Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 12/15 k. 24
  • Ukubhuntsha Kokuphanga ENtshonalanga Afrika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhuntsha Kokuphanga ENtshonalanga Afrika
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Kugadla Abaphangi Abahlomile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indlela Yokuthenga Imoto Eyisekeni
    I-Phaphama!—1996
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Imoto Yakho—Isikhoselo Noma Ugibe?
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 12/15 k. 24

Ukubhuntsha Kokuphanga ENtshonalanga Afrika

Njengoba ilandiswa u-Eunice Ebuh

“Abaphangi abahlomile bahlela ukuhlasela umuzi wethu ngosuku okuqhutshwa ngalo iSifundo Sencwadi Sebandla. Siwavula gengelezi amasango ukuze abafowethu nodadewethu nalabo abathakazelayo bangene. Kungenzeka ukuthi abaphangi babeyazi imikhuba yethu nesikhathi somhlangano. Siyaqiniseka ukuthi beba imoto kwenye indawo base bezolinda ngasesangweni lethu ngosuku nangesikhathi sesifundo sencwadi.

“Isonto abafika ngalo laqondana nesonto lokuvakashelwa umbonisi wesifunda. Esikhundleni sokuhlangana kwami, sahlangana eHholo LoMbuso. Ngemva komhlangano, kwaba nomhlangano wabadala. Ngokuvamile mina nezingane siyaye sihambe siye ekhaya, kodwa umyeni wami, ongumdala, wasicela ukuba simlinde. Wathi ngeke athathe isikhathi. Ngakho samlinda.

“Kamuva sathola ukuthi imoto ayifuni ukuduma. Umbonisi wesifunda nomyeni wami bahluleka ukuyikhanda. Umakhenikha esambiza naye wahluleka ukuyilungisa.

“Kwadingeka ukuba izingane zihambe ngezinyawo ukuya ekhaya. Ngemva kwesikhashana, nami ngaya ekhaya. Cishe ngafika ngehora leshumi. Mina nezingane asizange singene ngemoto esakhiweni, okwakuyodinga ukuba sivule isango elikhulu.

“Lapho ngingena ekamelweni lami lokulala, ngezwa ukukhala kwesibhamu, okwenza umsindo omkhulu. Ngazibuza ukuthi yini eyayenzeka. Ngazama ukushayela amaphoyisa ucingo, kodwa ucingo lwalungasebenzi. Ngagijimela engxenyeni engaphansi yendlu futhi ngakhiya umnyango wensimbi, ngase ngigijimela ukuyokhiya umnyango ongaphakathi. Ngacima izibani. Izingane zami zazesaba, ngakho ngazitshela ukuba zizole. Sathandazela isivikelo sikaJehova ndawonye. Ngesikhathi esifanayo, umyeni wami wayeseseHholo LoMbuso ezama ukudumisa imoto.

“Ngabuka ngaphandle ngefasitela futhi ngabona indoda ilele emgwaqweni ngaphandle kwesango. Kwakubonakala sengathi abaphangi base behambile, ngakho ngafaka le ndoda elimele emotweni yami ngase ngiyiphuthumisa esibhedlela. Kwakuwukuzifaka engozini, kodwa kwakumelwe ngenze okuthile. Nokho, ngokudabukisayo yafa ngosuku olwalandela.

“Naphezu kwaleyo nhlekelele, isimo sasingase sibe sibi kakhulu. Ukuhambela kombonisi wesifunda kwasho ukungabi nesifundo sencwadi emzini wethu. Ukuphuka kwemoto kwasho ukungayi ekhaya njengomkhaya. Umyeni wami, noma ikanjani owayezobanjwa yizigebengu, wafika ekhaya sekuphuze kakhulu. Lezi zici nezinye zasisiza ngalobo busuku.

“UJehova uyinqaba nesiphephelo sethu. Kunjengoba umbhalo usho: ‘Uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.’”—IHubo 127:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela