Funda Ukulalela Ngokwamukela Ukuyalwa
AKE uzicabange umi phezu kwewa lentaba ephakeme unomuzwa wokuba phezu komhlaba ngokoqobo. Yeka umuzwa ojabulisayo wenkululeko!
Nokho inkululeko yakho ilinganiselwe ngempela. Umthetho wamandla adonsela phansi ukulinganisela kakhulu konke ukunyakaza kwakho; ukushibilika kanye kungaphumela enhlekeleleni. Ngakolunye uhlangothi, yeka indlela okwanelisa ngayo ukwazi ukuthi wona kanye lomthetho ofanayo wamandla adonsela phansi ukuvimbela ekupheshulelweni emkhathini ngokungenakuzisiza. Ngakho-ke ngokusobala lomthetho uzuzisa wena. Ukwamukela imingcele oyibekela ukunyakaza kwakho lapho phezulu esiqongweni sentaba kuyazuzisa, kusindisa ngisho nokuphila.
Yebo, ngezinye izikhathi imithetho nokuyilalela kungase kulinganisele inkululeko yethu, kodwa ingabe lokhu kwenza ukulalela kungafiseleki?
Indlela UNkulunkulu Abheka Ngayo Ukulalela
‘NjengoMdali Omuhle,’ uJehova ‘ungumthombo wokuphila.’ Ngalesizathu zonke izidalwa zakhe ngokufanelekile zimkweleta ukulalela. Ebonisa isimo sengqondo esifanelekile, umhubi wabhala: “Masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu. Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.”—UmShumayeli 12:1; IHubo 36:9; 95:6, 7.
Kusukela ekuqaleni uNkulunkulu ubefuna izidalwa zakhe zilalele. Ukuqhubeka kuka-Adamu noEva bekhona ePharadesi kwakuxhomeke ekulaleleni. (Genesise 2:16, 17) Ngokufanayo izingelosi kwakulindeleke ukuba zilalele, ngisho nakuba ziwuhlobo lokuphila oluphakeme kunabantu. Ngenxa yokuthi ezinye zalezidalwa zomoya ‘azilalelanga lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kuzilindele ezinsukwini zikaNowa,’ zajeziswa ngokuba ziphonswe “emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa.”—1 Petru 3:19, 20; 2 Petru 2:4.
Ngokusobala, uNkulunkulu ubheka ukulalela njengemfuneko yokuthola ukuvunyelwa nguye. Siyafunda: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamela ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.”—1 Samuweli 15:22.
Kumelwe Kufundwe—Isizathu Nendlela Yokukwenza
Ukulalela kuholela ekumeni okulungile noNkulunkulu, ngakho yeka indlela okuyisidingo ngayo ukuba sikufunde! Njengokufunda olunye ulimi, umkhuba wokulalela singawufunda lapho sisebancane. Kungakho iBhayibheli ligcizelela ukuqeqeshwa kwezingane ziseyizinsana.—Joshuwa 8:35.
Abanye abantu besimanje bayawuphikisa umbono weBhayibheli, bathi ukufuna ukuba izingane zilalele kufana nokudlwengulwa okungokwengqondo. Baphikisa ngokuthi izingane kufanele zivunyelwe ukuba zithuthukise imibono yazo siqu nezindinganiso ezingaphila ngazo ngaphandle kokugxambukela komuntu omdala.
Kodwa ngawo-1960 lapho abazali abaningi babenalombono, uWilhelm Hansen, umfundisi, umhleli, noprofesa wokusebenza kwengqondo, wayenombono ohlukile. Wabhala: “Ngomntwana osakhula, ngesikhathi lapho ubuhlobo bakhe nabazali bakhe busabalulekile, ‘okubi’ yilokho abazali abakwenqabayo futhi ‘okuhle’ yilokho abakutusayo nabakuncomayo. Ngakho-ke, ukulalela kukodwa kuqondisa ingane emithethweni yokuziphatha nasezindinganisweni eziyinhloko isimo sakhe ngesimiso sokuziphatha esixhomeke ebukhoneni bako.”—Qhathanisa nezAga 22:15.
IZwi likaNkulunkulu ligcizelela isidingo sokufunda ukulalela. Siyafunda: “Ngiyazi, NKOSI, ukuthi umuntu akazikhetheli izindlela zakhe; futhi akazinqumeli inkambo yakhe ekuphileni.” (Jeremiya 10:23, The New English Bible) Umlando ugcwele izibonelo lapho abantu beye baziklamela inkambo yabo siqu yokuphila ngokwezindinganiso zomuntu siqu futhi ngokwenza kanjalo baye bangena ebunzimeni obungathi sína. Kungani lokhu kwenzeka kaningi kangaka? Kungenxa yokuthi abantu bantula ulwazi, ukuhlakanipha nokuqonda kokuklama inkambo yabo yokuphila ngaphandle kosizo. Okubi ngaphezu kwalokho, banokuthambekela abakuzuza njengefa kokwenza izinqumo ezingalungile. Ngokushesha ngemva kukaZamcolo, uJehova wathi ngomuntu: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.”—Genesise 8:21.
Ngakho-ke, akekho okuzuza njengefa ukuthambekela kokulalela uJehova. Kumelwe sikugxilise ezinganeni zethu futhi siqhubeke sikufunda kukho konke ukuphila kwethu. Ngamunye wethu udinga ukuhlakulela isimo senhliziyo seNkosi uDavide, owabhala: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.”—IHubo 25:4, 5.
Fundisa Ukulalela Ngokuba Ngolalelayo
Unina kaJesu nosingayise babezazi kahle izimo uJesu ayezozalwa ngaphansi kwazo. Ngakho-ke baqaphela ukuthi wayeyoba nengxenye ebalulekile ekugcwalisekeni kwezinjongo zikaJehova. (Qhathanisa noLuka 1:35, 46, 47.) Endabeni yabo amazwi athi “Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova” ayenencazelo eyingqayizivele. (IHubo 127:3) Babewuqaphela ngokugcwele umthwalo wabo wemfanelo omkhulu futhi ngaleyondlela beshesha ukulalela iziqondiso zaphezulu, njengalapho betshelwa ukuba babalekele eGibithe noma kamuva baye eGalile.—Mathewu 2:1-23.
Abazali bakaJesu bawuqaphela futhi umthwalo wabo wemfanelo ngokuphathelene nokuyala. Yiqiniso, ekuphileni kwakhe engakabi umuntu, uJesu wayelokhu elalela ngaso sonke isikhathi. Kodwa ngesikhathi esemhlabeni, wafunda ukulalela ngaphansi kwezimo ezintsha ngokuphelele. Phakathi kokunye, kwakufanele alalele abazali abangaphelele ngoba ngisho nengane ephelele iyakudinga ukuyalwa kohlobo lokuqondiswa nokufundiswa. Abazali bakhe bamnikeza lokhu. Ngakolunye uhlangothi, ukuyala kohlobo lokujezisa kwakungadingeki. UJesu wayelalela ngaso sonke isikhathi; kwakungadingeki aze atshelwe kabili. Siyafunda: “Khona-ke waya nabo [abazali bakhe] ekhaya eNazaretha futhi wabalalela.”—Luka 2:51, Phillips.
UJosefa noMariya babeyazi futhi indlela yokufundisa uJesu ngesibonelo. Ngokwesibonelo, sifunda ukuthi “abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.” (Luka 2:41) Ngokulungiselela ukuhamba nomkhaya wakhe, uJosefa wabonisa ukuthi wayenesithakazelo enhlala-kahleni yawo engokomoya nokuthi ukukhulekela uJehova wayekuthatha ngokungathi sína. Ngezindlela ezifanayo, ngokulalela kwabo siqu abazali ezindabeni zokukhulekela bangafundisa izingane zabo namuhla ukulalela.
Ngenxa yokuyala okuhle ekulungeni kukaJosefa noMariya, “uJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.” Yeka isibonelo esihle ngabazali abangamaKristu ukusilandela namuhla!—Luka 2:52.
“Lalelani . . . Ezintweni Zonke”
“Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.” (Kolose 3:20) UJesu wayengabalalela abazali bakhe ezintweni zonke ngoba ukulalela kwabo uJehova kwakubavimbela ukuba bafune kuJesu—kubafowabo nodadewabo ngamzali munye—noma yini ephambene nentando kaJehova.
Abazali abaningi namuhla bafundisa futhi izingane zabo ngokuphumelelayo ukuba zilalele ezintweni zonke. Lalela obaba abathathu, esezidlulile izinsuku zabo zokukhulisa izingane, manje abakhonza egatsheni elithile leWatch Tower Society.
UTheo ukhuluma ngendlela yena nomkakhe abakhulisa ngayo amadodana ayisihlanu. Uthi: “Kubalulekile ukwenza izingane zazi zisuka nje ukuthi nathi thina bantu abadala siyawenza amaphutha. Ngokudabukisayo, size siwaphinde futhi ngokuqhubekayo sicela intethelelo nosizo kuBaba wethu wasezulwini. Ngamabomu savumela izingane zethu ukuba zibone ukuthi njengoba zazilwisana nezinkinga zobusha, nathi sasilwisana nezinkinga zokuba abantu abadala.”
Ukuze ingane ifunde ukulalela, ubuhlobo bothando phakathi kwayo nabazali bayo bubalulekile. UHermann uthi ngomkakhe: “Wayengeyena nje unina wabafana kuphela kodwa engumngane wabo futhi. Babekwazisa lokhu, ngakho-ke akubanga nzima ngabo ukulalela.” Khona-ke enikeza iseluleko esisizayo ngendlela yokuthuthukisa ubuhlobo bomzali nengane, uthi: “Eminyakeni eminingana senza ngamabomu ukuba singabi nomshini wokugeza izitsha, ukuze izitsha zigezwe futhi zisulwe ngezandla. Amadodana ethu abelwa ukuzesula, eshintshana. Sasingekho esinye isikhathi esingcono sokuxoxisana okuvamile.”
Ubuhlobo bothando bomzali nengane busebenza njengesibonelo sobuhlobo umKristu okumelwe abe nabo noJehova. URudolf uchaza indlela yena nomkakhe ababasiza ngayo abafana babo ababili ukuba bakhe ubuhlobo obunjalo: “Isisekelo sethu sasiyisifundo somkhaya sasikhathi sonke. Sasabela izingane izihloko eziningana ezifanelekile ezazizocwaninga ngazo. Sasifunda futhi iBhayibheli ndawonye bese kamuva sixoxa ngalokho kwaziswa. Amadodana ethu ayebona ukuthi uJehova ulindele ukuba abazali balalele, hhayi nje izingane.”
Abazali abangamaKristu bayaqaphela ukuthi umbhalo ophefumlelwe othi: ‘Ukusola ngokulaya kuyindlela yokuphila’ usebenza kubona nasezinganeni zabo ngokufanayo. Ngakho-ke nakuba izingane zinesibopho sokulalela abazali bazo ezintweni zonke, nabazali kumelwe balalele kuzo zonke izinto uJehova azifunayo kubo. Ngaphandle kokuqinisa ubuhlobo bomzali nengane, abazali nezingane bayofuna ukuqinisa ubuhlobo babo noNkulunkulu.—IzAga 6:23.
Bheka Ukulalela Ngombono Oqondile
Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi iZwi likaNkulunkulu linikeza iseluleko esisebenzayo ngokukhulisa izingane! (Bheka ibhokisi.) Izingane ezifunda ukulalela kubazali abaziyala ngokulunga ziwumthombo wangempela wentokozo wabo bonke ubuzalwane bobuKristu.
Njengoba ukulalela uNkulunkulu kusho ukuphila, kufanele sikugweme ukudlala ngombono wokubekela eceleni imingcele ebekwa yiziyalo zikaNkulunkulu enkululekweni yethu siqu—ngisho nokwesikhashana. Ngokwesibonelo, cabanga ukuba besingabekela eceleni okwesikhashana nje umthetho wamandla adonsela phansi. Yeka indlela ebesingajabula ngayo ngokuzindizela sisuka esiqongweni sentaba siya phezulu esibhakabhakeni kungekho lutho oluvimbela inkululeko yethu! Kodwa yini ebingenzeka uma nje izinto zibuyela esimweni esivamile? Cabanga ngokuwa obekuzobe kusilindele!
Ukufunda ukulalela ngokwamukela ukuyalwa kunengxenye ekwakhekeni kobuntu obulinganiselayo futhi kusisiza ukuba siyazi imingcele yethu. Kusisiza ukuba sigweme ukufuna okwengeziwe nokungakhathaleli amalungelo nezidingo zabanye. Kusisiza ukuba sigweme ukuhlaselwa ukungaqiniseki. Kafushane nje, kuphumela enjabulweni.
Ngakho-ke kungakhathaliseki ukuthi ungumuntu omdala noma uyingane, funda ukulalela ngokwamukela ukuyalwa ukuze “kube-kuhle kuwe” futhi ukuze “uhlale kade emhlabeni.” (Efesu 6:1-3) Ubani ofuna ukubeka engozini ithemba lakhe lokuphila phakade ngokwehluleka ukufunda ukulalela ngokungakwamukeli ukuyalwa?—Johane 11:26.
[Ibhokisi ekhasini 29]
BAZALI, FUNDISANI UKULALELA NGOKUYALA EKULUNGENI
1. Yalani ngesisekelo semithetho nezimiso ezingokomBhalo.
2. Ningayali nje ngokufuna ngenkani ukulalelwa kodwa ngokuchaza ukuthi kungani ukulalela kuyinkambo yokuhlakanipha.—Mathewu 11:19b.
3. Ningayali ngentukuthelo nangomsindo.—Efesu 4:31, 32.
4. Yalani phakathi nobuhlobo obufudumele bothando nokunakekela.—Kolose 3:21; 1 Thesalonika 2:7, 8; Heberu 12:5-8.
5. Fundisani izingane kusukela ziseyizinsana.—2 Thimothewu 3:14, 15.
6. Yalani ngokuphindaphindiwe nangokuvumelanayo.—Duteronomi 6:6-9; 1 Thesalonika 2:11, 12.
7. Zifundiseni nina kuqala futhi ngaleyondlela nifundise ngesibonelo.—Johane 13:15; qhathanisa noMathewu 23:2, 3.
8. Fundisani ninokwethembela ngokugcwele kuJehova, nicele usizo lwakhe ngomthandazo.—AbAhluleli 13:8-10.
[Isithombe ekhasini 28]
‘Ukusola ngokuyala kuyindlela yokuphila’