Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 10/1 k. 32
  • ‘Amazulu Ayalanda . . .’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Amazulu Ayalanda . . .’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 10/1 k. 32

‘Amazulu Ayalanda . . .’

Cishe amakhilomitha ayizigidi ezingu-150 kusuka lapho ukhona njengamanje, ilanga likhanya ngokukhanya okunjengomlilo esibhakabhakeni. Nakuba sekuyizinkulungwane zeminyaka likhulekelwa njengonkulunkulu, ilanga eliwumakhelwane wethu okhazimulayo wasesibhakabhakeni, kunokuba libe unkulunkulu, liwubufakazi bamandla oMdali walo, “owenzile izulu nomhlaba.” (IHubo 115:15) Ukukhanya nokufudumala kwalo kudingekile ngenxa yokuphila emhlabeni. Futhi amaqiniso ososayensi abaye bawafunda ngalo ayasimangalisa.

Sitshelwa ukuthi ilanga likhipha izilinganiso ezinkulu kakhulu zamandla. Ingabe ubuqaphela ukuthi ukushisa nokukhanya elikukhiphayo okungaphansi kwengxenye yezinkulungwane eziyisigidi kuvinjwa umhlaba? Nokho, leyongcosana umzuzu ngamunye ilingana namandla amakhulu amahhashi angu-240 000 000 000 000!

Ilanga liwenza kanjani wonke lawomandla? Ngesithando esikhulu senyukliya esisemnyombweni welanga esikhipha amandla ngokushisa amathani acishe abe yizigidi ezine ehydrogen umzuzwana ngamunye. Ngokujabulisayo ngesintu, kunamandla anele elangeni okugcina lesimiso siqhubeka izigidi eziyizigidi zeminyaka.

Ezinye izinto ososayensi abaye bazithola zibangela imibuzo eyengeziwe. Ngokwesibonelo, ilanga lihlala liveva, njengothayela oshaywe ngesando. Kungani? Futhi, cabangela lokhu: Umnyombo welanga ovuthayo iyona ngxenye yalo eshisa kakhulu futhi ngokuvamile ungqimba olukude nomnyombo ilona olupholile. Kodwa uma siza ongqimbeni olungaphandle lwesakhiwo selanga, icorona, lokho kuyashintsha. Icorona iyashisa kunezingqimba eziseduze nomnyombo ovuthayo. Kungani?

Ngaphezu kwalokho, nakuba njengomhlaba ilanga lijikeleza, izingxenye ezihlukahlukene zijikeleza ngamajubane ahlukahlukene. Ngokwesibonelo, ubuso balo bujikeleza ngokushesha kunezingqimba ezingaphakathi. Kungani? Futhi kungenzeka kanjani lokho? Bese kuba khona amachashazi amnyama elanga. Lamabala asebusweni elangeni ayavela futhi anyamalale emjikelezweni ohlelekile othatha isikhathi esingaphezu kweminyaka engu-11. Kungani eshintsha ngendlela ehleleke kangaka?

Nakuba kusenokuningi okusazofundwa ngelanga, esesikwazi kakade kusenza simbheke ngokuthuthumela uMdali walo, uJehova. Ngazo zonke izikhathi lapho sibona ilanga, sikhunjuzwa ukuthi “amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.”—IHubo 19:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela