi basichaza ukuba sisekele imibono yabo. Yebo, lokhu akuvumelani nomShumayeli 9:5, othi abafileyo “abazi-lutho”; futhi akuvumelani namaRoma 6:23, athi “inkokhelo yesono ingukufa,” hhayi ukuhlushwa uphila. Nakuba kunjalo, abanye bangase bazibuze, isAmbulo 20:10 asisho yini ukuthi uSathane (futhi, njengoba kucatshangwa, abantu abadukiswa nguye) ‘bayakuhlushwa imini nobusuku kuze kube-phakade naphakade’?

Ekhulwini lokuqala leminyaka, igama lesiGreki ‘lokuhlushwa’—elisetshenziswe lapha umbhali weBhayibheli uJohane—lalinokusikisela okukhethekile. Njengoba iziboshwa ngezinye izikhathi zazihlushwa (nakuba lokhu kwakuphambene nomthetho kaNkulunkulu), abalindi-ziboshwa baziwa njengabahluphi.

Omunye umbhali weBhayibheli ubhekisela kulokhu lapho ekhuluma ngenceku engathembekile enkosi yayo “yayinikela kubahluphi, ize ikhokhele konke eyayikukweleta.” (Mathewu 18:34, King James Version) Ikhulumela lengcaphuno, iThe International Standard Bible Encyclopedia ithi: “Ngokunokwenzeka ukuvalelwa ejele ngokwakho kwakubhekwa ‘njengokuhlushwa’ (njengoba ngokungangabazeki kwakuyikho), futhi elithi ‘abahluphi’ lisho okufanayo nelithi abalindi-ziboshwa.”

Ngaleyondlela singabona ukuthi ngokuqhathanisa imibhalo nangokucabangela incazelo yayo ezilimini iBhayibheli elabhalwa ngazo, kungenzeka ukuba kufinyelelwe encazelweni evumelana nalo lonke iBhayibheli. Singenayo imibono ecatshangelwe kusengaphambili ngokuqondene nalokhu, singabona ngokusobala ukuthi isAmbulo 20:10 asibona ubufakazi bokuhlushwa phakade esihogweni somlilo. Bonke abahlubuka kuNkulunkulu bamiselwe ukuvalelwa ejele phakade ekufeni. Ukubhujiswa kwabo kungokuphelele njengokungathi balahlelwa echibini lomlilo elingokoqobo.

Umhlaba Unqunyelweni?

Ngokweyesi-2 Petru 3:10 (KJ), “nawo umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakushiswa.” Abanye abantu bachaza lokhu njengokusho ukuthi kuyobhujiswa imbulunga, ngokunokwenzeka kukhukhulela-ngoqo wenuzi. Nokho, ngombono walokho uMlobi weBhayibheli akushoyo kwenye indawo, lokhu kungenzeka kanjani? KuHubo 104:5 (KJ) umhubi, ephefumlelwe, wathi uNkulunkulu “wamisa izisekelo zomhlaba, ukuba ungagudluki kuze kube-phakade.” INkosi ehlakaniphile uSolomoni, nayo ikhuluma iphefumlelwe, yathi kumShumayeli 1:4 (KJ) “isizukulwane esisodwa siyadlula, nesinye isizukulwane siyeza: kodwa umhlaba umi phakade.”

Ingabe uyaziphikisa? Cha, uMlobi weBhayibheli, onguNkulunkulu oneqiniso, ngeke aziphikise. Khona-ke lamavesi amabili angenziwa kanjani avumelane? Ake sicabangele umongo weyesi-2 Petru 3:10.

Emavesini 5, no-6 uPetru ukhuluma ngoZamcolo wosuku lukaNowa futhi, evesini 7, uwufanisa nembubhiso ezofika ‘ngosuku lokwahlulelwa nokubhujiswa kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.’ Yini eyabhujiswa ngoZamcolo? Ivesi 6 lithi “izwe elalikhona . . . labhubha.” Lembulunga engumhlaba ayizange ibhujiswe. Kunalokho, kwabhujiswa isimiso sezwe esibi. Futhi lapho uNkulunkulu ethembisa uNowa, kuGenesise 9:11 (KJ), ukuthi ngeke kuphinde kube khona “uzamcolo ukuba kubhujiswe umhlaba,” ngokusobala wayengakhulumi ngeplanethi, ngoba wawungazange ubhujiswe. Ngakho “umhlaba” ozobhujiswa, ngokweyesi-2 Petru 3:10, uwuhlobo olufanayo ‘lomhlaba’ owabhujiswa ngoZamcolo—hhayi iplanethi ewuMhlaba kodwa umphakathi wabantu omubi wasemhlabeni.—Qhathanisa noGenesise 11:1, lapho elithi “umhlaba” lisetshenziswa ngendlela efanayo.

Hlola ngendlela oyithandayo, ngeke uyithole ingcaphuno yeBhayibheli ephikisana nalencazelo. Khona-ke njengoba kudingekile, kumelwe ibe eqondile evela kuMlobi weBhayibheli ngokwakhe.

Kungani Lingenakuchazwa Nje Nganoma Iyiphi Indlela?

Yini umama wekhaya abengayicabanga ngencwadi yokupheka eyayingachazwa nje nganoma iyiphi indlela? Noma bekuyakuba nanzuzoni ukuthenga isichaza-mazwi esivumela umfundi waso ukuba azichazele incazelo yamagama nganoma iyiphi nje indlela ayikhethayo? Ingabe yilolohlobo lwencwadi yokuqondisa ebesingalindela uNkulunkulu ukuba ayinike izidalwa zakhe? Ngempela, ukuba bekunjalo, ingabe bekuyoba okufanelekile ukukhuluma ngayo njengencwadi yokuqondisa?

Abantu abathembekile, abamesabayo uNkulunkulu abanasithakazelo ekusonteni imiBhalo “kube-ngukubhujiswa kwabo.” (2 Petru 3:16) Ukuze bagweme ukukwenza lokhu, bathola yonke imibhalo ephathelene nendaba abazama ukuyiqonda. Lapho kutholakala imibhalo ephikisana ngokusobala nemibono ababenayo ngaphambili, leyomibono ilahlwa ngokushesha, njengoba ingenakuba eqondile.

Ngenxa yokuba naloluhlobo lwesimo sengqondo sokuthobeka, izigidi zabantu ababekade behlukene ngokwenkolo manje sebeye bazuza ubunye benkolo noFakazi BakaJehova. Kunokuba bafune ukuchaza iBhayibheli ukuze lihambisane nemibono yabo siqu, baye bazimisela ukuzivumelanisa nokuchazwa okusobala okwenziwe uMlobi weBhayibheli ngokwakhe.

Yeka ukuthi kuhle kanjani ukwazi ukuthi iBhayibheli alinakuchazwa nje nganoma iyiphi indlela. Uma sivumela uMlobi walo asichazele lona, ngempela “lilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.” Khona-ke, futhi kulapho kuphela eliyosenza khona ‘siphelele, sipheleliselwe yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:16, 17.

[Umbhalo waphansi]

a Lezozingcaphuno zitholakala kwabaseRoma isahluko 9, ivesi 7 (Genesise 21:12), 9 (Genesise 18:14), 12 (Genesise 25:23), 13 (Malaki 1:2, 3), 15 (Eksodusi 33:19), 17 (Eksodusi 9:16), 25 (Hoseya 2:23), 26 (Hoseya 1:10), 27, 28 (Isaya 10:22, 23), 29 (Isaya 1:9), no-33 (Isaya 28:16).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela