Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 11/1 k. 32
  • Kungani Ababi Bechuma?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ababi Bechuma?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 11/1 k. 32

Kungani Ababi Bechuma?

“ABABI baphilelani?” Lombuzo wabuzwa uJobe othembekile esikhathini eside esidlule, futhi uye waphindwa izikhathi eziningi kusukela osukwini lwakhe. Kungenzeka ukuthi usezingqondweni zabantu abaningi basezweni elaliyiYugoslavia (njengalona wesifazane oboniswe esembozweni salomagazini) abalilela labo abaye bahlupheka ngenxa yempi ehlasimulisayo. Kungani ababi besinda futhi bechuma ngisho nokuchuma? Njengoba uJobe abonisa, ngokuvamile “izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe; uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.”—Jobe 21:7, 9.

Ingabe lokhu kusho ukuthi akusizi ukukhonza uNkulunkulu, ukuthanda umakhelwane wakho, nokugwema ukwenza okungalungile? Lutho neze! IBhayibheli lisinikeza umbono oqondile lapho lithi: “Ungazami ukunqoba abenzi bokubi noma ukulingisa labo abenza okungalungile. Ngoba babuna masinyane njengotshani, baphaphatheke njengohlaza lwasentwasahlobo. Thembela eNKOSINI futhi wenze okulungileyo.”—IHubo 37:1-3, The New English Bible.

Yebo lokho okubonakala kuwukuchuma kwababi kumane nje kungokwesikhashana. Eqinisweni, ukuphila kwabo kufushane kakhulu, kuyilapho labo abakhonza uNkulunkulu benethemba elimangalisayo ngekusasa. Ngokushesha, lesisithembiso sikaNkulunkulu sizogcwaliseka: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:4) Abalungile kuphela, hhayi ababi, abazobona lesosikhathi. Yeka isikhuthazo okuyiso ukusondela kuNkulunkulu nokufunda ukwenza intando yakhe, kungakhathaliseki ukuthi labo abasizungezile bangase babe babi kanjani!

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela