Bazali, Izingane Zenu Zidinga Ukunakekela Okukhethekile
“Abantwana bakho [bayakuba] njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.”—IHUBO 128:3.
1. Kungaqhathaniswa kanjani ukukhulisa izitshalo nokukhulisa izingane?
EZICINI eziningi, izingane zikhula futhi zithuthuke njengezitshalo. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi iBhayibheli likhuluma ngomkamuntu “njengomnqumo othelayo” futhi lifanise izingane zakhe ‘nezithombo zomnqumo ezizungeze itafula lakhe.’ (IHubo 128:3) Umlimi angakutshela ukuthi ukukhulisa izitshalo ezisencane akulula, ikakhulukazi lapho isimo sezulu nesenhlabathi singesihle. Ngokufanayo, ‘kulezinsuku zokugcina’ ezibucayi, kunzima kakhulu ukukhulisa izingane ukuba zibe abantu abadala abaqondile, abesaba uNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:1-5.
2. Ngokuvamile yini edingekayo ukuze kuvezwe isivuno esihle?
2 Ukuze avune isivuno esihle, umlimi udinga inhlabathi evundile, ukukhanya kwelanga okufudumele, namanzi. Ngaphandle kokuhlakula nokususa ukhula, kumelwe alungiselele imithi yokubulala izilokazane nokunye ukunakekela okuyisivikelo. Kungase kuphakame izikhathi ezinzima phakathi naleyonkathi, kuze kube yilapho kuvunwa. Yeka ukuthi kudabukisa kanjani lapho isivuno siba sibi ekugcineni! Nokho, yeka ukuthi umlimi anganeliseka kanjani lapho, ngemva komsebenzi omningi onzima, evuna isivuno esihle!—Isaya 60:20-22; 61:3.
3. Izitshalo nezingane kuqhathaniseka kanjani ngokubaluleka, futhi hlobo luni lokunakekela izingane okufanele ziluthole?
3 Ngokuqinisekile, ukuphila komuntu okuphumelelayo, nokunezithelo kuyigugu kakhulu kunesivuno somlimi. Ngakho-ke akumangalisi ukuthi ukukhulisa ingane ngokuphumelelayo kungathatha isikhathi nomzamo owengeziwe kunokukhulisa isitshalo esithelayo. (Duteronomi 11:18-21) Ingane encane etshalwe ensimini yokuphila, uma iniselwa futhi inakekelwa ngothando futhi inikezwa imingcele ekahle, ingakhula futhi iqhakaze ngokomoya nakuba isezweni eligcwele izindinganiso zokuziphatha eziwohlokile. Kodwa uma iphathwa kabi noma icindezelwa, ingane iyobuna ngaphakathi futhi cishe iyofa ngokomoya. (Kolose 3:21; qhathanisa noJeremiya 2:21; 12:2.) Ngempela, zonke izingane zidinga ukunakekela okukhethekile!
Ukunakekela Kwansuku Zonke Kusukela Iwusana
4. Hlobo luni lokunakekela izingane eziludingayo ‘kusukela ziseyizinsana’?
4 Abazali kufanele banikeze cishe ukunakekela okuqhubekayo kosanda kuzalwa. Nokho, ingabe ingane idinga ukunakekela okungokomzimba noma okungokwenyama kuphela nsuku zonke? Encekwini kaNkulunkulu uThimothewu, umphostoli uPawulu wabhala: “Kusukela uwusana uye wazi imibhalo engcwele, ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso.” (2 Thimothewu 3:15, NW) Ngakho ukunakekela kobuzali uThimothewu akuthola, ngisho esewusana, nakho kwakungokomoya. Kodwa kuqala nini ukuba usana?
5, 6. (a) Lithini iBhayibheli ngokuphathelene nongakazalwa? (b) Yini ebonisa ukuthi abazali kufanele bakhathalele inhlala-kahle yengane engakazalwa?
5 Igama lesiGreki uPawulu alisebenzisa lapha (breʹphos) liyasetshenziswa nasenganeni engakazalwa. U-Elisabethe, unina kaJohane uMbhapathizi, watshela isihlobo sakhe uMariya: ‘Kuthé izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, [usana, NW] [breʹphos] lwaxhuma esiswini sami ngokujabula.’ (Luka 1:44) Ngakho, ngisho nezingane ezingakazalwa zibizwa ngokuthi izinsana, futhi iBhayibheli libonisa ukuthi zingasabela esenzakalweni esingaphandle kwesibeletho. Kufanele yini ukuba ukunakekela kwangaphambi kokuzala, ngokuvamile okukhuthazwayo namuhla, kuhlanganise ukunaka inhlalakahle engokomoya yosana olungakazalwa?
6 Lokhu kungokuthile okumelwe kucatshangelwe, njengoba ubufakazi bubonisa ukuthi izingane ezingakazalwa zingazuza noma ziphazamiseke ngenxa yalokho ezikuzwayo. Umqondisi othile womculo wathola ukuthi izingoma ezihlukahlukene ayeziprakthiza zazizwakala zijwayeleke ngokumangalisayo, ikakhulukazi ingxenye ye-cello. Lapho etshela unina, umdlali ophambili we-cello, amagama ezingoma ababezidlala, unina wathi lezi yizo kanye izingoma ayeziprakthiza lapho ayemkhulelwe. Ngokufanayo, izingane ezingakazalwa zingase ziphazamiseke lapho onina bejwayele ukubukela imidlalo ye-TV ewuchungechunge yaseshashalazini. Ngakho, iphephabhuku lezokwelapha lakhuluma ‘ngokuluthwa kombungu yimidlalo ewuchungechunge yaseshashalazini.’
7. (a) Abazali abaningi baye bayinakekela kanjani inhlala-kahle yengane yabo engakazalwa? (b) Yimaphi amakhono ingane enawo?
7 Beqaphela inzuzo yesisusa esiqondile ezinsaneni, abazali abaningi baqala ukufunda, ukukhuluma, nokuculela ingane yabo ngisho nangaphambi kokuba izalwe. Nani ningenza okufanayo. Nakuba usana lwenu lungase lungawaqondi amagama, cishe luyozuza ezwini lenu elipholile nasemsindweni walo onothando. Ngemva kokuzalwa, ingane iyoqala ukuqonda amazwi enu, mhlawumbe ngokushesha kakhulu kunokuba nicabanga. Eminyakeni emibili noma emithathu kuphela, ingane ifunda ulimi oluyinkimbinkimbi ngokumane nje ivulekele kulo. Umntwana angaqala futhi ukufunda “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso leBhayibheli.—Zefaniya 3:9, NW.
8 .(a) Ngokobufakazi obutholakalayo lisho ukuthini iBhayibheli lapho lithi uThimothewu wazi imibhalo engcwele ‘kusukela ewusana’? (b) Yini eyaba iqiniso ngokuphathelene noThimothewu?
8 Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi uThimothewu ‘wayazé imibhalo engcwele kusukela ewusana’? Ngokobufakazi obutholakalayo wayesho ukuthi uThimothewu wayethole ukuqeqeshwa okungokomoya kusukela ebuntwaneni, hhayi nje kusukela eyingane. Lokhu kuvumelana nencazelo yegama lesiGreki elithi breʹphos, ngokuvamile elibhekisela kosanda kuzalwa. (Luka 2:12, 16; IzEnzo 7:19) UThimothewu wathola isiyalo esingokomoya kunina u-Evnike nakugogo wakhe uLowisi emuva kakhulu ngokwalokho akukhumbulayo. (2 Thimothewu 1:5) Isisho esithi ‘Umuthi ugotshwa usemanzi,’ ngokuqinisekile sasebenza kuThimothewu. ‘Wayekhuliswe ngendlela eyakuba-ngeyakhe,’ futhi ngenxa yalokho, waba isikhonzi esihle sikaNkulunkulu.—IzAga 22:6; Filipi 2:19-22.
Ukunakekela Okukhethekile Okudingekayo
9. (a) Yini abazali okufanele bagweme ukuyenza, futhi ngani? (b) Njengoba ingane ikhula, yini abazali okudingeka bayenze, futhi isiphi isibonelo okufanele basilandele?
9 Izingane nazo zifana nezitshalo ngokuthi akuzona zonke ezinezici ezifanayo, futhi akuzona zonke ezisabelayo ezindleleni ezifanayo zokunakekela. Abazali abahlakaniphile bayokuhlonipha ukungafani futhi bayokugwema ukuqhathanisa izingane. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:4.) Ukuze izingane zenu zikhulele ekubeni abantu abadala abakahle, kudingeka niqaphele izici zazo zobuntu ezizihlukanisayo, nihlakulele ezinhle futhi nisuse ezimbi. Kuthiwani uma nibona ubuthakathaka noma ukuthambekela okungafanele, mhlawumbe kokungathembeki, ukuthanda izinto ezibonakalayo, noma ubugovu? Kulungiseni ngomusa, njengoba nje uJesu alungisa ubuthakathaka babaphostoli bakhe. (Marku 9:33-37) Ngokukhethekile, tusani ingane ngayinye njalo ngokuzikhandla nangezici zayo ezinhle.
10. Yini izingane eziyidinga ngokukhethekile, futhi inganikezwa kanjani?
10 Lokho izingane ezikudinga ngokukhethekile ukunakekela kothando komuntu siqu. UJesu wazinika isikhathi sokunikeza izingane ukunakekela okunjalo okukhethekile, ngisho naphakathi kwezinsuku ezimatasa zokugcina zenkonzo yakhe. (Marku 10:13-16, 32) Bazali, landelani lesosibonelo! Yenzani isikhathi sokuba nezingane zenu ngokungenabugovu. Futhi ningabi namahloni okuzibonisa uthando lwangempela. Zigaxeni, njengoba uJesu enza. Zigoneni futhi nizange ngothando olufudumele. Lapho abazali bezingane ezikahle esezikhulile bebuzwa ukuthi isiphi iseluleko abangasinikeza abanye abazali, phakathi kwezimpendulo ezaziphindaphindwa kakhulu kwakunalezi: ‘Zithandeni kakhulu,’ ‘chithani isikhathi nindawonye,’ ‘hlakulelani ukuhloniphana,’ ‘zilaleleni ngempela,’ ‘nikezani isiqondiso kunenkulumo,’ futhi ‘yibani abangokoqobo.’
11. (a) Abazali kufanele bakubheke kanjani ukunikeza izingane zabo ukunakekela okukhethekile? (b) Kunini lapho abazali bengase bakwazi khona ukujabulela ukukhulumisana okuzuzisayo nezingane zabo?
11 Ukunikeza ukunakekela okunjalo okukhethekile kungaba injabulo. Omunye umzali ophumelelayo wabhala: “Lapho abafana bethu ababili besebancane, inqubo yokubenza balungele ukulala, ukubafundela, ukubembathisa, nokuthandaza nabo yayijabulisa.” Izikhathi ezinjalo nindawonye zivula ithuba lokukhulumisana okungaba okukhuthazayo kubo bobabili umzali nengane. (Qhathanisa neyabaseRoma 1:11, 12.) Omunye umbhangqwana walalela lapho ingane yawo eneminyaka emithathu icela uNkulunkulu ukuba abusise i“Wally.” Njalo kusihlwa yayithandazela i“Wally,” futhi abazali bakhuthazeka kakhulu lapho beqaphela ukuthi yayisho abazalwane baseMalawi, ababebhekene noshushiso ngalesosikhathi. Omunye wesifazane wathi: ‘Lapho ngineminyaka emine kuphela, umama wangisiza ukuba ngisho imibhalo ngekhanda futhi ngihlabelele izingoma zoMbuso lapho ngimi esitulweni ngisula izitsha njengoba yena ayezigeza.’ Ningacabanga yini ngezikhathi lapho ningajabulela khona ukukhulumisana okuyinzuzo nezingane zenu?
12. Yini abazali abangamaKristu abayoyilungiselela izingane zabo ngokuhlakanipha, futhi iziphi izindlela ezingase zisetshenziswe?
12 Abazali abangamaKristu abahlakaniphile bahlela isimiso sokutadisha sasikhathi sonke. Nakuba ningase nisebenzise indlela evamile yemibuzo nezimpendulo, ningakwenza yini ukukhulumisana kujabulise ngokwenza izimiso zokutadisha zivumelane nezimo, ikakhulukazi ngenxa yezingane ezincane? Ningase nihlanganise ukudweba imifanekiso yezigcawu zeBhayibheli, ukuxoxa ngezindaba zeBhayibheli, noma ukulalela ukulandisa eniye nacela ingane ukuba ikulungiselele. Yenzani iZwi likaNkulunkulu lijabulise ngangokunokwenzeka ezinganeni zenu ukuze zililangazelele. (1 Petru 2:2, 3) Omunye ubaba wathi: ‘Lapho izingane zisencane, sasikhasa nazo phansi futhi silingise izenzakalo ezingokomlando ezihilela abalingiswa abadumile beBhayibheli. Izingane zazikuthanda kakhulu lokho.’
13. Iyini inzuzo yezikhathi zokuprakthiza, futhi yini eningase niyilungiselele phakathi nalezizikhathi?
13 Izikhathi zokuprakthiza nazo ziphumela ekukhulumisaneni okuzuzisayo ngoba zisiza abasha ukuba balungiselele izimo ezingokoqobo. Enye yezingane zakwaKusserow—ezingu-11 sezizonke ezahlala zithembekile kuNkulunkulu phakathi noshushiso lwamaNazi—yathi ngabazali bayo: “Basibonisa indlela yokwenza nokuzivikela ngeBhayibheli. [1 Petru 3:15] Ngokuvamile sasiba nezikhathi zokuprakthiza, sibuza imibuzo futhi sinikeze izimpendulo.” Kungani ningenzi okufanayo? Ningaprakthiza izintshumayelo zenkonzo, umzali eba umninikhaya. Noma isikhathi sokuprakthiza singase sihlanganise izilingo ezingokoqobo. (IzAga 1:10-15) Omunye umuntu wachaza: “Ukulungiselela izikhathi ezinzima kungase kwakhe amakhono nethemba enganeni. Ukuprakthiza kungahlanganisa ukudlala indima yomngane enikeza ingane ugwayi, uphuzo noma isidakamizwa.” Lezikhathi zinganisiza ukuba nibone ukuthi ingane yenu iyosabela kanjani ezimweni ezinjalo.
14. Kungani ukuba nezingxoxo ezinothando nesihawu nezingane zenu kubaluleke kangaka?
14 Phakathi nokukhulumisana nengane yenu, yinxuseni ngendlela efanayo enesihawu njengoba kwenza umlobi walamazwi: “Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.” (IzAga 3:1, 2) Ngeke yini kuthinte inhliziyo yengane yenu uma ngothando niyichazela ukuthi nifuna ukuba ilalele ngoba lokhu kuyophumela ekubeni kwayo nokuthula nobude bezinsuku—eqinisweni, ukuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu elinokuthula? Cabangelani ubuntu bengane yenu njengoba nibonisana nayo ngeZwi likaNkulunkulu. Lokhu kwenzeni ngomthandazo, futhi uJehova uyoyibusisa imizamo yenu. Cishe izingxoxo ezinjalo ezinothando nesihawu ezisekelwe eBhayibhelini ziyoba nemiphumela emihle futhi zilethe izibusiso ezihlala njalo.—IzAga 22:6.
15. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ekuxazululeni izinkinga?
15 Ngisho noma ukukhulumisana okunjalo kungenzeki phakathi nesikhathi senu sokutadisha esihleliwe, ningakuvumeli ukuphazanyiswa ezinye izindaba. Ningalalelisisi nje kuphela lokho ingane ekushoyo kodwa futhi nendlela ewuveza ngayo umqondo. Omunye uchwepheshe wathi: “Yibukeni ingane yenu. Yinikeni konke ukunaka kwenu. Kudingeka niqonde, hhayi ukuzwa nje kuphela. Abazali abenza lowomzamo othé xaxa bangenza umehluko omkhulu ekuphileni kwezingane zabo.” Ngokuvamile izingane namuhla zibhekana nezinkinga ezingathi sína esikoleni nakwezinye izindawo. Njengomzali, yenza ukuba ingane ikhulume ngokukhululeka, futhi uyisize ukuba ibheke izinto ngombono kaNkulunkulu. Uma ungaqiniseki ukuthi inkinga ingaxazululwa kanjani, yenza ukucwaninga emiBhalweni nasezincwadini ezilungiselelwe ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Ngazo zonke izindlela, nikeza ingane yakho ukunakekela okukhethekile okudingekayo ukuze kuxazululwe leyonkinga.
Yazisani Isikhathi Senu Nindawonye
16, 17. (a) Kungani intsha ikakhulukazi idinga ukunakekela okukhethekile nesiyalo namuhla? (b) Yini okudingeka ukuba izingane ziyazi lapho zelulekwa abazali bazo?
16 Intsha idinga ukunakekela okukhethekile okukhudlwana namuhla kunanini ngaphambili ngoba siphila “ezinsukwini zokugcina,” futhi lezi “izikhathi ezinzima.” (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:3-14) Abazali nezingane ngokufanayo badinga isivikelo esinikezwa ukuhlakanipha kweqiniso ‘okulondoloza ukuphila kwalowo onakho.’ (UmShumayeli 7:12) Njengoba ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu kuhilela ukusetshenziswa okufanele kolwazi olusekelwe eBhayibhelini, izingane zidinga ukufundiswa njalo ngeZwi likaNkulunkulu. Ngakho-ke, tadishani imiBhalo nezingane zenu. Zitsheleni ngoJehova, zichazeleni izimfuneko zakhe ngokucophelela, futhi zenzeni zilindele ngenjabulo ukugcwaliseka kwezithembiso zakhe ezinhle. Khulumani ngezinto ezinjalo ekhaya, lapho nihamba nezingane zenu—empeleni, ngazo zonke izikhathi ezifanelekile.—Duteronomi 6:4-7.
17 Abalimi bayazi ukuthi akuzona zonke izitshalo ezichumayo ngaphansi kwezimo ezifanayo. Izitshalo zidinga ukunakekela okukhethekile. Ngokufanayo, zonke izingane zihlukile futhi zidinga ukunakekela, isiyalo, neseluleko esikhethekile. Ngokwesibonelo, ukubuka komzali ngeso lokusola kungase kube okwanele ukuvimbela inkambo engalungile yomunye osemusha, kuyilapho kungase kudingeke iseluleko esiqinile kwenye ingane. Kodwa kudingeka ukuba zonke izingane zenu zazi ukuthi kungani ningajatshuliswa amazwi noma izenzo ezithile, futhi bobabili abazali kufanele babambisane ukuze iseluleko singaguquguquki. (Efesu 6:4) Kubaluleke kakhulu ukuba abazali abangamaKristu banikeze isiqondiso esicacile esivumelana nemiBhalo.
18, 19. Imuphi umthwalo wemfanelo abazali abangamaKristu abanawo ngezingane zabo, futhi cishe yini eyoba umphumela uma lowomsebenzi wenziwe kahle?
18 Umlimi kumelwe enze umsebenzi wokutshala nokuhlakula ngesikhathi esifanele. Uma ephuza noma engasinaki isitshalo sakhe, uyovuna okuncane noma angatholi lutho. Phela, izingane zenu ‘ziyizitshalo’ ezikhulayo ezidinga ukunakekela okukhethekile njengamanje, hhayi ngenyanga ezayo noma ngonyaka ozayo. Ningawayeki amathuba ayigugu okuthuthukisa ukukhula kwazo ngokomoya ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu nokususa imicabango yezwe engase izibangele ukuba zibune futhi zife ngokomoya. Yazisani amahora nezinsuku eninelungelo lokukusebenzisa ninezingane zenu, ngoba lezikhathi zidlula ngokushesha. Sebenzani kanzima ukuze nihlakulele kubantwana benu izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu ezidingekile ukuze zithole ukuphila okujabulisayo njengezikhonzi zikaJehova ezithembekile. (Galathiya 5:22, 23; Kolose 3:12-14) Lona akuwona umsebenzi womunye umuntu; umsebenzi wenu, futhi uNkulunkulu anganisiza ukuba niwenze.
19 Nikani izingane zenu ifa elicebile elingokomoya. Tadishani nazo iZwi likaNkulunkulu, futhi nijabulele ukuzilibazisa okwakhayo nindawonye. Hambani nezingane zenu lapho niya emihlanganweni yobuKristu, futhi nihambisane nazo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Yakhani ezinganeni zenu ezithandekayo uhlobo lobuntu obuvunyelwa uJehova, futhi cishe ziyonilethela injabulo enkulu ekuphileni kwakamuva. Ngempela, “uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba, nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye. Mabathokoze uyihlo nonyoko, ethabe owakubelethayo.”—IzAga 23:24, 25.
Umvuzo Ocebile
20. Siyini isihluthulelo sokuba umzali ophumelelayo wentsha eyeve eshumini nambili?
20 Ukukhulisa izingane kuyisabelo esiyinkimbinkimbi, esithatha isikhathi eside. Ukukhulisa ‘lezithombo zomnqumo ezizungeze itafula lakho’ ukuba zibe abantu abadala abesaba uNkulunkulu abathela izithelo zoMbuso kuye kwabizwa ngokuthi umsebenzi weminyaka engu-20. (IHubo 128:3; Johane 15:8) Lomsebenzi ngokuvamile uba nzima lapho izingane zifinyelela iminyaka eyeve eshumini nambili, lapho ukucindezela ezikutholayo ngokuvamile kukhula futhi abazali bekuthola kudingekile ukuba baqinise imizamo yabo. Kodwa isihluthulelo sokuphumelela asiguquki—ukuba onakayo, ofudumele, noqondayo. Khumbulani ukuthi izingane zenu zikudinga ngempela ukunakekela komuntu siqu. Ningazinikeza ukunakekela okunjalo ngokubonisa ukukhathalela kothando kwangempela ngenhlala-kahle yazo. Ukuze nizisize, kumelwe nizinikele ngokulungiselela isikhathi, uthando, nokukhathalela ezikudinga ngempela.
21. Ungaba yini umvuzo wokunikeza izingane ukunakekela okukhethekile?
21 Umvuzo wemizamo yenu yokunakekela lezithelo eziyigugu uJehova aniphathise zona unganelisa kakhulu ukudlula noma yisiphi isivuno esikhulu somlimi. (IHubo 127:3-5) Ngakho-ke bazali, qhubekani ninikeza izingane zenu ukunakekela okukhethekile. Yenzani kanjalo ngenxa yenzuzo yazo futhi kube udumo kuBaba wethu osezulwini, uJehova.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungaqhathaniswa kanjani ukukhulisa izitshalo nokukhulisa izingane?
◻ Hlobo luni lokunakekela ingane okufanele iluthole usuku nosuku kusukela iwusana?
◻ Yikuphi ukunakekela okukhethekile izingane ezikudingayo, futhi kunganikezwa kanjani?
◻ Kungani kudingeka ninikeze izingane zenu ukunakekela okukhethekile?