Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/1 k. 9
  • OFakazi Baya Emphakathini EFrance

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi Baya Emphakathini EFrance
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusabela Okuhle Nokusheshayo
  • ‘Bakhuluma Ngobuhle Nothando’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukusebenzisa Amapheshana Ukuze Sithole Imiphumela Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Sebenzisa Amapheshana Ekusakazeni Izindaba Ezinhle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Okwenza Amapheshana Abaluleke Kangaka Enkonzweni Yethu Namuhla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/1 k. 9

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

OFakazi Baya Emphakathini EFrance

KUSUKELA ekuseni kakhulu ngoLwesihlanu, ngo-January 29, 1999, kuze kube yimpelasonto, oFakazi BakaJehova eFrance basakaza ngentshiseko amakhophi ayizigidi ezingu-12 epheshana elinesihloko esithi People of France, You Are Being Deceived! (Bantu BaseFrance, Niyakhohliswa!) Bawasakaza emigwaqweni, kamuva bawasakaza endlini ngendlu. Kungani kwaba nalowo mkhankaso?

Emhlanganweni wabezindaba eParis ngalolo Lwesihlanu ekuseni, sanikezwa isizathu salowo mkhankaso. Owayekhulumela oFakazi wachaza: “Esifuna ukukwenza namuhla ukuzenza saziwe lokho esiyikho futhi siqede izinkulumo ezihlambalazayo ezisakazwa ngathi. Siyakwamukela ukugxekwa, kodwa sesikhathele ukuzwa amanga nezinkulumo ezonakalisa idumela lethu.”

Nakuba oFakazi BakaJehova beyinkolo yobuKristu yesithathu ngobukhulu eFrance, izingane eziningi zoFakazi ziye zathukwa futhi zahlukunyezwa esikoleni. Abantu abadala baye balahlekelwa imisebenzi yabo futhi basongelwa ngenxa yenkolo yabo. Akukholeki ukuthi kuye kwabizwa intela engamaphesenti angu-60 ngisho naseminikelweni yenkolo abaye bayamukela. Lo mkhankaso walusingatha kanjani lolu bandlululo?

Leli pheshana lithi: “OFakazi BakaJehova abangu-250 000 nalabo abazihlanganisa nabo abahlala eFrance BAKHALA ngendlela yokungathembeki inkolo yabo yobuKristu, ebilokhu ikhona eFrance kusukela ngo-1900, eye yafakwa ngayo ohlwini lwamahlelo ayingozi kusukela ngo-1995. . . . BAKHALA ngokuhlukunyezwa okuqhubekayo abaye babhekana nakho.” Kwadalulwa ukumangalelwa koFakazi okunyundelayo eFrance kanye nezindlela ezisontekile abahlambalazi abaye bazama ngazo ukwakha umbono ongemuhle emphakathini. Leli pheshana laphetha ngokuthi: “Namuhla, kunezigidi ezingaphezu kwezimbili zoFakazi BakaJehova nalabo abazihlanganisa nabo ezihlala eYurophu. Bahlonipha imithetho yoHulumeni bamazwe abayizakhamuzi zawo ngokubambelela ezindinganisweni zeVangeli. Bantu baseFrance, lawa amaqiniso. Kuwumsebenzi wethu ukuwaveza njengoba enjalo ngempela!”

Ukusabela Okuhle Nokusheshayo

Kwasakazwa izigidi zala mapheshana ngosuku lokuqala. EParis kuphela, kwathi kuba semini oFakazi abangaphezu kuka-7 000 babe sebenikeze abantu amapheshana angaphezu kwezigidi ezingu-1,3. Abantu babeqala ngqá ukubona oFakazi abaningi kangaka behambisa amapheshana emigwaqweni. Abezindaba, kuhlanganise namaphephandaba namathelevishini ezwe nawezindawo, basabela kahle kulo mkhankaso. Iphephandaba i-Progrès de Lyon laphawula: “Lesi sinyathelo . . . siveza ukuqondwa ngokungeyikho kwaleli gama. Eminyakeni eyishumi edlule, igama elithi ‘ihlelo‘ . . . liye laqondakala ngendlela ephambene, eyingozi nelimazayo. . . . OFakazi BakaJehova abalona uhlobo oluyingozi olungadala iziyaluyalu emphakathini.”

Labo ababaziyo oFakazi BakaJehova bayazi ukuthi banokuthula futhi baluhlonipha ngokujulile uhlelo olumisiwe lomphakathi. Ngakho, abaningi emigwaqweni bazwakalisa ukuwazisa nokuwasekela amashumi ezinkulungwane zoFakazi ababa nengxenye kulowo mkhankaso. Ngokushesha kwamukelwa izingcingo, imiyalezo ye-fax nezincwadi zibonga ipheshana. Ngaphezu kwakho konke, abaqotho banikwa ithuba lokuzwa amaqiniso ngoFakazi hhayi izinkulumo ezingamanga nezingenangqondo, futhi labo abazinkolelo zabo ziye zanyundelwa bakwazi ukubonisa imizwa yabo ngalokho okuyigugu kubo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela