Ukunezelwa ENdikimbeni Ebusayo
NGENJONGO yokwandisa abakha iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, kuye kwanezelwa elinye ilungu kubadala abangu-11 abakhonzayo njengamanje, kusukela ngo-July 1, 1994. Lelilungu elisha uGerrit Lösch.
UMzalwan’ uLösch wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngo-November 1, 1961, futhi wathweswa iziqu ekilasini lama-41 le-Watchtower Bible School of Gilead. Wakhonza emsebenzini wesifunda nowesigodi e-Austria kusukela ngo-1963 kuya ku-1976. Washada ngo-1967, futhi yena nomkakhe, uMerete, kamuva bakhonza iminyaka engu-14 njengamalungu omkhaya waseBethel yase-Austria, eVienna. Eminyakeni emine edlule bathunyelwa endlunkulu yeNhlangano eseBrooklyn, eNew York, lapho uMzalwan’ uLösch ayekhonza emaHhovisi Abaqondisi nanjengomsizi eKomitini YeNkonzo. Ngenxa yokuhlangenwe nakho kwakhe okubanzi ensimini yaseYurophu nolwazi lwakhe lwesiJalimane, isiNgisi, isiRomania, nesiNtaliyane, uzoba neqhaza elibalulekile emsebenzini weNdikimba Ebusayo.