‘Ikhasi Elilodwa Lingakhanyisa Njengenkanyezi Ebumnyameni’
NAMUHLA, izinguqulo zemiBhalo Engcwele sezicishe zitholakale yonke indawo. Nokho, ukulwelwa kweBhayibheli ngokuvamile kuye kwaba indaba yokuphila nokufa.
Encwadini ethi Fifteenth Century Bibles, uWendell Prime wabhala: “Eminyakeni engamashumi amathathu ngemva kokusungulwa kwendlela yokunyathelisa, Ukuthethwa Kwamacala Ezihlubuki kwakuphumelela kakhulu eSpain. Phakathi kwabangu-342 000 abajeziswa ngakho kulelozwe, abangu-32 000 bashiswa bephila. Ukuba neBhayibheli nokulifunda okwabaholela kulamalangabi okufel’ ukholo. Lendlela yokubulala yayiyimbi ngokufanayo e-Italy, kokubili enyakatho naseningizimu. Besizwa iNkantolo Yokuthethwa Kwamacala Ezihlubuki, ababhishobhi abakhulu babeyimililo eqothulayo yakho kokubili amaBhayibheli nabafundi bawo. UNero wenza ukuba amaKristu athile akhanye njengezinkanyiso ezweni ngokuwashisa ngomlilo, ewathungele emasakeni, ewamboze ngenhlaka, ewasebenzisa njengamakhandlela okukhanyisa izinkundla zakhe zokuphuzela. Kodwa imigwaqo yasemadolobheni aseYurophu yayivutha amakloba emililo yokushisa amaBhayibheli. AmaBhayibheli ayengafani nabafundi bawo abangaba mpofu, bakhunyulwe babe nqunu, bahlushwe, bacwiywe futhi balahlwe. Ngisho nekhasi elilodwa elisele lingakhanyisa njengenkanyezi esigayegayeni salobubumnyama.” (Omalukeke sizenzele.)
Lokho okuchazwa umlobi uPrime empeleni kwenzeka endabeni yekhasi leBhayibheli eliboniswe lapha. Ikhasi lokugcina lencwadi elinegama elichaza umhumushi. Izinhlu ezimbili ezifanayo eziphezulu zingamavesi okuphetha e-Apocalypse, noma incwadi yesAmbulo.
Ngokuphathelene nalencwadi, i-Cambridge History of the Bible ithi: “Inguqulo yeBhayibheli kaBonifacio Ferrer yesiCatalan yanyatheliswa eValencia, ngo-1478; wonke amakhophi ayekhona abhujiswa iNkantolo Yokuthethwa Kwamacala Ezihlubuki ngaphambi kuka-1500, kodwa kunekhasi elilodwa elisekhona emtatsheni wezincwadi woMphakathi waseMelika okhuluma iSipanishi.” (Omalukeke sizenzele.)
UWendell Prime wabuye waphawula: “Okuwukuphela kwendlela eyamukelekayo yokuphatha amaBhayibheli kubefundisi abethukile kwakuwukuwashisa. Lemililo engcwele iye yavama futhi yaba ephawulekayo kodwa kwakuyoba nemililo eminingi uma babethole amaBhayibheli amaningi okuwashisa. Ezindaweni eziningi ayengekho amakloba emililo yokushisa amaBhayibheli ngenxa nje yokuthi iziphathimandla zaziqaphele kakhulu ukuba angabikho amaBhayibheli ashiswayo.” Naphezu kwemizamo emikhulu kangako yokubhubhisa amaBhayibheli ayenzelwe abantu abavamile, amakhophi amaningi asinda ekubhujisweni. UPrime wenezela: “AmaBhayibheli ayelondolozwa ngokuthi athathwe abathunjwa bahambe nawo, noma ngokuthi ngezikhathi zokucindezeleka nengozi afihlwe njengamatshe nezinsimbi okuyigugu.”
Umprofethi kaNkulunkulu u-Isaya wabhala: “Inyama yonke ingutshani . . . Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, kepha izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube-phakade.” (Isaya 40:6, 8) Phakathi namakhulu eminyaka, abathandi beBhayibheli abaningi nabahumushi abaningi abanesibindi bafaka ukuphila kwabo engozini ngezinga elikhulu futhi bahlupheka kakhulu ngenxa yeZwi likaNkulunkulu. Nakuba kunjalo, imizamo yabantu iyodwa yayingenakukuqinisekisa ukulondolozwa kwalo. Sibonga uMlobi weBhayibheli, uJehova, ngalokhu kulondolozwa kwalo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]
Courtesy of The Hispanic Society of America, New York