Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 9/1 kk. 27-28
  • Ingabe Ukubekelwa Imingcele Kuyakudumaza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukubekelwa Imingcele Kuyakudumaza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubunhloko ObungokomBhalo
  • Imingcele Kwabasha
  • Abantu Abakhululekile Kodwa Abanesibopho Sokulandisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Gcina Umkhaya Wakho Unokuthula
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ukuba Umyeni Nomdala—Ukulinganisela Imithwalo Yemfanelo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ilungiselelo LikaJehova Lomkhaya Lothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 9/1 kk. 27-28

Ingabe Ukubekelwa Imingcele Kuyakudumaza?

IMINGCELE! Akekho empeleni oyithandayo; nokho sonke kumelwe siyibekezelele ngesilinganiso esithile. Nokho, ingabe ngezinye izikhathi uyadumala ngenxa yokuthi ukuphila kwakho kubonakala kulinganiselwe kakhulu? Mhlawumbe ungazizwa ungcono uma ungashintsha umbono wakho. Kunokuba ukhathazeke ngalokho ongenakukwazi ukukwenza, kungani ungasebenzisi ngokunenzuzo noma iyiphi inkululeko onayo?

Ngokwesibonelo, abaningi abampofu ngokomnotho bafisa sengathi ngabe bacebile. Nokho, nakuba ubumpofu bulinganisela lokho esingakwenza kulesisimiso sezinto, izinto ezibalulekile ekuphileni ziyatholakala kubo bonke. Abantu abampofu nabacebile bayakwazi ukuthanda othile, bashade, bakhulise abantwana, bajabulele ubungane obuhle, njalonjalo. Okubaluleke kakhulu ukuthi, abantu abampofu nabacebile bayamazi uJehova futhi babheka phambili ezweni elisha elithenjisiwe. Abantu abampofu nabacebile bayathuthuka ekuhlakanipheni nasolwazini lobuKristu, olungcono kunengcebo. (IzAga 2:1-9; UmShumayeli 7:12) Bonke—abacebile nabampofu—bangazenzela igama elihle noJehova. (UmShumayeli 7:1) Osukwini lukaPawulu ibandla lobuKristu ngokuyinhloko lalakhiwa abantu besigaba esiphansi—abanye babo beyizigqila—ababesebenzisa ngokuhlakanipha noma iyiphi inkululeko izimo zabo ezaziyivumela.—1 Korinte 1:26-29.

Ubunhloko ObungokomBhalo

Emshadweni wamaKristu, umfazi ungaphansi kwendoda yakhe—okuyilungiselelo elenzelwe ukuzuzisa wonke umkhaya. (Efesu 5:22-24) Ingabe umfazi kufanele azizwe elulazwa ngenxa yalokhu? Lutho neze. Indoda nomfazi bayiqembu. Ubunhloko bendoda, lapho busetshenziswa ngendlela enjengekaKristu, bubeka imingcele embalwa kakhulu kumkayo uma kuqhathaniswa futhi bumnika amathuba amaningi okuqaphela amakhono akhe. (Efesu 5:25, 31) “Umfazi okhutheleyo” wezAga isahluko 31 wayematasa ngemisebenzi eminingi ethakazelisayo neyinselele. Ngokusobala, ukuzithoba kumyeni wakhe kwakungamkhungathekisi.—IzAga 31:10-29.

Ngokufanayo, alikho ilungiselelo lokuba owesifazane ahole amadoda afanelekayo ebandleni lobuKristu. (1 Korinte 14:34; 1 Thimothewu 2:11, 12) Ingabe abesifazane abangamaKristu kufanele bazizwe benganelisiwe ngaphansi kwalowomngcele? Cha. Abaningi bajabulela ukubona lesosici senkonzo yobuKristu sinakekelwa ngendlela engokwasezulwini. Bayajabula ngokuzuza ekwaluseni nasekufundiseni kwabadala abamisiwe futhi bazigcina bematasa ngomsebenzi obalulekile wokushumayela nowokwenza abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Abesifazane abangamaKristu bafeza okuningi kulomkhakha, futhi lokhu kubalethela udumo emehlweni kaJehova uNkulunkulu.—IHubo 68:11; IzAga 3:35.

Imingcele Kwabasha

Abasha nabo ngezinye izikhathi bakhononda ngokuthi ukuphila kwabo kubekelwa imingcele eminingi, ngokuvamile ngenxa yokuthi bangaphansi kwegunya labazali babo. Nokho nakho lokhu kungokomBhalo. (Efesu 6:1) Kunokuba acasulwe imingcele abazali bawo abawabekela yona, amaKristu asemasha ahlakaniphile agxila ekujabuleleni inkululeko anayo—ngokuvamile ehlanganisa ukukhululeka emithwalweni yemfanelo esindayo. Kanjalo angasebenzisa ngokunenzuzo amandla awo obusha nezimo ukuze azilungiselele isikhathi lapho esengabantu abadala.

Owayengumbonisi wesifunda eBrazil umkhumbula kahle umfana oneminyaka engu-12 ubudala eqenjini elincane elingalodwa owayebekelwe imingcele kulokho ayengakwenza. Lowo owayephethe amarekhodi ebandla wayematasa emsebenzini wokuziphilisa futhi engakwazi ukulinakekela kahle iqembu, kodwa wahlela ukuba lelibhobhodlana limsize. Lafunda ukuthi wonke amafomu akuphi futhi lalihlale likhona njalo ukuze lisize. Isithakazelo salo sasikhuthaza, futhi lalingumngane othembekile enkonzweni yasensimini. Lelobhobhodlana manje selingumdala omisiwe.

Kunezimo eziningi ezilinganisela inkululeko yomuntu. Abanye babekelwa imingcele ukugula. Abanye baphila emikhayeni ehlukene phakathi futhi bathole ukuthi inkululeko yabo ilinganiselwa izimfuno zomngane womshado ongakholwa. Nakuba labo abaphila bebekelwe imingcele bengase bafise sengathi ngabe izimo zazihlukile, basengaphila ukuphila okwanelisayo. Lomagazini uye waba nezindaba eziningi zabantu abanjalo abaye baba isikhuthazo esikhulu kwabanye ngoba bethembela kuJehova futhi bezisebenzisa ngokunenzuzo izimo zabo.

Ekhuluma ngesimo esasivamile osukwini lwakhe, umphostoli uPawulu wathi: “Ubizwé uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho. Kepha uma kwenzeka ukuba ukhululwe, kukhethe lokho.” (1 Korinte 7:21) Yeka ukuthi lona umbono olinganisela kanjani! Ezinye izimo ziyashintsha. Abantu abasha bayakhula. Ngezinye izikhathi abangane bomshado abaphikisayo bamukela iqiniso. Izimo zomnotho bezilokhu zaziwa njengezithuthukayo. Abantu abagulayo bangase babe ngcono. Kwezinye izimo, izinto zingase zingashintshi kuze kube yilapho izwe elisha likaJehova selifikile. Nakuba kunjalo, yini engazuzwa ngokukhathazeka ngenxa yokuthi umuntu akakwazi ukwenza lokho abanye abakwaziyo ukukwenza?

Wake wazibuka izinyoni zindiza esibhakabhakeni ngaphezu komhlaba futhi wababaza ubuhle nenkululeko yokunyakaza kwazo? Mhlawumbe wafisa sengathi ungandiza kanjalo. Nokho, awunakukwazi futhi ngeke ukwazi nanini ukundiza njengezinyoni! Kodwa cishe awukhonondi. Kunalokho, uyawajabulela amakhono akho owanikwe uNkulunkulu. Uphumelela kahle kakhulu nakuba uhamba phansi emhlabeni. Ngokufanayo, kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sethu ekuphileni, uma sigxila kulokho esingakwenza kunokuba sikhathazeke ngalokho esingenakukwenza, ukuphila kuyoba okwanelisayo, futhi siyothola injabulo enkonzweni kaJehova.—IHubo 126:5, 6.

[Isithombe ekhasini 28]

Ingabe unomuzwa wokuthi abazali bakho bayakuvalela?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela