Isinqumo Esivuna Ukuzikhethela
NGUMUNTU ophakeme kunabo bonke endaweni yonke uqobo lwakhe ogunyaza isimiso sokukhetha ngemva kokwaziswa. Lowo uMdali wethu. Njengoba enolwazi olungenamkhawulo lwezidingo zabantu, unikeza ngokungagodli iziyalo, izixwayiso neziqondiso ngokuphathelene nenkambo okuwukuhlakanipha ukuyithatha. Nokho, akayishayi indiva inkululeko yokuzikhethela ayinika izidalwa zakhe ezihlakaniphile. Umprofethi wakhe uMose wabonisa umbono kaNkulunkulu lapho ethi: “Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho.”—Duteronomi 30:19.
Lesi simiso sithinta umkhakha wezokwelapha. Udaba lokukhetha ngemva kokwaziswa, noma ukuvuma ngemva kokwaziswa, luya ngokuya lwamukelwa eJapane nakwamanye amazwe lapho belungavamile kangako ngaphambili. UDkt. Michitaro Nakamura wanikeza le ncazelo yokuvuma ngemva kokwaziswa: “Ngumqondo wokuthi udokotela achazele isiguli ngolimi okulula ukuluqonda isifo, amathuba okululama, indlela yokwelapha nemiphumela emibi yokwelapha engase ibe khona, ehlonipha ilungelo lesiguli lokuzinqumela indlela yokwelashwa.”—Japan Medical Journal.
Sekuyiminyaka eminingi odokotela eJapane benikeza izizathu ezihlukahlukene zokungavumelani nale ndlela yokuphatha iziguli, futhi izinkantolo ziye zathambekela ekusekeleni inkambiso yabezokwelapha. Ngakho, kwaba ushintsho oluphawulekayo lapho iJaji Elikhulu uTakeo Inaba leNkantolo Ephakeme YaseTokyo likhipha isinqumo esivuna ukukhetha ngemva kokwaziswa ngo-February 9, 1998. Sasithini leso sinqumo, futhi yini eyabangela ukuba lolu daba lulethwe ezinkantolo?
Emuva ngo-July 1992, uMisae Takeda oneminyaka engu-63 ubudala, ongomunye woFakazi BakaJehova, wathintana ne-Institute of Medical Science Hospital, e-University of Tokyo. Kwakutholakale ukuthi unesimila esibi esibindini futhi kwakudingeka ahlinzwe. Efuna ngokujulile ukulalela umyalo weBhayibheli owenqabela ukusetshenziswa kabi kwegazi, wasenza sacaca kodokotela bakhe isifiso sakhe sokwamukela kuphela ukwelashwa okungalisebenzisi igazi. (Genesise 9:3, 4; IzEnzo 15:29) Odokotela balamukela ifomu elalibakhulula ecaleni, elalikhulula bona nesibhedlela kunoma iliphi icala elalingaba umphumela wesinqumo sakhe. Bamqinisekisa ukuthi babezokwenza ngokuvumelana nesicelo sakhe.
Nokho, ngemva kokuhlinzwa, lapho uMisae engakaphaphami, wampontshelwa igazi—ngokuphambene ngokuqondile nezifiso zakhe azisho ngokucacile. Imizamo yokugcina lokho kumpontshelwa igazi okungemthetho kuyimfihlo yahlaluka lapho isisebenzi sasesibhedlela sithuka sidalula lolu daba kumcosheli wezindaba. Njengoba ungase uqonde, lona wesifazane ongumKristu oqotho wakhungatheka lapho ezwa ngalokhu kumpontshelwa igazi okungemthetho. Wayezethemba izisebenzi zezokwelapha, ekholelwa ukuthi zaziyosigcina isithembiso sazo futhi zihloniphe izinkolelo zakhe ezingokwenkolo. Ngenxa yalobo buhlungu obungokomzwelo aba nabo ngenxa yokonakaliswa okukhulu kobuhlobo phakathi kukadokotela nesiguli nangethemba lokwenza isibonelo okwakuzobhekiselwa kuso esasizovikela abanye ekuphathweni kabi ngaleyo ndlela ngabezokwelapha, wayisa lolu daba enkantolo.
Ukuhleleka Komphakathi Nokuziphatha
Amajaji amathathu eNkantolo Yesifunda YaseTokyo alalela icala abe esekhipha isinqumo esivuna odokotela, ngaleyo ndlela, emelana nelungelo lokuvuma ngemva kokwaziswa. Esinqumweni sawo, esakhishwa ngo-March 12, 1997, athi noma imuphi umzamo wokwenza isivumelwano sokwelapha ngaphandle kwegazi ngokuphelele awukho ngokomthetho. Abonisa ukuthi udokotela wayeyobe ephula i-kojo ryozoku,a noma izindinganiso zomphakathi, uma enza isivumelwano esikhethekile sokungampompeli gazi ngisho noma kuphakama isimo esibucayi. Umbono wawo wawuwukuthi isibopho esiyinhloko sikadokotela siwukusindisa ukuphila ngendlela engcono kakhulu angenza ngayo, ngakho isivumelwano esinjalo sasizoba esingemthetho zisuka nje, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izinkolelo ezingokwenkolo zesiguli. Anquma ukuthi ekugcineni, umbono kadokotela oqeqeshiwe kufanele kube yiwona obaluleke kunanoma isiphi isicelo esingase senziwe isiguli ngaphambi kwesikhathi ngokuphathelene nezokwelapha.
Ngaphezu kwalokho, amajaji athi ngezizathu ezifanayo, nakuba udokotela kulindeleke ukuba achaze inqubo eyinhloko, imiphumela nezingozi zokuhlinza okuhlongozwayo, angase “angasho ukuthi uhlela ukumpompela igazi noma cha.” Isinqumo sawo saba ukuthi: “Akunakushiwo ukuthi kuwukweqa umthetho noma kungokungafanele ngodokotela abangabaMangalelwa ukuthi baziqonda izifiso zoMmangali zokwenqaba ukumpontshelwa igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo base benza sengathi bazozihlonipha izifiso zakhe ngaleyo ndlela bamenza wakwamukela lokho kuhlinzwa.” Umqondo wawuwukuthi uma odokotela babenze ngokuhlukile, isiguli sasingase senqabe ukuhlinzwa futhi sihambe esibhedlela.
Leso sinqumo senkantolo sabashaqisha futhi sabadumaza abantu abasekela ukuvuma ngemva kokwaziswa. Lapho ekhuluma ngesinqumo secala likaTakeda nangemiphumela elingaba nayo esimisweni sokuvuma ngemva kokwaziswa eJapane, uProfesa Takao Yamada, isikhulu esiholayo somthetho wezwe, wabhala: “Uma ukucabanga kwalesi sinqumo kuvunyelwa ukuba kusebenze, ukwenqaba ukumpontshelwa igazi nesimiso esingokomthetho sokuvuma ngemva kokwaziswa kuyoba ikhandlela elilokoza emoyeni.” (Iphephabhuku elingokomthetho i-Hogaku Kyoshitsu) Wakulahla ngokuqinile ukuphoqelela ukumpompela igazi ngokuthi “kuwukonakaliswa okukhulu kokwethembana, okufana nokuhlasela ngokunyenya.” UProfesa Yamada wanezela ukuthi lesi senzo esonakalisa ukwethembana “ngokuqinisekile akufanele nanini sivunyelwe.”
Isimo sokuthobeka sikaMisae senza kwaba nzima kuye ukuba enziwe undab’uzekwayo. Kodwa lapho eqaphela ukuthi wayengaba nengxenye ekuvikeleni igama likaJehova nezindinganiso zokulunga ngokuphathelene nobungcwele begazi, wazimisela ukufeza ingxenye yakhe. Wabhalela umeluleki wakhe kwezomthetho: “Ngiwuthuli nje, ngize ngingaphansi kwalo. Ngiyazibuza ukuthi kungani kusetshenziswa umuntu ongafaneleki njengami. Kodwa lapho ngifuna ukwenza nje okushiwo uJehova—ongenza namatshe amemeze—uyonginika amandla.” (Mathewu 10:18; Luka 19:40) Ebhokisini lobufakazi phakathi nokuqulwa kwalelo cala, wachaza ngezwi elivevezelayo ukuphazamiseka okungokomzwelo aba nakho ngenxa yokukhohliswa. “Ngazizwa ngoniwe, njengowesifazane odlwenguliwe.” Ubufakazi bakhe benza kwasala abambalwa bengakhali kulabo ababesenkantolo ngalolo suku.
Isikhuthazo Esasingalindelekile
Ngenxa yesinqumo seNkantolo Yesifunda, icala ladluliselwa eNkantolo Ephakeme ngokushesha. Izimpikiswano zokuqala kule nkantolo yokudlulisela amacala zaqala ngo-July 1997, futhi uMisae owayesephaphathekile kodwa ezimisele wayekhona esesihlalweni sabakhubazekile. Umdlavuza wawuphinde wavela, futhi wayeseba buthakathaka. UMisae wakhuthazeka kakhulu lapho ijaji elikhulu, ngokungajwayelekile, lisho lokho inkantolo eyayihlele ukukwenza. Lakwenza kwacaca ukuthi inkantolo yokudlulisela amacala yayingavumelani nalokho okwakutholwe inkantolo engaphansi—ukuthi udokotela unelungelo lokungazishayi mkhuba izifiso zesiguli, enze sengathi uzokwenza ngokuvumelana nesifiso saso kodwa ngasese ebe ezimisele ukwenza okunye. Ijaji elikhulu lathi inkantolo ayinakusisekela isimiso sokuziphatha sawobabamkhulu sokuthi “Shirashimu bekarazu, yorashimu beshi,”b okusho ukuthi, “Bagcine bengazi futhi bencike” kwezokwelapha. Kamuva uMisae wathi: “Ngijabula kakhulu ukuzwa amazwi anobulungisa ejaji, ahluke ngokuphelele esinqumweni sangaphambili seNkantolo Yesifunda.” Wanezela: “Yilokhu ebengilokhu ngikuthandazela kuJehova.”
Ngenyanga elandelayo uMisae washona engungwe umkhaya onothando nezisebenzi zezokwelapha zesibhedlela esihlukile, lapho izinkolelo zakhe eziqotho zaziqondwa futhi zihlonishwa khona. Nakuba indodana yakhe, uMasami, kanye namanye amalungu omkhaya babedabuke kakhulu ngokushona kwakhe, babezimisele ukuqhubeka necala lize liphele, ngokuvumelana nezifiso zakhe.
Isinqumo
Ekugcineni, ngo-February 9, 1998, amajaji amathathu eNkantolo Ephakeme akhipha isinqumo sawo, ehoxisa isinqumo senkantolo engaphansi. Igumbi elincane lenkantolo laligcwele izintatheli, izifundiswa nabanye ababelandelela ngokwethembeka ukuqulwa kwaleli cala. Amaphephandaba amakhulu neziteshi zethelevishini kwabika ngalesi sinqumo. Ezinye zezihloko ezivelele zazithi: “Inkantolo: Iziguli Zingayenqaba Indlela Yokwelapha”; “INkantolo Ephakeme: Ukumpompela Igazi Kuwukungahlonishwa Kwamalungelo”; “Udokotela Owampompela Igazi Ngenkani Ulahlwa Icala Enkantolo”; nesithi “Omunye WoFakazi BakaJehova Uthola Inhlawulo Yokumpontshelwa Igazi.”
Imibiko ephathelene nesinqumo yayinembile futhi imihle kakhulu. I-Daily Yomiuri yabika: “IJaji uTakeo Inaba lithe kwakungafanele ngodokotela ukuba benze izinqubo ezazenqatshwe isiguli.” Futhi lasho ngokucacile: “Odokotela [abammpompela igazi] bamncisha ithuba lokukhetha indlela yokwelashwa.”
I-Asahi Shimbun yaphawula ukuthi nakuba kuleli cala inkantolo ibe nomuzwa wokuthi abukho ubufakazi obanele bokuthi bekunesivumelwano abahilelekile abavumelene kuso ngokuthi ngeke lisetshenziswe igazi ngisho nasesimweni esisongela ukuphila, amajaji ayengavumelani nenkantolo engaphansi ngokuba ngokomthetho kwaleso sivumelwano, athi: “Uma kunesivumelwano phakathi kwabantu abahilelekile okuxoxwe kahle ngaso sokuthi akufanele kumpontshelwe igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo, le Nkantolo ayisibheki njengesiphambene nokuhleleka komphakathi futhi, ngenxa yalokho, sibe esingemthetho.” Ngaphezu kwalokho, leli phephandaba laveza umbono wamajaji wokuthi “wonke umuntu umiselwe ukufa ngosuku oluthile, futhi inqubo eya kuleso sikhathi sokufa inganqunywa umuntu ngamunye.”
Eqinisweni, oFakazi BakaJehova baye bacwaninga ngale ndaba futhi bayakholiseka ukuthi bakhetha indlela engcono kakhulu yokuphila. Lokho kuhlanganisa ukwenqaba izingozi ezaziwayo zokumpontshelwa igazi futhi kunalokho bamukela izinqubo ezingalisebenzisi igazi ezisetshenziswa kabanzi emazweni amaningi nezivumelana nomthetho kaNkulunkulu. (IzEnzo 21:25) Uprofesa waseJapane owaziwayo womthetho-sisekelo wathi: “Eqinisweni, ukwenqaba ukwelashwa [ngokumpontshelwa igazi] okukhulunywa ngakho akuyona indaba yokukhetha ‘indlela ofuna ukufa ngayo’ kodwa, kunalokho, eyokukhetha indlela ofuna ukuphila ngayo.”
Isinqumo seNkantolo Ephakeme kufanele siqaphelise odokotela ukuthi amalungelo abo okwenza abakubona kulungile awenabile ngendlela abanye abebecabanga ngayo. Futhi kufanele siphumele ekubeni izibhedlela eziningi ngokwengeziwe zimise iziqondiso zezimiso zokuziphatha. Nakuba lesi sinqumo senkantolo siye samukelwa yiningi futhi sikhuthaza ezigulini ebezingenakusho okutheni ngokuphathelene nendlela ezelashwa ngayo, akubona bonke abahilelekile abaye basamukela ngenhliziyo yonke. Isibhedlela esiqondiswa uhulumeni nodokotela abathathu baye badlulisela icala eNkantolo Eyinhloko. Ngakho kumelwe silinde sizwe ukuthi inkantolo yaseJapane enkulu kunazo zonke nayo izowasekela yini amalungelo eziguli, njengoba kwenza uMbusi wendawo yonke.
[Imibhalo yaphansi]
a Umqondo ongachaziwe ngokomthetho ongachazwa futhi usetshenziswe imantshi.
b Lesi kwakuyisivumo samakhosi ezindawo angenkathi kaTokugawa esiphathelene nendlela okwakufanele abuse ngayo abantu bawo.