Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Nimelane noSathane, khona uyakunibalekela”
EKHULWINI lokuqala leminyaka, iqembu lababezinikele ‘ekwenzeni imilingo’ e-Efesu lasabela esigijimini sobuKristu ngokushisa izincwadi zalo zemilingo obala. (IzEnzo 19:19) Inani elibaliwe lalezizincwadi laliyizinhlamvu zesiliva ezingu-50 000. Uma ukulandisa kweBhayibheli kubhekisela kudenariyu, uhlamvu lwemali yesiliva yaseRoma, cishe lemali yayiyofinyelela ku-R127 600!
Namuhla kunabaningi abake baba nezincwadi eziphathelene nokulumba kodwa ababonisa ukuzimisela okufana nokwabantu base-Efesu lasendulo. Cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eCanada.
Eminyakeni engaba mihlanu edlule, omunye woFakazi BakaJehova wayeshumayela endlini ngendlu lapho kwenye indlu owesifazane okuthiwa uNora amdonsela khona endlini. Eminyakeni eminingi kakhulu yokufuna okungokomoya, uNora wayeqoqe amakhulukhulu ezincwadi ezingokwenkolo nezemimoya, kodwa wayefuna ukwazi ukuthi iBhayibheli lithini ngethemba labafile. LoFakazi wamnikeza ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? Imibuzo kaNora yaphendulwa, futhi wamukela isikhokhelo somagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
Kamuva wathutha futhi akabe esakwazi ukuxhumana noFakazi BakaJehova. Nokho, waqhubeka ebathola omagazini eposini ekhelini lakhe elisha. Wa-oda nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezaziphawulwe komagazini. Ngemva kwesikhathi esithile, omunye woFakazi BakaJehova wafika endlini yakhe. Ehlabeke umxhwele ngokuthi loFakazi wayesebenzisa iBhayibheli ngokuqondile lapho ephendula imibuzo, uNora wamamukela futhi wammema ukuba aphinde abuye ukuze babe nezingxoxo ezengeziwe.
Nokho, loFakazi wakuthola kunzima ukuphinde axhumane noNora. Kwenziwa ukuhambela okuphindaphindiwe ngezikhathi ezihlukahlukene zosuku nezesonto kwanhlanga zimuka nomoya. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ukuphikelela kwakhe kwavuzwa, futhi wavuna imiphumela emihle. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, ngokuvamile esasiqhutshwa kathathu ngesonto ngenxa yokuphikelela kukaNora. Izinto ayezifunda zamshukumisela ukuba akhulume ngazo kubangane namalungu omkhaya, okwaphumela ekubeni abathathu babo bacele oFakazi BakaJehova ukuba babaqhubele izifundo zeBhayibheli.
Ngesifundo sakhe uNora waqala ukuqaphela ukuthi kunezinkolo eziningi zamanga nabaprofethi bamanga kodwa yinye kuphela indlela eholela ekuphileni okuphakade. Eminyakeni eminingi wayefuna izimpendulo zemibuzo yakhe ezinkolweni zamanga, kodwa ngemva kokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngamademoni, wenza njengabantu base-Efesu lasendulo okukhulunywe ngabo kuzEnzo 19:19. Wahlanza umtapo wakhe wezincwadi futhi phakathi nezinsuku ezimbalwa walahla izincwadi ezingaphezu kwenkulungwane eziphathelene nokulumba nezimfundiso zenkolo yamanga. Phakathi kwezincwadi azilahla, enye isethi yezincwadi ezine yayibiza imali engaphezu kuka-R2 100!
Ngokusobala edunyazwe izenzo zikaNora, amademoni amhlukumeza isikhathi esingaba amasonto amabili. Nokho, lemimoya emibi ayizange ikwazi ukumvimbela ekuqhubekeni nesifundo sakhe seBhayibheli nokuhlanganyela nenhlangano kaJehova yosuku lwanamuhla.
Okuhlangenwe nakho okunjalo kulikhanyisa kahle iqiniso lamazwi eBhayibheli: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.”—Jakobe 4:7.