Ingabe Uyalazisa IBhayibheli?
EMINYAKENI engaphezu nje kuka-200 edlule, uMary Jones wazalwa eLlanfihangel, umuzi waseWales osemaphandleni ongekude nogu lwase-Atlantic. Abazali bakhe babengabeluki abampofu—bempofu kakhulu ukuba bangaba neBhayibheli. Kodwa bagxilisa endodakazini yabo uthando ngoNkulunkulu ngokuyixoxela izindaba zeBhayibheli nokuphindaphinda imibhalo ababeyikhumbula. Ngokuvamile uMary wayefunda iBhayibheli likamakhelwane ngolimi lwesiWelsh futhi waqala ukulondoloza imadlana ayengakwazi ukuyilondoloza, ezimisele ukuthenga elakhe siqu.
Ngonyaka ka-1800, lapho uMary eneminyaka engu-16, wezwa ukuthi kwakuthengiswa amaBhayibheli ambalwa ngolimi lwesiWelsh edolobheni elincane laseBala eliqhele ngamakhilomitha angu-40. Ngesibindi, wanquma ngokuqinile ukuya lapho ngezinyawo. Wakwenza, ehamba engafake zicathulo enqamula amagquma. Nokho, ngesikhathi afika ngaso wonke amakhophi ayesethengisiwe. UMary wathola nokuthi ingqikithi yemali ayeyilondolozile yayincane kakhulu.
Umfundisi wendawo washukunyiswa ngokujulile ulwazi lukaMary lweBhayibheli nothando lwakhe ngalo. Ebona izinyembezi zakhe zokudumala ngemva kwayo yonke lemizamo ayeyenzile, ngomusa wamnika ikhophi yakhe siqu, ethi: “Ulifunde ngokunakekela, ulitadishe ngenkuthalo, ugcine amazwi angcwele engqondweni yakho, futhi uphile ngokuvumelana nezimfundiso zalo.”
Kamuva lendaba yalandiswa emhlanganweni we-Committee of the Religious Tract Society yaseLondon. Lapho kwenziwa isinqumo sokuba kunganikezwa abantu baseWales kuphela izinguqulo zeBhayibheli kodwa nabantu abasemhlabeni wonke. Kusukela kulesisiqalo esincane kwaba nenhlangano yeBhayibheli yokuqala kweziningi zekhulu le-19 leminyaka. Ngemva kwalokho, amakhophi eBhayibheli ezinye izilimi aqala ukuvela ngokushesha okwandayo.
Namuhla, i-Watch Tower Bible and Tract Society, eyamiswa ngokomthetho ngo-1884, inyathelisa amaBhayibheli nezinsiza-kufundisa zeBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-200. Emhlabeni wonke, isisakaze amakhophi e-New World Translation of the Holy Scriptures ayizigidi ezingu-72 ngolimi lwanamuhla. Njengoba ihunyushwa isuselwa olimini lokuqala lwesiHeberu nesiGreki, manje i-New World Translation isitholakala iyonke noma ingxenye ngezilimi ezingu-18 futhi manje ihunyushelwa kwezinye izilimi ezingu-12.
Njengoba manje iBhayibheli selitholakala cishe kubo bonke, ulibheka kanjani? Ingabe uyalazisa iBhayibheli? Ingabe unayo ikhophi oyazisayo futhi oyifundayo?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
From the book The Story of Mary Jones and Her Bible