Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 5/15 kk. 4-6
  • IBhayibheli—Incwadi Okufanele Ifundwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Incwadi Okufanele Ifundwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Akumangalisi Ukuthi Liye Lasinda!
  • Umkhuba Wokufunda IBhayibheli
  • Lifunde Njalo
  • IBhayibheli—Incwadi Yokufundwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Indlela Yokufunda Nokukhumbula
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 5/15 kk. 4-6

IBhayibheli—Incwadi Okufanele Ifundwe

KULULA ukuba umuntu aphelelwe amagama okubabaza lapho ekhuluma ngeBhayibheli. Liyincwadi esisakazwe ngaphezu kwazo zonke kuwo wonke umlando. IBhayibheli liyincwadi endala kunazo zonke, ehunyushwe kakhulu, ecashunwa kakhulu, enethonya elikhulu, futhi ehlonishwa kakhulu kunazo zonke. Cishe futhi liyincwadi ephikiswa kakhulu kunazo zonke. Futhi ngokuqinisekile liyincwadi esinde ekuvinjelweni okuningi, ukushiswa, nokuphikiswa kobudlova. Nokho, kuyadabukisa ukuthi kunento eyodwa iBhayibheli elingasenakubatshazwa ngayo. Ngeshwa aliseyona incwadi efundwa kakhulu emhlabeni.

Nakuba abantu bengase babe nalo iBhayibheli endaweni ethile endlini, abaningi banomuzwa wokuthi bamatasa kakhulu ukuba bachithe isikhathi belifunda ngokoqobo. Ukufunda kwake kwaba yinto ethandwayo yokuzilibazisa. Nokho, abaningi manje bakhetha ukuchitha isikhathi sabo sokuphumula bebuka ithelevishini noma benza okuthile. Labo abasafunda ngokuvamile bakhetha okuthile okufuna umzamo omncane nokulula. Ukufunda iBhayibheli kudinga ukugxiliswa kwengqondo, futhi abantu abaningi abasayigxilisi ngokujulile ingqondo kulokho abakufundayo.

Nokho, iBhayibheli alizange lisinde ukuze nje ligcinwe lihleli emashalofini ethu ezincwadi. Kunezizathu ezinhle zokuba lifundwe. Cabangela amanye amaqiniso ngalo.

Akumangalisi Ukuthi Liye Lasinda!

Igama elithi “iBhayibheli” livela egameni lesiGreki elithi bi·bliʹa, elisho “izincwadi ezincane.” Lokhu kusikhumbuza ukuthi iBhayibheli lakhiwa yizincwadi eziningi—ezinye ezingezincane kangako! Zabhalwa phakathi nesikhathi esingaphezu kweminyaka engamakhulu ayishumi nesithupha. Nakuba abalobi babengabantu, baphefumlelwa uMthombo ophakeme. Omunye umlobi weBhayibheli wathi: “Akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.” (2 Petru 1:21) Lokho okuyiqiniso ngesiprofetho esingokomBhalo kuyiqiniso futhi nangalo lonke iBhayibheli. ‘Lezizincwadi ezincane’ eziphefumlelwe ngokwaphezulu zigcwele imiqondo ephakeme kaJehova uNkulunkulu. (Isaya 55:9) Akumangalisi ukuthi iBhayibheli liye lasinda isikhathi eside kangaka!

Ezincekwini zikaNkulunkulu, iBhayibheli belilokhu liyincwadi ebaluleke kakhulu. Zivumelana namazwi omphostoli uPawulu, naye ngokwakhe owayengomunye wabalobi beBhayibheli. Wathi: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa.” (2 Thimothewu 3:16) Ngokufanelekile-ke, iBhayibheli liyisisekelo sokholo loFakazi BakaJehova namuhla. Linquma izimfundiso zabo futhi libuse ukuziphatha kwabo. Ngenhliziyo yonke batusa ukuba wonke umuntu afunde ingxenye ethile yeZwi likaNkulunkulu usuku ngalunye futhi azindle ngokwazisa ngalokho elikuqukethe.—IHubo 1:1-3.

Umkhuba Wokufunda IBhayibheli

Umkhuba wokufunda imiBhalo ubulokhu uzuzisa kusukela esikhathini esidlule. Amakhosi akwa-Israyeli ayalwa ukuba azenzele amakhophi awo siqu oMthetho abhalwe ngesandla—lawo manje ayingxenye ebalulekile yeBhayibheli—futhi awafunde nsuku zonke njengesikhumbuzo sasikhathi sonke sentando kaNkulunkulu ngawo. (Duteronomi 17:18-20) Ukwehluleka ukwenza lokhu kwabangela ukuwa kwamakhosi amaningi.

Ukubaluleka kokutadisha imiBhalo kuboniswe endabeni yomprofethi osegugile uDaniyeli. Ngenxa yesifundo somuntu siqu sezingxenye ezithile zeBhayibheli ezazitholakala osukwini lwakhe, uDaniyeli, nakuba ayethunjelwe eBabiloni, wakwazi ‘ukuqonda ngezincwadi’ ukuthi isiprofetho esibalulekile esasilotshwe uJeremiya sase sizogcwaliseka.—Daniyeli 9:2.

Ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu, uSimeyoni indoda ‘elungile, eyesaba uNkulunkulu’ wayelindele ngethemba ukubona lowo owayeyoba uKristu, noma uMesiya. USimeyoni wayethenjiswe ukuthi wayengenakufa engakamboni uKristu. Ukubhekisela kwakhe esiprofethweni sika-Isaya lapho ephethe umntwana uJesu ezandleni zakhe kubonisa ukuthi uSimeyoni wayengumfundi oqaphelisisayo wezincwadi zeBhayibheli ezase zilotshiwe kakade osukwini lwakhe.—Luka 2:25-32; Isaya 42:6.

Lapho uJohane uMbhapathizi eshumayela, “abantu babelindele” uMesiya. Kubonisani lokhu? Kusikisela ukuthi abaningi phakathi kwamaJuda babejwayelene neziprofetho eziphathelene noMesiya ezilotshwe emiBhalweni. (Luka 3:15, NW) Lokhu kuyathakazelisa, ngoba ngalezozinsuku izincwadi zazingatholakali kalula. Amakhophi ezincwadi zeBhayibheli kwakumelwe enziwe ngezandla okwakudinga ukunakekela okukhulu namandla, futhi ngenxa yalokho ayebiza kakhulu futhi kunzima ukuwathola. Abantu bajwayelana kanjani nalokho ayekuqukethe?

Ezimweni eziningi, ngokufunda kwasobala. Ngokwesibonelo, uMose wayala ukuba ngezikhathi ezithile ezibekiwe, wonke uMthetho ovela kuNkulunkulu kwakufanele ufundelwe u-Israyeli obuthelwe ndawonye. (Duteronomi 31:10-13) Ngekhulu lokuqala C.E., ukufundwa kwasobala kwezincwadi zeBhayibheli kwakusakazekile. Umfundi uJakobe waphawula: “UMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni amasabatha ngamasabatha.”—IzEnzo 15:21.

Namuhla, kulula ukuba nekhophi yeBhayibheli yomuntu siqu. ‘Lezizincwadi ezincane’ okungenani sezitholakala ngamaphesenti angu-98 ezilimi zabantu bomhlaba wonke. Ngakho kuyadabukisa ukuthi abaningi abanasithakazelo sokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo kubo. Lena kungase kube inkathi yesayensi, kodwa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ‘lisakulungele ukufundisa.’ Linikeza iseluleko esinengqondo ngokuziphatha, ukuphathana kwabantu, nezinye izindaba eziningi. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli linikeza okuwukuphela kwethemba eliqinisekile lekusasa elinokuthula.

Lifunde Njalo

Ngakho-ke oFakazi BakaJehova bakwenze kwaba ingxenye ebalulekile yomsebenzi wabo ukukhuthaza ukuba lifundwe njalo iBhayibheli. Esakhiweni sefekthri yendlunkulu yabo yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, kunalokhu kunxusa okubhalwe ngamagama agqamile: “FUNDA IZWI LIKANKULUNKULU IBHAYIBHELI ELINGCWELE NSUKU ZONKE.” Izigidi ezidlulayo ziye zawabona lamazwi, futhi kwethenjwa ukuthi eziningi ziye zawalalela.

Emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-73 000 emhlabeni wonke, kuqhutshwa izimiso zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini isonto ngalinye. Ingxenye yalokho kufundisa, ukufundwa kwasobala kwengxenye ethile yeBhayibheli ekhethiwe. Bonke ababa khona nabo banesabelo sokufunda izahluko ezimbalwa zeBhayibheli isonto ngalinye bebodwa emakhaya abo. Labo abahambisana nalesisimiso bagcina sebelifunde lonke iBhayibheli.

Lelilungiselelo livumelana nenye yezincwadi ezisetshenziswa kulesisikole. Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini ithi: ‘Isimiso sakho kufanele sihlanganise nesikhathi sokufunda iBhayibheli ngokwalo. Kunenzuzo enkulu ukulifunda lonke kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni. Nokho, umgomo wakho wokulifunda akufanele nje ube ukuhlanganisa indaba, kodwa kumelwe ube ukuthola umbono ophelele walo unenjongo yokukhumbula. Zinike isikhathi sokuzindla ngalokho elikushoyo.’

Ezinye izincwadi ezikhiqizwa oFakazi BakaJehova ngokufanayo zikhuthaza ukufundwa kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, kumagazini ongumngane walona, i-Phaphama!, kunesikhuthazo esilandelayo esibhekiswe entsheni: “Ingabe usulifundile lonke iBhayibheli? Yebo, iBhayibheli liyincwadi enkulu, kodwa kungani ungahlukanisi ukulifunda kwakho kube izingxenye ezincane? . . . AbaseBereya ‘ababebahle bahlolisisa imiBhalo nsuku zonke.’ (IzEnzo 17:11) Uma ulandela isimiso sansuku zonke sokufunda imizuzu engu-15 kuphela ngosuku . . . , ungaqeda ukufunda iBhayibheli ngonyaka.” Yebo, oFakazi BakaJehova banomuzwa wokuthi amaKristu osuku lwanamuhla kufanele ajwayelane kangcono nemiBhalo, njengoba nje kwakunjalo ngezinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zasendulo.

Benalokhu engqondweni, oFakazi baye bathuthukisa indlela yokufundwa kweBhayibheli kwasobala yekhulu lama-20. Baye benza amakhasethi arekhodiwe okufundwa kweBhayibheli okuhlanganisa lonke iBhayibheli ngezilimi eziningana. Kwabaningi lokhu kuye kwabonakala kuwusizo oluhle lokunqoba izithiyo zokufunda iBhayibheli. Abanye balalela lamakhasethi lapho besebenza endlini, beshayela izimoto zabo, noma benza ezinye izinto eziningi. Ukuhlala phansi futhi ulalele ngokuthula ukufundwa kwengxenye ethile yeBhayibheli kuyilapho ulandela kwelakho siqu kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo.

Uma ungakaqali ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, kungani ungakwenzi umkhuba wakho ukwenza kanjalo? Lokhu akumelwe kuthathe isikhathi eside usuku ngalunye, kodwa izinzuzo ziyoba zinkulu, ngoba ukusebenzisa imiBhalo kuyokwenza ukwazi ukwenza ngokuhlakanipha futhi ujabulele ukuphila okunemivuzo ngokomoya. Futhi uyobe wenza ngokuvumelana nalomyalo owanikezwa umholi wama-Israyeli uJoshuwa kudala: “Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.”—Joshuwa 1:8.

Amakhasi eBhayibheli embula injongo kaJehova yothando ngesintu esilalelayo. Ulwazi oluqondile lweZwi lakhe eliphefumlelwe luphumela enjabulweni yeqiniso nasethembeni lokuphila okuphakade ePharadesi ezweni elisha elimangalisayo elinezibusiso ezingapheli. (Luka 23:43; 2 Petru 3:13) Kwangathi ungabamba ithuba lakho lokufunda nokutadisha iBhayibheli futhi ulwele ukufanelekela lelilungelo lokuphila okumangalisayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela