Basha—Imfundiso Kabani Eniyilalelayo?
“Abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka . . . [izimfundiso, NW] zamademoni.”—1 THIMOTHEWU 4:1.
1. (a) Intsha inakuphi ukuzikhethela? (b) UJehova ufundisa kanjani?
UMBUZO obhekiswe entsheni lapha uwukuthi, Imfundiso kabani eniyilalelayo? Lokhu kubonisa ukuthi nina basha ninokuzikhethela. Lokhu kuzikhethela kuphakathi kokusabela ekufundiseni kwaphezulu nokulandela izimfundiso zamademoni. UJehova ufundisa ngeZwi lakhe, iBhayibheli, kanye nangenkonzo yalabo abasebenzisa njengabameleli bakhe emhlabeni. (Isaya 54:13; IzEnzo 8:26-39; Mathewu 24:45-47) Kodwa kuyanimangaza yini ukuthi namademoni ayafundisa?
2. Kungani kubalulekile ukuxwaya izimfundiso zamademoni ikakhulukazi kulesikhathi?
2 Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo [nezimfundiso] zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Njengoba siphila “ezinsukwini zokugcina” lapho uSathane namademoni akhe bematasa ngokukhethekile, niyabona yini ukuthi kungani sibuza lombuzo othi, Imfundiso kabani eniyilalelayo? (2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 12:7-12) Ngenxa yokuthi uSathane namademoni akhe banobuqili, bayenga kangaka ezindleleni abasebenza ngazo, kubalulekile ukuba niwucabangele ngokucophelela lombuzo.—2 Korinte 11:14, 15.
Amademoni Nezimfundiso Zawo
3 .Angobani amademoni, iyini injongo yawo, futhi afuna ukuyifeza kanjani?
3 Esikhathini esithile amademoni ayeyizingelosi zikaJehova, kodwa ahlubuka kuMdali wawo futhi kanjalo aba abasekeli bakaSathane. (Mathewu 12:24) Injongo yawo iwukonakalisa abantu nokubayekisa ukukhonza uNkulunkulu. Ukuze afeze lokhu, amademoni asebenzisa abafundisi abangabantu ukuze akhuthaze indlela yokuphila yobugovu, yokuziphatha okubi uJehova ayilahlayo. (Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:1, 12-15.) Ukubukeza indlela izingelosi ezazithembekile ezaba ngayo amademoni kuyonisiza ukuba nibone izimfundiso zawo nendlela yokuphila lezimfundiso eziyikhuthazayo.
4. (a) Kungani izingelosi ezingalaleli zeza emhlabeni osukwini lukaNowa? (b) Kwenzekani ezingelosini ezimbi nenzalo yazo ngoZamcolo?
4 Ezinsukwini zikaNowa, izingelosi ezithile zakhangwa kakhulu amadodakazi abantu amahle kangangokuba lezidalwa zomoya zashiya izindawo zazo ezulwini ukuze zize emhlabeni. Ukuhlangana kwazo ngokobulili nabesifazane kwaveza inzalo eyingxube ebizwa ngokuthi amaNefili. Njengoba kungekhona okwemvelo ngezidalwa zomoya ukuba zihlale nabantu, lokho izingelosi ezingalaleli ezakwenza nalabo besifazane kwakungalungile njengoba nje kwakunjalo ngezenzo zobungqingili kamuva ezenziwa amadoda nabafana baseSodoma. (Genesise 6:1-4; 19:4-11; Juda 6, 7) Nakuba abafazi balezingelosi babhubha kuzamcolo kanye nezingane zabo eziyingxube, izingelosi ezimbi zalahla imizimba yazo yenyama zabuyela ezulwini lapho zaba khona abangane bakaSathane uDeveli abangamademoni.—2 Petru 2:4.
5. Amademoni aluhlobo luni lwezidalwa, futhi azama kanjani ukuhlanekezela imithetho kaNkulunkulu?
5 Uma kucatshangelwa lesizinda esingokomlando, niyabona yini ukuthi amademoni aluhlobo luni lwezidalwa ngempela? Angabaphendukezeli bobulili abangabaxhaphazi abangabonakali balelizwe elihlanyiswa ubulili. Nakuba eye avinjelwa ekubeni aphinde embathe imizimba yabantu, athola injabulo ezenzweni zokuphendukezelwa kobulili zalabo angabonakalisa emhlabeni. (Efesu 6:11, 12) Amademoni azama ukuhlanekezela imithetho kaJehova ephathelene nobumsulwa nokuziphatha ngokuyenza ibonakale ivimbela ngokungadingekile. Lezingelosi ezimbi zisekela ukuziphatha okubi kobulili njengendlela yokuphila evamile, ejabulisayo.
Ukukhuthaza Izimfundiso Zamademoni
6 .Kungani kungafanele simangazwe ukuthi amademoni akhuthaza izimfundiso zawo ngendlela yobuqili?
6 Ukuthi amademoni ayokhuthaza izimfundiso zawo ngendlela yobuqili akufanele kusimangaze, njengoba lena kuyindlela umholi wawo, uSathane uDeveli, ayisebenzisa ekudukiseni u-Eva. Khumbula ukuthi wakhuluma naye njengokungathi wayefuna ukuba usizo. “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na?” kubuza uSathane. Khona-ke ngobuqili wazama ukululaza imfundiso kaNkulunkulu ngokutshela u-Eva ukuthi wayeyozuza ngokudla emthini owenqatshelwe. UDeveli wathembisa: “Mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:1-5) Ngaleyondlela u-Eva wahungwa, yebo wayengelwa ekubeni angamlaleli uNkulunkulu.—2 Korinte 11:3; 1 Thimothewu 2:13, 14.
7. Uye waba yini umphumela wezimfundiso zobuqili zamademoni, futhi lokhu kunikeza siphi isixwayiso?
7 Nasezikhathini zamuva nje, abaningi baye bayengwa. Amademoni ngobuqili aye akhuthaza ukuziphatha okubi kobulili kangangokuba kuye kwamukelwa abaningi ngaphambili ababekulahla. Ngokwesibonelo, lapho umhleli wephephandaba lezeluleko odumile e-United States ephendula incwadi ephathelene nendaba yabantu abangashadile ababa nobuhlobo bobulili, wabhala: “Angikaze ngicabange ukuthi ngingashintsha kulokhu, kodwa manje ngiyakholwa ukuthi imibhangqwana ezimisele ngomshado kufanele ivakashe ndawonye izimpelasonto ezimbalwa ukuze ihlole ukuthi iyafanelana yini.” Khona-ke wanezela: “Angikholelwa ukuthi ngakubhala lokho!” Nakuba ayengenakukholelwa ukuthi wayetuse ubufebe, kodwa kwakunjalo! Ngokusobala, kumelwe siqaphele ukuthi izimfundiso zamademoni aziwuthonyi umbono wethu ngemikhuba uNkulunkulu ayilahlayo.—Roma 1:26, 27; Efesu 5:5, 10-12.
8. (a) Igama elithi “izwe” lisetshenziswe kanjani eBhayibhelini? (b) Ubani obusa izwe, futhi abalandeli bakaJesu kufanele balibheke kanjani izwe?
8 Akumelwe neze sikhohlwe ukuthi uSathane ‘ungumbusi walelizwe.’ Eqinisweni, umphostoli uJohane wathi “izwe lonke limi ebubini.” (Johane 12:31; 1 Johane 5:19) Yiqiniso, ngesinye isikhathi uJesu wasebenzisa igama elithi “izwe” ukuze abhekisele kuso sonke isintu. (Mathewu 26:13; Johane 3:16; 12:46) Nokho, izikhathi eziningi, wasebenzisa igama elithi “izwe” ukuze abhekisele kuwo wonke umphakathi wesintu ohleliwe ongaphandle kwebandla lobuKristu. Ngokwesibonelo, uJesu wathi abalandeli bakhe kumelwe ‘bangabi ingxenye yezwe’ (umphakathi wesintu ongalungile) nokuthi ngenxa yokuthi babengeyona ingxenye yezwe, izwe laliyobazonda. (Johane 15:19; 17:14-16) IBhayibheli ngokuqhubekayo laxwayisa ngokuthi kufanele sigweme ukuba abangane balelizwe elibuswa uSathane.—Jakobe 4:4.
9, 10. (a) Iziphi izinto zezwe ezivusa inkanuko yobulili engafanele? (b) Kungenzeka kanjani ukubona ukuthi ubani owumshoshozeli walokho ukuzijabulisa kwezwe okukufundisayo?
9 Umphostoli uJohane wanxusa: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni.” Futhi wathi: “Konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise.” (1 Johane 2:15, 16) Cabanga ngalokhu. Yini esezweni namuhla evusa inkanuko engalungile, ake sithi ngobulili obungemthetho? (1 Thesalonika 4:3-5) Kuthiwani ngomculo wezwe omningi? Isikhulu samaphoyisa sokulengiswa kwezigwebo saseCalifornia sathi: “Ngokuyinhloko, umculo ufundisa ukuthi akudingekile ukuba ulalele abazali bakho, nokuthi kufanele uphile ngendlela oyithandayo.” Ingabe uyawuqaphela umthombo wemfundiso enikezwa umculo onjalo?
10 Eqinisweni, khumbula ukuthi uSathane watshela u-Eva ukuthi: ‘Uyalahlekelwa. Phila ngendlela othanda ngayo. Zinqumele okuhle nokubi. Akudingekile ukuba ulalele uNkulunkulu.’ (Genesise 3:1-5) Akusona yini leso isigijimi esifanayo esitholakala komningi umculo wezwe? Kodwa amademoni awafundisi ngomculo kuphela. Afundisa nangezinhlelo zezentengiselwano zethelevishini, amabhayisikobho, nama-video. Kanjani? Phela, imizila yokuxhumana yezwe iletha ukuzijabulisa okwenza izimfundiso zokuziphatha zikaNkulunkulu zibonakale zicindezela. Isekela ubufebe ngokubugcizelela nokubuveza njengobufiselekayo.
11. Ngokuvamile, yini efundiswa ithelevishini ngokuziphatha?
11 Umagazini i-U.S.News & World Report wathi: “Ngo-1991, iziteshi ezintathu zokusakaza [zase-U.S.] zabukisa izenzakalo eziphathelene nobulili ezingaphezu kuka-10 000 phakathi nesikhathi sakusihlwa sokubukelwa kwethelevishini; esigcawini ngasinye esibonisa ukuhlangana ngokobulili phakathi kwabantu abashadile, leziteshi zabonisa izigcawu ezingu-14 zobulili ngaphandle komshado.” Ngokubonisa izenzakalo ezingaphezu kuka-9 000 zobulili obungemthetho phakathi nesikhathi sakusihlwa sokubukelwa kwethelevishini onyakeni owodwa, ubungathi ithelevishini ifundisani? UBarry S. Sapolsky, owahlanganyela ekulobeni umbiko othi “Ubulili Ngesikhathi Sakusihlwa Sokubukelwa Kwethelevishini: Umehluko Phakathi kuka-1979 no-1989,” uthi: “Uma intsha ibuka i-TV iminyaka eminingi lapho abantu behlanganyela khona ekuziphatheni kokukhohlisa noma ebulilini obenziwa obala, lezinkulungwane zemifanekiso eminyakeni eminingi ziyoyifundisa ukuthi ubulili buyinto ejabulisayo—engenayo imiphumela.” Akungabazeki ngalokhu: Ukuzijabulisa kwezwe kufundisa intsha ukuthi ayikho imithetho, ukuthi ubufebe buyamukeleka, nokuthi ayikho imiphumela emibi ngokuphila ngendlela uNkulunkulu ayilahlayo.—1 Korinte 6:18; Efesu 5:3-5.
12. Kungani ukuzijabulisa kwezwe kuletha usongo ikakhulukazi entsheni engamaKristu?
12 Umculo wezwe, amabhayisikobho, ama-video, nethelevishini kuklanyelwe ukuba kukhange entsheni. Kukhuthaza izimfundiso ezonakele zamademoni! Kodwa ingabe lokhu kufanele kumangaze? Cabanga ngakho. Uma inkolo yamanga nezombangazwe kuyingxenye yezwe likaSathane—futhi ngokusobala kuyiyo—ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi ukuzijabulisa okukhuthazwa izwe akunalo ithonya lamademoni? Nina basha ikakhulukazi kudingeka niqaphe ningalokothi “nivumele izwe elinizungezile ukuba linilolonge nifane nalo.”—Roma 12:2, The New Testament in Modern English, ka-J. B. Phillips.
Zihlole
13. Yikuphi ukuzihlola okufanele kwenziwe?
13 Indaba yokuthi ezikabani izimfundiso enizilalelayo ayinqunywa nje kuphela yilokho enikushoyo kodwa nayizenzo zenu. (Roma 6:16) Ngakho zibuze, ‘Ingabe isimo sami sengqondo nenkambo yami yokuphila kuthonywa ngokungafanele yilokho engikufundayo ngemizila yezwe yemfundiso-ze? Kungenzeka yini ukuthi izimfundiso zamademoni zihlasela ukuphila kwami?’ Ukuze sikusize uphendule leyomibuzo, kungani ungaqhathanisi isikhathi nomzamo okusebenzisa utadisha iBhayibheli, uya emihlanganweni yobuKristu, futhi ukhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu naleso osichitha ubukela i-TV, ulalela umculo, uhlanganyela emdlalweni owuthandayo, noma kweminye imisebenzi efanayo? Njengoba okuningi kangaka—empeleni, khona kanye ukuphila kwakho—kusengozini, zihlole ngobuqotho.—2 Korinte 13:5.
14. Yini eyothonya impilo yethu engokomoya, futhi imuphi umqondo osangulukisayo okufanele siwukhumbule?
14 Wazi kahle ukuthi ukudla okungokwenyama okudlayo kuyothonya impilo yakho engokomzimba. Ngokufanayo, impilo yakho engokomoya ithonywa yilokho owondla ngakho ingqondo nenhliziyo yakho. (1 Petru 2:1, 2) Nakuba ungase uzikhohlise ngokuphathelene nalokho izithakazelo zakho zangempela eziyikho, awunakumkhohlisa uMahluleli wethu, uJesu Kristu. (Johane 5:30) Ngakho zibuze, ‘Ukuba uJesu ubesemhlabeni, bengiyodumala yini lapho engena futhi ezwa umculo wami noma ebona lokho engikubukelayo?’ Iqiniso elisangulukisayo liwukuthi uJesu uyazibona futhi uyazazi izenzo zethu.—IsAmbulo 3:15.
Melana Nezimfundiso Zamademoni
15. Kungani kufanele amaKristu alwe kanzima ukuze amelane nezimfundiso zamademoni?
15 Ukucindezela amademoni akuletha entsheni ukuba ilalele izimfundiso zawo kukhulu. Lemimoya emibi ibonakala inikeza ukuphila kokuzijabulisa okusheshayo—ukuphila kobumnandi nenjabulo. Ukuze ajabulise uNkulunkulu, uMose wasendulo wenqaba ‘ukuthokoza isikhashana esonweni’ njengelungu elivelele lendlu kaFaro. (Heberu 11:24-27) Akulula ukwenqaba lokho amademoni akunikezayo, ngakho kumelwe ulwe kanzima ukuze wenze okulungile. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi ngoba siye sazuza isono njengefa futhi izinhliziyo zethu ngokuvamile zilangazelela ukwenza okubi. (Genesise 8:21; Roma 5:12) Ngenxa yokuthambekela okunesono, ngisho nomphostoli uPawulu kwakufanele aziphathe ngengalo eqinile futhi angavumeli izinkanuko zakhe zenyama ukuba zimlawule.—1 Korinte 9:27; Roma 7:21-23.
16. Intsha ingamelana kanjani nokucindezela kokuhlanganyela ekuziphatheni okubi?
16 Nakuba ungase ulingelwe ukuba ‘ulandele umbimbi ukuyokwenza okubi,’ uNkulunkulu angakusiza ukuba umelane nokucindezela kontanga kokulandela inkambo yabo engalungile. (Eksodusi 23:2; 1 Korinte 10:13) Kodwa kumelwe ulalele iziqondiso zikaNkulunkulu, ulonde amazwi akhe enhliziyweni yakho. (IHubo 119:9, 11) Kudingeka uqaphele ukuthi lapho intsha izehlukanisa, inkanuko yobulili ingavuka futhi iholele ekuphuleni umthetho kaNkulunkulu. “Lapho sisodwa nesoka lami, umzimba wami ufuna ukwenza enye into kanti ingqondo yami ingitshela ukuba ngenze enye,” kuvuma omunye osemusha. Ngakho qaphela ukulinganiselwa kwakho futhi ukhumbule ukuthi inhliziyo yakho yimbi. (Jeremiya 17:9) Ungazehlukanisi. (IzAga 18:1) Beka imingcele ekubonakalisweni kothando. Okubaluleke nakakhulu, zigcine usondelene eduze kuphela nalabo abathanda uJehova nabanenhlonipho ejulile ngemithetho yakhe.—IHubo 119:63; IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33.
17. Yini engasiza intsha engamaKristu ukuba ithole amandla okumelana nezimfundiso zamademoni?
17 Ukutadisha ngokucophelela izincwadi zobuKristu eziklanyelwe ukukuqinisa ngokomoya kuyokusiza. Ngokwesibonelo, cabangela incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo nesahluko esithi “Ukulwela Ukwenza Okulungileyo” encwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Vumela isiyalo esingokomBhalo esilungiselelwe ukuba singene sijule engqondweni nasenhliziyweni yakho, futhi siyokuqinisa. Iqiniso okungamelwe neze ulikhohlwe ukuthi kulelizwe elilawulwa amademoni ukwenza okulungile akulula. Ngakho yilwa kanzima. (Luka 13:24) Yakha amandla akho angokomoya. Ungalingisi ababuthaka, abesabayo abalandela isixuku.
Zuza Ekufundiseni Kwaphezulu
18. Ziyini ezinye zezinzuzo zokulalela ukufundisa kwaphezulu?
18 Futhi, khumbula ukuthi akukho lutho oluyinzuzo oluyokulahlekela ngokulalela imfundiso kaJehova. Ukuthanda ngempela, futhi yingakho ‘ekufundisa okukusizayo.’ (Isaya 48:17) Ngakho lalela ukufundisa kukaJehova, futhi ugweme usizi lukanembeza olimele, ukulahlekelwa ukuzihlonipha, ukukhulelwa okungafunwa, izifo ezithathelwana ngobulili, noma izinsizi ezifanayo. UJehova uyajabula lapho izinceku zakhe zimnikeza impendulo enseleleni kaSathane yokuthi abantu ngeke bahlale bethembekile kuNkulunkulu ngaphansi kokuvivinywa. (Jobe 1:6-12) Uma ujabulisa inhliziyo kaJehova ngokuthembeka kuye, uyosinda lapho ekhipha isahlulelo esingathandeki kulelizwe, kuyilapho bonke labo abaklolodela imithetho yakhe beyobhubha.—IzAga 27:11; 1 Korinte 6:9, 10; 1 Johane 2:17.
19. Kubaluleke ngani ukuzihlanganisa nalabo abazazisayo izinzuzo zemfundiso kaJehova?
19 Uma uzihlanganisa ngokuseduze nalabo abakwazisayo lokho uJehova aye wabenzela khona, ungafunda kokuhlangenwe nakho kwabo. Omunye umuntu ngaphambili owayengumlutha wezidakamizwa futhi eziphatha kabi wachaza: “Ukuba angizange ngimlalele uJehova, ngabe sengafa. Umuntu engangizoshada naye wabulawa ingculaza. Bonke ababengabangane bami abakhulu bezwe sebabulawa ingculaza noma sebegebele egodini. Ngibabona njalo emigwaqweni, futhi ngibonga uJehova nsuku zonke ngemithetho yakhe ebusa abantu bakhe futhi iyosigcina singcwele kuphela uma siyisebenzisa. Angikaze ngijabule, nganeliseke futhi ngilondeke kangaka ekuphileni kwami.” Ngempela, ukulalela imfundiso kaJehova kuyasizuzisa ngaso sonke isikhathi!
Yenzani Ukukhetha Okufanele
20, 21. (a) Intsha inakuphi ukukhetha okubili? (b) Iyiphi inzuzo ehlala njalo eyotholakala ngokulalela ukufundisa kwaphezulu?
20 Siyaninxusa nina basha: Yenzani ukukhetha okufanele ngokukhonza uJehova. Bese ninamathela ngokwethembeka kulesosinqumo. (Joshuwa 24:15) Eqinisweni, ningenza ukukhetha okukodwa kuphela kokubili. UJesu wathi kunendlela ebanzi nevulekile—elula yokwenza lokho umuntu akuthandayo. Leyondlela iholela ekufeni, ekubhujisweni. Enye indlela iyingcingo. Iyindlela okunzima ukuhamba kuyo kulelizwe eliphila ngokuziphatha okubi, elilawulwa amademoni. Kodwa ekugcineni leyondlela iyoholela labo abahamba kuyo ezweni elisha likaNkulunkulu elimangalisayo. (Mathewu 7:13, 14) Iyiphi indlela eniyoyithatha? Ekabani imfundiso eniyoyilalela?
21 UJehova ukushiyela kini lokhu kukhetha. Akazami ukuniphoqelela ukuba nimkhonze. “Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa,” kwasho umprofethi kaNkulunkulu uMose, enxusa: “Khethani ukuphila.” Lokhu kukhetha kwenziwa “[ngokuthanda] uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye.” (Duteronomi 29:2; 30:19, 20) Kwangathi ngokuhlakanipha ningakhetha ukulalela ukufundisa kwaphezulu futhi nijabulele ukuphila okungenasiphelo ezweni elisha likaNkulunkulu elikhazimulayo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Angobani amademoni, futhi yini ayifundisayo?
◻ Amademoni azikhuthaza kanjani izimfundiso zawo namuhla?
◻ Singakwazi kanjani ukumelana nezimfundiso zamademoni?
◻ Ziyini izinzuzo zokulalela izimfundiso zikaJehova?
[Isithombe ekhasini 16]
Ngaphambi kukaZamcolo, izingelosi ezingalaleli nenzalo yazo zakhuthaza ubudlova nokuzitika ngamanyala
[Isithombe ekhasini 18]
Ubuyodumala yini uma uJesu ezwa umculo wakho owuthandayo?