Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 2/15 kk. 22-25
  • Deda Lapho Ingozi Isongela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Deda Lapho Ingozi Isongela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Owayephila Ukuphila Okuyingozi
  • Ukuzigcina Ukude Nengozi
  • Ukugqashula Nokuzigcina Ungekho Engozini
  • UmkaLoti Wabheka Emuva
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Khumbula UmkaLoti
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Lungiselela Ukukhululelwa Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Siza Abanye Babhekane Nokucindezeleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 2/15 kk. 22-25

Deda Lapho Ingozi Isongela

BAMBALWA abantu abaqaphela ingozi kunamatilosi. Kumelwe ahlale eqaphe isimo sezulu, amagagasi, nokusondela komkhumbi wawo ogwini. Lapho amagagasi nezivunguvungu kuhlangana ukuze kududulele umkhumbi ngasogwini, amatilosi abhekana nomsebenzi onzima nengozi.

Ngaphansi kwalezizimo—ezaziwa ngokuthi i-lee shore—itilosi ligcina indawo ebanzi ngokwanele olwandle phakathi komkhumbi walo nogu, ikakhulukazi uma umkhumbi uhanjiswa oseyili kuphela. Incwadi ekhuluma ngokushayela imikhumbi ichaza ukuthi ‘ukutholwa isivunguvungu kuyi-lee shore mhlawumbe kuyisimo esibi kakhulu’ itilosi elingazithola likuso. Yiliphi ikhambi elituswayo? ‘Ungalokothi uvumele umkhumbi wakho utholakale esimweni esinjalo esinzima.’ Indlela ephephile yokugwema ukushona esihlabathini noma ogwini olunamadwala ukudeda engozini.

AmaKristu kumelwe aziqaphele izingozi ezingaphula umkhumbi wawo wokukholwa. (1 Thimothewu 1:19) Kulezizinsuku, izimo zikwenza kube nzima ukuzinza. Njengoba nje nomkhumbi ungase uphambukiswe izivunguvungu namagagasi, ngakho ukuphila kwethu okunikezelwe kungaphambuka ngenxa yokulwa kwasikhathi sonke kwenyama yethu engaphelele nokuhlasela okuphikelelayo komoya wezwe—manje okunamandla njengesiphepho.

Umuntu Owayephila Ukuphila Okuyingozi

Yeka ukuthi kulula kanjani ukuzifaka engozini yokungena emanzini angokomoya ayingozi ungaqaphele!

Cabanga ngesibonelo esenzeka eduze namanzi azungezwe yingxenye enkulu yezwe, uLwandle Olufile. Sikhuluma ngesibonelo sikaLoti. Isinqumo sakhe sokuhlala eSodoma samlethela izinkinga nezinkathazo eziningi. Ngemva kwengxabano eyayiphakathi kwabelusi babo bezinkomo, u-Abrahama noLoti bavumelana ngokuhlala ezindaweni ezihlukene. Sitshelwa ukuthi uLoti, wakhetha iThafa laseJordani futhi wahloma itende lakhe phakathi kwemizi yaleliThafa. Kamuva, wanquma ukuhlala eSodoma, ngisho nakuba indlela yokuphila yabantu baseSodoma yayimkhathaza.—Genesise 13:5-13; 2 Petru 2:8.

Kungani uLoti aqhubeka ehlala emzini owawaziwa ngokuziphatha okubi owawumthukuthelisa ngempela uJehova futhi ukhalisa ngisho nabantu abakhelene nawo? ISodoma lalichuma, futhi akungabazeki ukuthi umkaLoti wayezijabulela izinzuzo zezinto ezibonakalayo zokuphila kulelidolobha. (Hezekeli 16:49, 50) Mhlawumbe ngisho noLoti wakhangwa umnotho waseSodoma owawuchuma ngokushesha. Kungakhathaliseki ukuthi sasiyini isizathu sokuhlala kwakhe lapho, kwakufanele asuke ngokushesha kunesikhathi asuka ngaso. Ekugcineni umkhaya kaLoti washiya lendawo eyingozi lapho izingelosi zikaJehova ziphikelela ngamandla.

Ukulandisa kukaGenesise kuthi: “Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.” Ngisho nangemva kwesixwayiso esiphuthumayo, uLoti ‘walibala.’ Ekugcineni izingelosi ‘zabamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili, zamphumisa, zambeka ngaphandle komuzi.’—Genesise 19:15, 16.

Lapho besemaphethelweni alomuzi, lezingelosi zanika umkhaya kaLoti iziyalezo zokugcina: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi-ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.” (Genesise 19:17) Ngisho nangalesosikhathi, uLoti wacela imvume yokuya emzini oseduze waseSowari kunokuba asishiye ngokuphelele lesisifunda. (Genesise 19:18-22) Ngokusobala, uLoti wayemanqikanqika ukudeda kangangokunokwenzeka engozini.

Endleleni eya eSowari, umkaLoti wabheka emuva eSodoma, ngokusobala elangazelela izinto ayezishiye ngemuva. Ngenxa yokunganaki iziyalezo zezingelosi, walahlekelwa ukuphila kwakhe. ULoti—indoda elungile—wasinda kanye namadodakazi akhe amabili lapho kubhujiswa umuzi. Kodwa yeka inani alikhokha ngenxa yokukhetha ukungadedi engozini!—Genesise 19:18-26; 2 Petru 2:7.

Ukuzigcina Ukude Nengozi

Okuhlangenwe nakho okubuhlungu kukaLoti kubonisa lokho okungenzeka uma sisondela noma sihlala endaweni eyingozi. Njengamatilosi anekhono, ukuhlakanipha kuyosenza singalokothi sizivumele ukuba singene esimweni esiyingozi kanjalo. Yiziphi ezinye izindawo eziyingozi okufanele sizigcine sikude nazo? Amanye amaKristu aye aphambuka ngenxa yokuhileleka kakhulu emisebenzini yebhizinisi, ngokuhileleka ebuhlotsheni nabangane bezwe, noma ukusondelana ngokomzwelo nothile wobulili obuhlukile kuyilapho engakhululekile ukushada naye.

Esimweni ngasinye, inkambo ewukuhlakanipha ukudeda engozini. Ngokwesibonelo, ingabe siziphaphamele izingozi ezingokomoya ezingalethwa yilokho okuthiwa ithuba elihle lebhizinisi eliphumelelayo? Abazalwane abathile baye bazifaka shí emabhizinisini ezentengiselwano ngaleyondlela befaka engozini imikhaya yabo, impilo yabo, nemithwalo yabo yemfanelo engokwasezulwini. Ngezinye izikhathi bayengwa indlela yokuphila okunethezekile engalethwa imali. Ngezinye izikhathi kuba yinselele yokufuna ukubona ukuthi amabhizinisi abo awubuciko obunamandla kangakanani. Abanye bangase bathi isisusa sabo siwukunikeza abanye abazalwane amathuba emisebenzi noma ukukwazi ukunikela ngokwengeziwe emsebenzini womhlaba wonke. Mhlawumbe bacabanga ukuthi lapho ibhizinisi lihamba kahle, bayoba nesikhathi esengeziwe sokunakekela izithakazelo zoMbuso.

Yiziphi ezinye zalezingibe? Isimo somnotho esingaqinisekile kanye ‘nesikhathi nethuba’ kungabhuntshisa ibhizinisi elihlelwe kahle. (UmShumayeli 9:11) Ukulwa nesikweleti esikhulu kungabanga usizi futhi kungase kuminyanise izinto ezingokomoya. Futhi ngisho nalapho ibhizinisi lichuma, cishe liyodla isikhathi esiningi namandla engqondo, futhi lingase lidinge ukuba ube nobudlelwane obukhulu nezwe.

Umdala ongumKristu eSpain wayesebunzimeni obukhulu ngokwezimali lapho inkampane yomshwalense imnikeza isithembiso esivivinyayo. Nakuba kwakunamathuba okuzuza imali eningi njengesisebenzi somshwalense esingaphethwe muntu, ekugcineni wawenqaba lowomsebenzi. “Kwakungesona isinqumo esilula, kodwa ngiyajabula ngokuthi ngenqaba,” echaza. “Phakathi kokunye, ngangikuthola kunzima ukwenza imali—ngisho nangezindlela ezingaqondile—ngokuxhumana kwami nabantu emsebenzini ongokwasezulwini. Futhi nakuba ngangiwuthanda umqondo wokuba oziphethe, kwakuyomelwe ngihambe kakhulu futhi ngichithe amahora amaningi ngisemsebenzini. Ngokungenakugwenywa kwakuyosho ukungawunaki umkhaya wami nebandla. Ngaphezu kwakho konke, ngiyaqiniseka ukuthi ukuba ngangiwamukele lowomsebenzi, ngangiyohluleka ukulawula ukuphila kwami.”

Akekho umKristu ongafuna ukuhluleka ukulawula ukuphila kwakhe. UJesu wabonisa imiphumela ebuhlungu yenkambo enjalo ngokulandisa ngomfanekiso womuntu owaqongelela ingcebo eningi kakhulu ukuze athathe umhlala-phansi bese ephila ngokunethezeka. Kodwa ngabo kanye ubusuku anquma ngabo ukuthi ekugcineni wayeseqongelele imali eyanele, wafa. “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu,” kuxwayisa uJesu.—Luka 12:16-21; qhathanisa noJakobe 4:13-17.

Kumelwe futhi siqaphele singabi nobudlelwane obukhulu nabantu bezwe. Mhlawumbe umakhelwane, umngane wasesikoleni, osebenza naye, noma osebenzelana naye ebhizinisini. Singase sithi, ‘Uyabahlonipha oFakazi, uphila ukuphila okuhlanzekile, futhi ngezinye izikhathi siyakhuluma ngeqiniso.’ Nokho, okuhlangenwe nakho kwabanye kuveza ukuthi ngokuhamba kwesikhathi singase sizithole sikhetha ngisho ubungane obunjalo bezwe kunobomzalwane noma udade ongokomoya. Yiziphi ezinye zezingozi zobungane obunjalo?

Singase siqale ukunciphisa ukuphuthuma kwezikhathi esiphila kuzo noma sibe nesithakazelo esikhulayo ezintweni ezibonakalayo kunezingokomoya. Mhlawumbe, ngenxa yokwesaba ukudumaza umngane wethu wezwe, singase sifise ngisho nokwamukelwa yizwe. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 4:3-7.) Ngakolunye uhlangothi, umhubi uDavide wakhetha ukuhlangana nabantu ababethanda uJehova. Wabhala: “Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla.” (IHubo 22:22) Siyolondolozwa uma silingisa isibonelo sikaDavide, sifuna ubungane obungasakha ngokomoya.

Enye inkambo eyingozi yileyo yokuhileleka ngokomzwelo nomuntu wobulili obuhlukile lapho umuntu engakhululekile ukuba ashade. Ingozi ingase iphakame lapho umuntu ekhangwa othile, ozingxoxo zakhe ziyashukumisa, onombono ofana nowakhe nonamahlaya. Umuntu angase ajabulele ukuba naye, ethi, ‘Ngiyazi ukuthi kumelwe ngigcinephi. Simane nje singabangane.’ Nokho, lapho imizwa isivusiwe akulula ukuyilawula.

UMary, udade osemusha oshadile, wayekujabulela ukuba noMichael.a Wayengumzalwane okahle kodwa wayekuthola kunzima ukwakha ubungane. Babenezinto eziningi ababefana ngazo, futhi bathola ukuthi babengenza amahlaya ndawonye. UMary wakhohliseka wacabanga ukuthi lomzalwane ongashadile wayefuna ukuthululela isifuba sakhe kuye. Ngokushesha, lokho okwakubonakala kuwubungane obumsulwa kwaba ukusondelana okujulile okungokomzwelo. Bachitha isikhathi esiningi ndawonye futhi ekugcineni baziphatha kabi. “Kwakufanele ngiyiqaphele zisuka njé lengozi,” kububula uMary. “Lapho ubungane sebuqinile, bafana nesihlabathi esimanzi esasisishonisa ngokujule nakakhulu.”

Akumelwe silokothe sikhohlwe isixwayiso seBhayibheli: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?” (Jeremiya 17:9) Njengegagasi elidudulela umkhumbi kaseyili emadwaleni, inhliziyo yethu ekhohlisayo ingasiholela ebuhlotsheni obungokomzwelo obuyingozi. Liyini ikhambi? Uma ungakhululekile ukuba ushade, zimisele ukugwema ukuhileleka ngokomzwelo nothile okukhangayo.—IzAga 10:23.

Ukugqashula Nokuzigcina Ungekho Engozini

Kuthiwani uma kakade sizithola sisengozini engokomoya? Lapho isivunguvungu namagagasi siwadudulela ogwini olunamadwala, ngokuzimisela amatilosi abhekisa imikhumbi yawo phakathi olwandle, noma aphambane nomoya, kuze kube yilapho efinyelela endaweni ephephile emanzini. Ngokufanayo, kumelwe sizabalazele ukugqashula. Ngokulalela iseluleko esingokomBhalo, ukuthandazela usizo lukaJehova ngobuqotho, nokufuna usizo kubazalwane abavuthiwe abangamaKristu, singaphindela enkambweni ephephile. Siyophinde sibusiswe ngokuthula kwengqondo nenhliziyo.—1 Thesalonika 5:17.

Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu ziyini, siyobe sihlakaniphile uma sizigcina sikude ‘nezinto zezwe.’ (Galathiya 4:3, NW) Ngokungafani noLoti, u-Abrahama wakhetha ukungahlali namaKhanani ezwe, ngisho nakuba kwakusho ukuhlala ematendeni iminyaka eminingi. Mhlawumbe wayengenakho ukunethezeka kwezinto ezibonakalayo, kodwa indlela yakhe elula yokuphila yamvikela ngokomoya. Kunokuba aphukelwe umkhumbi wokholo lwakhe, waba “nguyise wabo bonke abakholwayo.”—Roma 4:11.

Njengoba sizungezwe izwe elizitikayo ‘elimoya’ walo unamandla ngaso sonke isikhathi, kudingeka silandele isibonelo sika-Abrahama. (Efesu 2:2) Uma samukela isiqondiso sikaJehova kuzo zonke izinto, siyobusiswa ngokujabulela isivikelo sakhe sothando esivela kuye ngokuqondile. Siyozizwa ngendlela uDavide azizwa ngayo: “Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Impela okuhle nomusa kuyangilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube-phakade.” Akungabazeki, ukuhamba “ezindleleni zokulunga,” kunokuphambukela ezindleleni eziyingozi, kuyoletha izibusiso zaphakade.—IHubo 23:3, 6.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 24]

Uma ungakhululekile ukuba ushade, gwema ukuhileleka ngokomzwelo nothile okukhangayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela